Abavoti bakuleli babhekene nesimo esingejwayelekile
UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
Izinto zimapeketwane eqenjini elibusayo nakuwo wonke amaqembu aphikisayo
Isikhathi sokhetho siletha ithemba lokuthi kukhona okusha okungahle kwenzeke. Cishe lesi yisikhathi esiyimvelakancane lapho amandla okwenza izinto esuke elele kumuntu oyedwa -umvoti. Lapha umvoti usuke esethubeni eliyinqabakutholwa lapho engajezisa noma aklomelise amaqembu epolitiki. ENingizimu Afrika ziningi izizathu ezingenza abavoti bafise ukuthola lawa mandla. Awudingi ukuthi ube ngungoti wepolitiki ukuqaphela ukuthi kukhona okungahambi kahle kuleli. Okungejwayelekile kulesi simo yikuthi konakele nxa zonke. Siphetha isonto nje imikhonto icijile ngaphandle nangaphakathi eqenjini elibusayo i-African National Congress (ANC).
Iphunga lezinsolo zenkohlakalo kanjalo nebhatshi lenkohlakalo selize lalifanela leli qembu. Kumalungu ale nhlangano kusuka kwamancane kuya kwamadala kubatshazwa esifanayo, ubugovu, ubuqola nokuzehlisa isithunzi ngezenzo zenkohlakalo. Ungaze wenze iphutha uthi ababi batholakala ekwebiweni kwemali kuphela, bakhona nalaba abayizimungulu, abathula imikhuba yenzeka nabo abanecala elifanayo. Phela njengoba ngihlale ngisho, lapha kupolitiki unephutha wenza ube nephutha ngisho ungenzi.
Empilweni yayinoma yiliphi iqembu lombangazwe abukho ubuhlungu obedlula ukuzwa ukuthi abantu obukade ubalwela sebethi kwabe kungcono bengakhululekanga. Baqome impela ukubuyela ebugqilini ngenxa yezinto abazibona lapho kuthiwa bakhululekile. Kufuze ukuthi kulukhuni ukwamukela ku-ANC ukuthi impela aboHlanga sebengaliphimisa elokuthi ‘ayengcono amaBhunu’. Kepha khona usufuna ukubasola abasho njalo usungaqala ngaphi njengoba izinto zimapeketwane nje?
Limabhaxa
Okubi lapha wukuthi noma abavoiti bethi bayaqalaza babuka okufanayo nakuwo amaqembu lawa aphikisayo. Nawo adindilizile nje ayizibhucu ungelwe ngawo. Phela esimweni esejwayelekile manxa iqembu elibusayo linobugwegwe, liqondiswa ngawo lawa aphikisayo. Kanjani na? Uma enamandla aphikisayo uyakwazi ukuphumuza leli elibusayo ufake aphikisayo kuthi nawo uma esedakwa wumbuso ubuyise leli olikhiphile ekuqaleni. Kepha uma kungalungile nxa zonke ubhekaphi?
Isimo sakuleli senza kube lula ukwamukela ukuthi abavoti kulokhu bashishibezwa ngelibambaxa, kubi! Ngikhuluma kuleli sonto emsakazweni Ukhozi FM ngibalise ngechilo abanye babaholi bethu abasifaka kulo njengaboHlanga. Akukhathaleki ukuthi uyiliphi iqembu kepha izenzo zabanye babaholi bethu ziyakuphoxa. Izenzo zabo zithuka futhi zifele ngamathe umzabalazo wethu sonke.
Kuyini nje lokhu esikuzwayo ngabanye abaholi bethu ukuthi bondliwa ngabelungu namaNdiya abaze bathenge ngisho amaqolo ezinkukhu. Umfazi nendoda yonke yoHlanga kuthiwa ogalo ibacosha kubafo, kwamukeleke nje?
Impela kukhulu okusivelelayo ngesethu isikhathi. Ukuthi sahlala sangafa nje kufiwa kwabe kuthiwa asifakaze la manyala? Awu impela leli lokuthi uyadela wena osulapho nongakuboni lokhu cishe kusifanele.
Umbuzo kumvoti uthi yini ekhona okumele ukhethe kuyo? Bona laba abaphikisayo behluke ngani? Sebetheni le osekungathiwa yibo yibo? Ngabanzalo yini yalokhu okonakele? Ukhona yini kubo othembekile? Oyosibuyisela lokho okwabe kuwumongo womzabalazo noma ngamasakamula nje agiya ngethambo lethu? Asakhona yini kwaphikisayo amadoda nabafazi abangafa befela okulungileyo? Uma bekhona bathule bathini kudlawa ngathi senziwa izinxibi nezinkothangqoko ezweni lawokhokho?
Yebo khona kusekude ngoba kuyovotwa usuyophela nonyaka ozayo mhlawumbe nezinto zingaguquka kepha awu sibabaza esikubuka manje, impela singabavoti, singaboHlanga siqulusile, singumtshingo nje, silinde abayoba ngakithi ukuze sibaklomelise, sibafake ucu ngevoti.