Now Reading
KwaSizabantu, engakubona nengikwaziyo
Dark Light

KwaSizabantu, engakubona nengikwaziyo

Kunemithetho nenqubo okubekiwe okwenza ukuthi imigomo yemishini igcineke okuwukufunda ukuzimela, ukuzithiba, ukunqoba ubuthaka nezifo, utshwala nezidakamizwa 


Kwathi lapho sebelungiselele ukuthola bonke ubufakazi ababebufuna bokubeka uJesu amacala kwaqhubeka kanje. Elinye lawo kwakuyikuthi uJesu wayelapha ngeSabatha. Laphaya emnyango kwakukhona impumputhe yayizokuba ngufakazi oqanda ikhanda. Kwakulindelwe ukuba ivume ukuthi yelashwa ngeSabatha. Lapho sebeqala ukugculiseka ngobufakazi obabuphambi kwabo basha amashushu. Lowo owayeyimpumputhe kwakufanele avume ukuthi wazalwa enjalo. Kwakufanele aqinisekise futhi ukuthi lowo owayeguqule lesi simo sakhe kwakunguJesu waseNazaretha nokuthi lokho wakwenza ngeSabatha. Lapho-ke izintshebe nezimpandla sezimbheke emehlweni zishicilela ubufakazi bokugcina, owayeyimpumputhe wathi  yena akazixakanisile nakho konke okushiwoyo, kunye akwaziyo yilokhu kokuthi ubengaboni manje useyabona.

Lesi isiboniso sokuthi ubuholi buyafika lapho buhlaselwa khona ngezindlela eziningi, kodwa bayadingeka abashoyo ukuthi bazini. 

Ngaqala ukubona uMfundisi u-Erlo Stegan kunomfihlo womunye waBantwana baKwaPhindangene. Kwakusethendeni elikhulu elalimiswe khona emzini woMntwana waKwaPhindangene. Ingqondo yami yagxila endleleni ayeshumayela ngayo ngokwethemba, ukwethembeka, ubuqotho nezisekelo zobuntu. Intshumayelo yakhe yayihamba kanje: “Kwakukhona isicebi sasepulazini elithile. Sanquma ukuya phesheya nonkosikazi nezingane unyaka wonke. Sathi sifisa ukuzijabulisa kesiphumule sihlunge umqondo emveni kokusebenza iminyaka eminingi epulazini. Sasibonga impumelelo futhi sizimisele ukukhombisa nalabo ababebambisene nabo epulazini ukubonga kwaso. Enye yendlela esasizokhombisa ngayo ababekade besebenza naso, yiziphiwo ezehlukene uma sesibuya phesheya. Inye into eyayilokhu iyisikweletu enhliziyweni yaso. Kwakufanele imukelise izisebenzi zayo izipho ezaziyokwenza nazo ziphumule zikwazi ukuphila ngalokho ezaziyophiwa khona sekuvaleliswana. 

Isicebi sase sibiza uGerry. “Gerry, sesihlalile nawe yonke le minyaka. Ngisahamba ngiyovakashela phesheya kwezilwandle njengoba sewuzwile. Sinye isikweletu enginaso enhliziyweni yami. Ngifisa ukwakha indlu ezophumulela umkhwenyana wendodakazi yami engizomsikela lapha epulazini. Ngiyayithanda le nsizwa ngoba ikwazi ukubambisana nabantu esebenza nabo. Ngisize-ke usale wakha le ndlu, nansi ipulani. Wena uyakwazi ukufunda kahle amapulani. Futhi kukhona uJobha okwazi kahle ukwakha. Uma nibambisene nizokwakha indlu enhle. Abantu bayokhombisana ngayo isipendwe isimhlophe batshelane ukuthi yakhiwa yinina kungekho ngisho namninipulazi eduze kwenu. Nonkosikazi wakho uyoziqhenya ngawe lapho sekulokhu kubatshazwa umsebenzi omuhle owenzile.”

