Now Reading
Kusolwa ubudedengu beCredit Bureau kwebiwa imininingwane
Dark Light

Kusolwa ubudedengu beCredit Bureau kwebiwa imininingwane

USihlalo we-Information Regulator, u-Advocate uPansy Tlakula, uthi isigameko sokwebiwa kweminingwane yezakhamuzi zakuleli iveze obala ubudedengu bohlaka iCredit Bureau.

U-Adv uTlakula ukusho lokhu ephawula ngokuvela kwehlazo lokuthi inqwaba yemininingwane ebucayi yabantu abayizigidi ezingama-24 neyezinkampani eziyizi-800 000 yebiwe ngendlela engaqondakali kanti kulesi sigameko kuhlanganisa neyalabo abathola izibonelelo zikaHulumeni.

“Ngokuthola kwethu kube nomuntu obesebenza kwaCredit Bureau owenze konke lokhu. Okuhlale obala ukuthi indlela abasebenza ngayo ikhombisa ukuthi baqashe umuntu abangamphenyisisa ukuthi ungubani futhi usuka kuphi,” kusho u-Adv uTlakula.

Uqhube wathi okwamanje imithetho ekhona yenza kubenzima ukuthathela iCredit Bureau izinyathelo ngalesi sigameko.

Uthe inkinga ukuthi akulona nje ulwazi olungatheni oluthathiwe kodwa imininingwane yomuntu ngamunye ehlanganisa impilo yakhe nokuthi uhlala kuphi nezindaba zakhe zezimali njengoba kukhona neyasebhange.

See Also

Uthembise ukuthi bazosebenzisana nezinhlaka ezifanele ukubhekana nalolu daba. 

Uveze nokuthi zikhona izinhlaka zamazwe omhlaba abazimisele ukusebenza nazo ukuze kuliwe nalokhu.

Scroll To Top