Now Reading
Abadayisi babhikishele umnikelo wamaNtaliyane
Dark Light

Abadayisi babhikishele umnikelo wamaNtaliyane

Kume yonke into emadolobheni iFlagstaff neLusikisiki angaphansi koMkhandlu i-Ingquza e-Eastern Cape ngenxa yentukuthelo yabadayisi basemgwaqeni abafuna iMeya yalo Masipala, uMnu uBambezakhe Goya, ukuba ibachazele ngokwenzeka ngemali eyizigidi ezi-R 5 abayinikelelwa uHulumeni wase-Italy ukuze bakhelwa indawo ehlelekile yokudayisa. 

Lokhu kulandela ukufika kwethimba likaHulumeni wase-Italy eminyekani eyedlule kule ndawo ukuyokwakha ubudlelwano nalo Mkhandlu ngakwezolimo kodwa elagcina selibona isimo esingesihle okusebenzela kuso abadayisi basemgwaqeni nabasemarenki lase limemezela umnikelo wezigidi ezi-R5 ukuze kuthuthukiswe indawo yabo.   

Kubikwa ukuthi leyo mali yafakwa kweminye imisebenzi yoMkhandlu yize iBAYEDE ibingakatholi ukuthi yimiphi. Ngowezi-2012 abadayisi udaba baludlulisela kuMvikeli Womphakathi wangaleso sikhathi u-Advocate uThuli Madonsela njengoba kwagcina kucelwe iMeya yangaleso sikhathi uMnu uPat Mdingi ukuba ithathe ikhefu kamua yatholwa ingenalo icala. 

Okhulumela osomabhizinisi base-Ingquza, uMnu uSizakele Zakaza, uthe akugcini lapho, kukhona nombiko wezincomo ofihlwayo kulo Mkhandlu owathunyelwa uMnyango Wezokubusa Ngokubambisana Nezindaba Zomdabu kulesi sifundazwe mhla wesi-8 kuNcwaba ukuthi kuthathwe izinqumo ngawo. 

See Also

“Kulezo zinqumo kubalwa kuzo ukuxoshwa kwezimeneja ezintathu okukhona kuzo ekhipha amathenda oMkhandlu kodwa akwenzekanga lokho ngoba lo mbiko uyafihlwa,” kusho uZakaza. Uthe sekuwusuku lwesibili bevale amadolobha angaphansi kwalo Mkhandlu ngoba izakhamuzi sezikhathele ukwenziwa ibhola, imigwaqo igcwele izinciphisijubane kunokuthi ilungiswe ibe sesimeni, inemigodi phakathi edolobheni lapho izimeya namakhansela bedlula khona zonke izinsuku.

IMeya uGoya nokhulumela uMnyango kulesi sifundazwe, uMnu uMamkeli Ngam, abatholakalanga ukuba baphawule kuthwa bebesemhlanganweni wokuthola izindlela zokuxazulula lolu daba.

Scroll To Top