Wavuma uGerry. Wahamba umniniplazi. Kwaphela inyanga kugujwa kancane imfayindeshi yendlu bese kuyekwa. UGerry wayetshela abangani bakhe lapho babecisha khona ukoma ukuthi usezwa ukuba ngubasi ngokwakhe. Wayevuka ekuseni aye edolobheni ayohlela ukuba kusiwe isihlabathi nosimende esizeni esasilungiselelwa ukwakha. Kwathi lapho ephakathi nokuqedela imfayindeshi uJobha, uGerry wayesenquma ukuthi uzohamba naye lapho eyothenga impahla. Impahla yayithengwa amancozuncozu ngoba kwakwesatshwa ukuthi izophelela ezandleni zamasela uma isesizeni ubusuku bonke, ngisho kungathiwa ukhona ogadile, kasikho isiqiniseko sokuthi akunyamalali lutho. Okwaphawuleka ukuthi uGerry wayesethumela uJobha yedwa esitolo. Maqede athi uJobha akaze kuye uma eselifakile i-oda. Bese bezitika bethi basebumnandini. Akekho owayebheka ukuthi impahla iyiyo yini noma iphelele yini. 

Unkosikazi kaGerry ebona lokhu wakhuza waze wakhathala. Wayelokhu eshilo ethi: ‘We Gerry, kodwa uyabona yini ukuthi le ndlu kayizikuphela uma wena ungahlali emsebenzini?’ Athule nje uGerry.   Kuhambe kuhambe izinsuku abuye futhi unkosikazi athi: ‘We Gerry, uyabhekisisa yini okwenziwa endlini na? Abantu bathi kukhona izindonga ongazathi ziyatsheka.’ Ampinye amehlo nje uGerry. 

Nempela kwabonakala sekusele izinyanga ezine ukuba isicebi sibuye ukuthi sizofika indlu ingaphelile. Watatazela noGerry. Kwakhiwa kwaphuthunywa. Abase bethole isu lokufaka usimende omncane ekuxubaniseni nesihlabathi, baqhubeka. Omunye usimende babewuthatha bayokwakha ezabo izindlu. Ngakho le ndlu yakhiwa ngesihlabathi esiningi okuyokwenza indlu ibihlike mhla kwaba nezimvula ezinamandla.

Ngenhlanhla kwathi enyangeni yesine eyayisele kuphele unyaka, yaphela indlu. Yapendwa. Umsebenzi wawungemuhle. Kwakupendwe ngobudlabha kubonakala uma sewusondele, kupendeke nalapho kungafanele khona. Ezinye izindonga ezahlukanise amakamelo zazitshekile. UGerry waziduduza ngokuthi isicebi sasiyoyilungisa siqashe nabanye bakhe kabusha okwakudinga ukwakhiwa kabusha. 

Safika isicebi sithenge izimpahla zabantu babesebenze naso isikhathi eside ngokwethembeka. Samema umhlangano. Sazibongela. Sababela izipho ngisho nezinkomo ezimbili umuzi ngomuzi. Sanika uGerry inkunzi yohlobo nezithole ezintathu. Sagcina ngokuthi: “Gerry, ngibonga ngokukhethekileyo kuwe nonkosikazi wakho ngoba ngiyaye ngizwe ukuthi uhlala ekukhuthaza ukuba usebenze ngokuzimisela lapha epulazini. Ngesenzo senu, ngininika le ndlu ebeniyakha ngingekho. Umkhwenyana wentombazane useyohlala kulena yethu. Thina sesikhetha ukuthi siyohlala ngasolwandle. Kasikho isizathu sokuthi izohlala wonke unyaka ikhiyiwe ilindele ukuthi siyoze sivakashe ukuphela konyaka. Bashaya izandla abantu ethendeni bembongela. Wakhamisa uGerry, waqalaza, wasukuma wahlala. Zehla izinyembezi ezihlathini kunkosikazi zathi nje jwi…” kusho intshumayelo.

Udumo lwakwaSizabantu ngaqala ukuluzwisisa ngikwaDlangezwa kuyela phakathi kweminyaka ye-1970 kade kukhona insizwa yakwaSibisi eyathi ukuqeda kulesi sikole yemukelwa eNyuvesi iWentworth ngaleso sikhathi eyayiqeqesha abafundi babe ngodokotela. Kwathi emva kweminyaka leli bhungu lifunda liphumelela kwathiwa selithole ubizo lokusebenzela uNkulunkulu ngokugcwele kwaSizabantu. Ngalizwa lishumayela. Lalishumayela into eyingcwenga, ezikile. Ngisanda kuhlangana namadodana akhe amabili uMfu uSibisi eThekwini, makaphumule ngokuthula.

