Now Reading
AbanjengoLanga bayinsingo yokuzisika izinsumpa
Dark Light

AbanjengoLanga bayinsingo yokuzisika izinsumpa

Imibhalo kaLanga igqugquzela ulwazi ngomlando wepolitiki yakuleli ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi awushabalali nokuthi njengesizwe asiwaphindi amaphutha ayizolo


Kuleli sonto ngibe nenhlanhla yokuhlangana nabanye babakhiqizi bezingqayi kanye neziqephu zethelevishini kanye nababhali abahlonishwayo kuleli. Indawo bekuseMhlanga. Ubuzwa ezihlokweni ebezixoxwa lapha ukuthi nembala kuhlangene imihlathi eyazanayo kanye nabantu abahloniphanayo. Kubo bekukhona indodana yalapha kweleNdlovukazi uMthaniya, uMandla Langa. Ukuphinde sibonane noLanga kube yintokozo ngoba sobabili besinecala njengoba sagcina ukubonana ePoland eminyakeni emibili eyedlule nakhona sathembisana ukuthi nakanjani kumele sibuye sixoxe ikakhulukazi ngalokho esingakwenza ndawonye ekuthuthukiseni ukubhala ngolwethunga. Ngicabanga ukuthi ukubonana kwethu kwenze sagezelana.

Shiya nje umlando womndeni wakhe kwezomzabalazo nothinta abafowabo abafana noMehluleli uPius Langa kanye noBen Langa bobabili asebalandulela, uLanga ungusonkondlo, umbhali wezindaba ezimfushane, umbhali wamanoveli kanye nesishabasheki samasiko alapha eNingizimu Afrika. Inoveli yakhe  iThe Lost Colours of the Chameleon yamenza wadla umhlanganiso ngayo ngowezi-2009 kuCommonwealth Writers’ Prize. Ikhona neminye imisebenzi ahlonishwa ngayo umfo kaLanga efana neThere Will Be No Song This Year (1995), i-On the Road to the City ( 1985), i-A Rainbow on the Paper Sky (1989) kanye neThe Shelter of Memories (1990).

Ezweni lapho kulula ukukhohlwa ukuthi silapha nje kwabe kusukaphi kuthathe kube yisono esingexolelwe ukungayifundi imisebenzi kaLanga nabanye abasebenzisa usiba ukufundisa izizukulwane.

Inkondlo yakhe ethi There Will be no Songs This Year inabalingiswa ababili – umfowabo kanye nomfelokazi wendoda eyafela umzabalazo kuliwa nobandlululo – iveza ukugcizelela ubunzimna bempilo ngaphansi kobandlululo. Uveza abantu bebulawa ngezikhathi zokuzalwa kukaJesu akubuka ngeso lokuqonela ekubhaleni kwakhe njengokuzalwa okugcizelelwayo, njengoba izinkulungwane zifa. Ubuye aveze ubunzima obubhekana nowoHlanga eNingizimu Afrika ngaphansi kobandlululo njengoba echaza uThoko, ongumlamu womxoxi, osebenza enkampanini eyaziwayo lapho kukhona yonke into yempilo engcono aboHlanga baseNingizimu Afrika bekuhluphekela ukukuthola futhi isikhathi esiningi bagcina bengakutholanga. UThoko nomyeni wakhe bayatabalasa njengoba umyeni ezibophezele ekulweni nobandlululo okumholela ekutheni agcine engazi lutho ngezezimali. UThoko uzizwa eyingxenye yokufa komyeni wakhe ngoba wayengakwazi ukuhlala naye njengoba (umyeni) wayeyingxenye yomzabalazo. Umxoxi uyaziqhayisa ngokwenziwa ngumfowabo yize azi ukuthi kwakuseyena lowaya amshiya kubo eBethlehem ukuze abe yingxenye yomzabalazo. Uyehluleka ukuxolela uThoko ngokushiya umfowabo kodwa ekugcineni uyamsiza futhi akamshiyi yedwa.

Enkondlweni, i-On the Road to the City, eshicilelwe ngowe-1985, uveza ukufa nomzabalazo wobandlululo uma nje lusekhona futhi lunganakiwe ngamanye amazwe nabantu. Uchaza akubona ku-On the Road to the City ngowesifazane ongane yakhe imbobombobo yizinhlamvu, ngezindonga ezethuswe izinqwembe nodlame, kanye nangabesilisa bezama ukuthola isidingo sokubulala. Abantu enkondlweni yakhe bafuna usizo nokuqonda kodwa akekho ophendulayo. Ngokusebenzisa lokhu uLanga ukhombisa ukuthi kunzima kangakanani ukuqonda kuyo yonke le mbubhiso elethwa wubandlululo nokuthi kunzima kangakanani ukuthola usizo. Unxusa izakhamuzi zaseNingizimu Afrika ezizizwa zilahliwe futhi zesaba, uyazikhuthaza ukuba zime ziqine zinganyakaziswa yilutho njengoba esho ebinzaneni lokugcina ethi: “silapha futhi sizoba khona ukubona, okunye ukusa kwemihla, silibangise edolobheni, lokuzakhela thina ngokwethu’”(Langa, 1985). Uyachaza ukuthi ukuhlupheka kuyingxenye yendlela ebheke enkululekweni, edolobheni elizobe lakhiwe sekutholakale inkululeko lifanelwe wumzabalazo ongenamkhawulo.

Indaba i-A Rainbow on the Paper Sky enye yezindaba zikaLanga ezinde ezichaza imizabalazo yobandlululo kanti indlela abakuhumusha ngayo abafundi kukhombisa ukuthi uphumelele kangakanani uLanga ekudluliseni ubunzima bobandlululo nabantu ababebandlululwa.

See Also

Inkondlo yakhe ethi, The Shelter of Memories, eshicilelwe kujenali ye-ANC iRixaka ngowe-1990, ikhombisa ubulwane nobunzima kobandlululo lapho kuchazwa izimpi nokubulawa kufunwa inkululeko. Ikhombisa amabutho ebuya opha, imilenze nezandla kuntayekile futhi bathokozele ukusimama kolunye usuku kuliwa (Langa, 1990).

Ngosiba uLanga uyakwazi ukuthatha akubeke kepha futhi ungumuntu oqaphelayo ukuthi usiba lolu nakuye lube wumduduzi nomfundisi ngoba ezinye izinto azibhalayo kuyezwakala ukuthi lapha kuxoxa umhambi wendlela. Emibhalweni yakhe uyakuzwa ukulila komuntu owenza konke ukuba elakuleli likhululeke, khona lapho uyakuzwa ukuphoxeka kwakhe manxa izinto zingasahambi njengezifiso zalabo ababelwela inkululeko.

Isikhalo sami sinye nje naye uLanga nabanye abasaziyo, ngiyafisa yonke le mibhalo, yonke le mizwa ikhishwe ngezilimi zaboHlanga. Esikuxoxe eMhlanga kwenza ngibe nethemba lokuthi lokhu kuzokwenzeka ngesethu isikhathi.

Scroll To Top