Now Reading
IMbube nomlayezo ebuthweni Izitoyitoyi
Dark Light

IMbube nomlayezo ebuthweni Izitoyitoyi

ISILO seluleke ubuholi be-Economc Freedom Fighters ngokwenza isithombe esihle ngeqembu

“NJENGOBA OMA ngabe ngubani onesifiso sokuhola leli lizwe kuyo yonke imikhakha kaHulumeni kumele azi ukuthi ukwenza kwakhe engakabi kuHulumeni kuyisibuko sohlobo loHulumeni azoba nguye”. Lawa ngamagama aphinyiswe yiSILO siwaqondise kubaholi be-Economic Freedom Fighters (EFF). Laba baholi obekubalwa kubo noMengameli wale nhlangano uMnu uJulius Malema bebe yokotha iSILO eHlalankosi, kwaNongoma ngenhloso yokuzethula kanye nokuzobika ngomgubho ozoba seThekwini nayilapho leli qembu ligubha khona iminyaka emine lasungulwa. Ukuzethula kwamaqembu akuyona into entsha njengoba kwaqala ngeqembu lokuqala laboHlanga I-African Native Congres (namuhla esiyi-African National Congress) eyazethula kuMamonga woSuthu, iNgonyama uDinuzulu.

Ongangezwe Lakhe obegubha usuku lwakhe lokuzalwa eqeda iminyaka engama-69 izolo uqale ngokutusa igalelo labantu abasha nabesifazane emzabalazweni waboHlanga nathi leli galelo laqala ngezikhathi zaMakhosi oHlanga.

“Iqiniso lithi umzabalazo wethu wawungeke wayaphambili ukube abantu abasha nabesifazane babengekho. Ubufakazi balokho busemlandweni wawo umzabalazo wethu uqobo, kusuka ngezikhathi zaMakhosi afana neNgonyama uCetsthwayo, uDinuzulu, uNgungunyana, uMoshoeshoe nabanye. Isibonelo nje lapha kwaZulu ibutho elabe libaba ha eSandlwana ngesikhathi ibhekene nabahlaseli bamaNgisi ngonyaka we-1879 kwakuyiNgobamakhosi. Leli butho elahlabana kwakuyintsha. Kanti ngisho iNgonyama uDinuzulu nayo yathatha iSihlalo ineminyaka eli-16 nje vo. Angikhulumi ngamabutho afana neZitoyitoyi ngezikhathi zeNgonyama uDingane kanye noFasimba lweNgonyama uShaka.

“Okuhlale kungihlekisa wukuthi la magama alamabutho nawathatha nina bepolitiki nabiza ngawo izinhlaka zenu zentsha, ngiyazi nje intsha kaKhongolose kuthiwa nguVukayibambe, ibutho leNgonyama uDinuzulu kuthi intsha yamaKhomanisi kuthiwe wuFasimba lweNgonyama uShaka. Kwazi bani mhlawumbe nani niyohamba nalo leli leZitoyitoyi” kusho Ongangezwe Lakhe.

Omdala uqhubeke wathi: “Ngiyazi ninolwazi ngabaholi ababeyintsha abangena kwezwakala emzabalazweni wethu ngaphansi kwezinhlangano, lapha ngikhuluma ngabaholi abafana noMnu uMuziwakhe Antony Lembede owaba nguMengameli wokuqala kaVukayibambe. Babekhona noMnu uRobert Mangaliso Sobukwe owaba nguMengameli wokuqala wePan Africanist Congress, wayekhona noMnu uSteve Biko weBlack Consiousness Movement, nabanye abaningi. Isithombe engizama ukusibeka lapha ngesokuthi, abantu abasha nxa benikwe ithuba bayakwazi ukwenza okuhle. Nokho sengikushilo lokho kuhle samukele ukuthi laba baholi babenendlela yokwenza nokwakudala ukuthi bangagcini nje ngokuhlonishwa ngontanga yabo kepha bahlonishwe nayizingwevu noyise nonina.”

INdlondlo ibe isijula kakhulu lapho ithi kubuholi be-EFF: “Akuyona inhlamba ukusho ukuthi iqembu lenu lakhiwe ngabantu abasha nabanombono owehlukile. Yize ngingeyena umlandeni wamaqembu kepha ezinkulumnweni zenu ngike ngizwe nicaphuna kulokho okwabe kukhulunywa ngabanye balaba baholi esengibabalulile. Umbuzo-ke uthi ngabe nizokukuthatha konke yini okuhle ababekwenza nababekusho okwabe kuyizimfundiso ezinhle?

See Also

“Iqembu lenu lifike lapho iNingizimu Afrika njengawo wonke amazwe emhlabeni idinga imicabango emisha yokuzithuthukisa. Lapho izinga lokuswelakala kwemisebenzi liphezulu. Nangesikhathi kunesidingo sokubambisana kwemiphakathi eyahlukene ukuze kuthuthuke izwe. Lezi nezinye yizindingo zezwe lamanje kanye nezwe elizayo. Umbuzo oqondene nani ngowokuthi ngabe nikulungele yini ukuba yingxeye yaleli lizwe nesikhathi esisha?” Emuva kokubuza lo mbuzo iSILO sithe nxa abe-EFF bekulungele ukuhola ngabe ukwenza kwabo kuyenza yini bahlonishwe ngontanga kanye nabantu nje jikelele.

Ukuklwebhana nabalandeli

Ongangezwe Lakhe ube eseveza ilaka lakhe ngesithombe okungenzeka ukuthi kasilona iqiniso esivela nxa abaholi beklwebhana ePhalamende. “INingizimu Afrika ikakhukukazi aboHlanga sebedlule ezintweni eziningi ezibuhlungu ezihlobene nodlame nokungahlonishwa. Lokhu abasakudingi. Yikho nje iqembu noma umuntu ofisa ukubahola kumele athembise ukuthi uzobahlonipha. Ukuhlonipha kusuka ekuziphatheni kwenu njegosopolitiki. Ekuxhumaneni nabantu kanjalo nasezinhlelweni eniziletha kubantu. Ngihlale ngikhathazeka nxa senginibona niklwebhana ngizibuze ukuthi ngabe laba enibaholayo bayaqonda yini ukuthi lokhu enisuke nikwenza kuwukungcweka noma bazogcina sebecabanga ukuthi enikwenzayo kuyindlela okumele nabo benze ngayo lapho behlala khona.” ISILO siqhubeke sathi: “Ngikusho lokhu ngazi kamhlophe ukuthi yize nihlale ninephuzana lapha kuthelevishini kepha abanye benu bangabangani kabaxabene njengoba sisuke sibuka kumathelevishini. Umbuzo uthi amalungu enu lapha emakhaya ayakwazi yini lokho noma acabanga ukuthi niyizitha ezifungelwe?” Sibe sesilandisa ngomlando womunyu lapho umkhonto wabe ugwaza ekhaya.

“Kule minyaka engama-69 omusa ngiyazi ukuthi uma kuliwa noma kubulawa abantu akuvamile ukuthi kubulawe abaholi kepha izidumbu kuba ngezabalandeli. Yikho nje nanamuhla nxa kukhulunywa ngabantu abangaphezu kwezi-20 000 ababulawa ngodlame phakathi kwamaqembu epolitiki ngale kowe-1994, uhlu lwamagama lugcwele abalandeli.” Ongangezwe Lakhe njengoba enza kwamanye amaqembu asuke ezozethula ufisele abaholi baleliqembu okumhlophe.

Scroll To Top