Ekupheleni konyaka odlule siye kwaSizabantu nomzala u-Adv uS Gumede, ozinikele futhi entuthukweni yomphakathi.  Semukelwa  nguMnu uT Mzobe engangimazela oNgoye lapho ayefunde khona ezohwebo neBachelor of Education Degree. Inhloso yethu kwakuyikubheka ukuthi amakhono akhona emishini angakwazi yini ukukapakela emphakathini. UMzobe wasithatha ngemoto sazungeza ipulazi sabona izithombo ze-avacado pear namhlathi ayesetshaliwe. Umoba wawusuncishiswa ngenxa yokuphazamiseka kwentengo kashukela ngendaba yaseBrazil naseSwazini. Sabona futhi ulethisi, ugreen pepper okwakuthunyelwa ngisho phesheya. 

UMzobe ungomunye wabaxhumanisi baMakhosi noSizabantu, enomkhwenyana walaphaya kwaSizabantu. Sabheka ukuthi intsha ingakwazi yini ukuzobona ukuze uma sikwazi ukuyisiza ikhulekele umhlabathi eMakhosini, ube nayo imiklamomisebenzi yayo yokulima. Kwathiwa lokho kwakunokwenzeka futhi kwakungeke kubizwe imali ngakho. 

See Also

Saya lapho kukhethwa khona izilimo eziya phesheya sathola ukubambisana okumangalisayo nokusebenza ngomoya omuhle kwabesifazane nabesilisa. 

Okokugcina ngithe ngenzisa izifundo kunkuthazakwenza (workshop) eMvoti ngesonto eledlule, ngahlangana nensizwa yakwaNene. Oqeqeshweni ngibuye ngibuze ukuthi umuntu usedlulaphi nakuphi. Yathi le nsizwa yayishayela epulazini. Yayihola i-R1 500 ngenyanga. Emva kwesikhathi yathola umsebenzi edeli. Lapho-ke yayihola izi-R4 000 ngenyanga. Kwathi emva kwesikhathi yathola umsebenzi wokushayela amaloli kwaSizabantu. Yayihola izi-R25 000 ngenyanga.

Sesihamba kwaSizabantu, uMzobe wasimemela itiye alikhokhela yena. Sabona ukuhloniphana nokwazisana kubantu ababelaphaya. 

Sabona futhi ukuthi kwakunemithetho nenqubo ebekiwe eyenza ukuba imigomo yemishini igcineke. 

Imigomo esiyaziyo yemishini ukufunda ukuzimela, ukuzithiba, ukunqoba ubuthaka nezifo, wukunqoba utshwala nezidakamizwa, ukusiza abanokhwantalala. Sezwa ukuthi abadinga usizo lwakwaSizabantu bayakwazi ukuya kabavinjwa wukuthi kabanayo imali yokukhokhela ukuhlala kwabo nosizo lwabathile abaqeqeshelwe ukusiza.

Ezikhathini eziqhakambisa ukuthi intuthuko isemadolobheni kuphela, ezolimo kazikwazi ukusimamisa imindeni, intshumayelo nokwenza kukaMfu uStegan kuqinisekisa ukuthi umhlabathi ungubaba ungumama. Sifunda ukuthi ukubambisana ukuhloniphana nokukhuthala kuyisisekelo sobuqotho empilweni. Uthi kuyisihlangu sethu sokungagutshuzelwa ngabaphangi nogombela kwesabo ngoba behlangene nabantu abalambile noma ababeke impilo yabo yonke ezandleni zabaqhwagi nabakhohlisi.

Elokugcina, izisekelonqangi zakwaSizabantu zisenza sikuxwaye ukuba sezimweni lapho sifana nabasika ikhala labo ukuze balaye ubuso babo. Ngamanye amazwe umuntu kufanele abone uma esekhuthazwa noma eseyengwa ukuba azigwaze ngowakhe kunoma yikuphi agcina efune ukukwenza. Sengathi bangaba baningi abanye oSizabantu emagqumeni ngamagquma akwaZulu, kuqondiswe okugwewile ngendlela eyakhayo, liqhubeke ifagugu nombonotalagu onike isithunzi esingaka ezindaweni zomdabu emakhaya.

Scroll To Top