UKhongolose uthi i-Ithala aliyindawo
UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
Engxoxweni ekhethekile uNobhala we-ANC KwaZulu-Natal uthi amaqubu e-Ithala angakha inqanawe yebhange loMbuso
Emuva kokukhathazeka ngombiko owashicilelwa ngelaboHlanga mhla zizi-4 kuMandulo kuya zili-10 kuMandulo ngaphansi kwesihloko esthi: Izophulwa Ishoba: Iqalile imizamo yokuqeda nge-Ithala, nowabe ukhuluma ngemizamo yabathile yokuba kuvalwe isikhungo i-Ithala Development Finance Coroperation (Ithala). Kwaba khona ababuza ubuhlakani besinqumo sokuqeda ngalesi sikhungo esineminyaka engama-60 kulo nyaka nomlando nomthelela waso ukhona cishe sonke isifundazwe.
Obekuxaka wukuthi uma siqedwa kuyobe ngesikhathi lapho iqembu elibusayo i-African National Congress (ANC) lishumayela kulandela isinqumo senhlangano. Lesi sinqumo savusa imibuzo ukuthi kuphuse kangakanani ukwenza lokhu ekubeni kunesinqumo seqembu elibusayo nesikhuluma ngokwakhiwa kwebhange lombuso. Ngokwemibiko yezinhlaka zeqembu elibusayo, enye yezinto okufanele uHulumeni we-ANC uzenze ukuba uthathe isinqumo isakhiwo esisha sizoba yibhange eligxile kwababolekayo noma ibhange elithuthukisayo. Uhlobo lokuqala luhlinzeka izinsizakalo kubantu kanti leli elinye lihlinzeka izimboni nezolimo, kungenzeka lihlinzeke nomphakathi.
Ekhuluma nelaboHlanga uNobhala we-ANC KwaZulu-Natal, uMnu uMdumiseni Ntuli, uthe bona njengeqembu noHulumeni sebawudweba kudala umugqa ngodaba lwe-Ithala ngakho okhuluma ukuba liphele ukhuluma amalumbo.
“Thina njengesifundazwe sinesinqumo ngalolu daba lwe-Ithala. Kukhona umnyakazo owenziwa yiBhangengodla nesingahambisani nawo nothi akuvalwe i-Ithala. Umbono wethu uthi kukhona umbango oyingozi nothi uma kwakhiwa ibhange lombuso kuyobe kwakhiwa isikhungo esikuzwelonke. Thina asivumelani nalokho futhi sesisenzile isethulo nakuMengameli wezwe (uRamaphosa) esikhomba ukuthi simiphi. Kade silwa ukuba i-Ithala lithole amaphephamvume okuba libe yibhange, yatholakala nokho ibuye ibuyekezwe ngoba kuthiwa kunezinto okumele zilungiswe,” kusho uMphemba.
Uqhubeke waveza izinsolo ezidala ukuba i-Ithala linyundelwe noma kudwethswe umdlalo wokuba liqedwe: “Izinsolo zethu zithi lo mkhankaso wokuba kuqedwe nge-Ithala uqhutshwa ngumhawu walabo abahlomulayo nokungamabhange amakhulu angafuni umcintiswano. Ngoba bayazi ukuthi uma ngahle i-Ithala lingathuthukiswa kungasho ukuthi uHulumeni wesifundazwe ungathatha isinqumo sokuthi zonke izimali zawo aziye e-Ithala. Nokuthi singagqugquzela abantu ukuba basebenzise Ithala okuyinto empeleni engabe siyayenza.
“Thina simile ekutheni i-Ithala aliyindawo futhi uNdunankulu kanye noMphathiswa basimele kahle kulokhu. UMengameli usevumile ukuthi uzongenelela ukuze lolu daba lulungiswe. Khona kukhona umkhuba okhona lapha eMnyangweni kaMgcinimafa noqhutshwa ngokwentshisekelo yebhizinisi, hhayi ipolitiki. Ngeshwa uMboweni noMasondo kubukeka sengathi kabakuboni lokho. Senze isethulo nje kuMengameli ngoba sikholwa wukuthi kungenzeka ukuthi akanalwazi ngemikhuba egilwayo nehlose ukubukela phansi imizamo yethu yokuthuthukisa i-Ithala,” kusho uNtuli.
Ube esephawula ngokuthi empeleni i-Ithala lingaba yisifundo. “Umbono wethu uthi i-Ithala kumele lithuthukiswe ukuze libe yinsuselwakuyo yalokho okungaba yibhange lombuso. Ziningi izinto ezingalungiswa kulo isibonelo nje ukuba lingakhiqizi amakhadi alo lisebenzise i-ABSA. Kumele lokhu ligcine lizenzela lona kuthi khona lapho ukusebenza kwalo kunatshiswe kuzo zonke izingxenye,” kuphetha uNtuli.
Nokho akubona bonke abantu abeseka ibhange lombuso. Ekhuluma egameni lesikhungo iFree Market Foundation, uMnu uMpiyakhe Dhlamini, wawuchitha umcabango webhange lombuso: “Kule minyaka yakamuva, izakhamuzi zaseNingizimu Afrika bezilokhu zizwa abathile befuna ukuba kube khona ibhange lombuso elizohlinzeka untenguzane laboHlanga, kodwa sekukhona izakhiwo ezingomashonisa. Ngabe inkinga? Abasezingeni elithe phathatha balapha eNingizimu Afrika badidanisa abakufunayo nalokho okudingwa yibo bonke abanye abantu, ikakhulukazi abantulayo,” kusho uDhlamini.
Oshicilelweni olwedlule ngodaba oluthinta lesi sikhungo ElaboHlanga lakhuluma noyilungu lePhalalamende nowathi udaba lwe-Ithala lungahle lucijise imikhonto njengalolo lwe-Ingonyama Trust.
“Eyi i-Ithala liyinkinga. Saqale sathi alivalwe ngenxa yokuthi njenge-Ingonyama Trust salilumbanisa noHulumeni waKwaZulu. Nokho izinguquko zepolitiki ezikhona ezweni kanye nomlando wangempela we-Ithala ususho okunye. Lesi sikhungo sineminyaka engama-60 sabakhona sidala ngisho kuHulumeni waKwaZulu asifani nala mahlathi adla izimali zabantu eVenda (iVBS Mutual Bank). Futhi kungawubuphukuphuku uma uHulumeni esikhundleni sokuthi alungise okonakale amane aqede ngebhange, le ayidingi politiki yamaqembu isobala,” kusho umthombo.
Ekhuluma kuPhodikhatsi yelaboHlanga loyo onguSihlalo walesi sikhungo, iNkosi uMkhize ikuvezile ukuthi zikhona izinhlelo zokuthuthukisa lesi sikhungo kanjalo nokusethula ezinhlakeni zomphakathi okuhlanganisa izinhlaka zoBukhosi, osomabhizini, izifundiswa kanye nomphakathi jikelele.
- Ngesonto ngehora lesi-6 ntambama lalela uSihlalo we-Ithala nongusomnotho, iNkosi uSibonelo Mkhize ngokuthi uvakashele isizindalwebu: www.bayedenews.com
