Now Reading
Kumenyezelwe izinguquko ezinqala kuPSL
Dark Light

Kumenyezelwe izinguquko ezinqala kuPSL

USihlalo wePremier Soccer League (PSL), uDkt u-Irvin Khoza, umemezele izinto ezibalulekile ngesikhathi kunesithangami nabezindaba ngoLwesithathu.

Ngemuva kokumemezela ukuthi iDstv iyona esizoxhasa iPremiership, abathandi bakanobhutshuzwayo bese befuna ukwazi ukuthi izoqala nini isizini yowezi-2020/2021. UKhoza ukucacisile konke lokhu, wabuye wengeza nangezinye izimemezelo.

“Ngiyazi phambilini sike samemezela ukuthi isizini entsha izoqala mhla ziyisi-9 kuMfumfu. Ngaleso sikhathi besixinekile kukhona nezinto ebesingakazi ukuthi zizohamba kanjani. Sinqume ukuthi imidlalo yeMTN 8 izodlalwa mhla zili-17 kuMfumfu bese kuthi eyeDstv Premiership iqale ngomhla zingama-24 kuMfumfu,” kusho uKhoza.

UKhoza uthe imali ezotholwa yiqembu elizodla umhlanganiso ekupheleni kwesizini ngeke ishintshe.

“Ithimba engisebenza nalo kuPSL lingithumile ukuthi nginitshele ukuthi imali izohlala injalo. Lokhu yingoba ngesizini edlule besisanda kuyikhuphula imali, ngakho asikho isidingo sokuphinde siyikhuphule,” kusho uKhoza oveze ukuthi basayine isivumelwano seminyaka emihlanu neDstv.

Uthe uhlu lwemidlalo yePremiership seluvele lulungile, osekushoda nje ukuthi baludedele. Uphinde wadlulisa ukubonga kuGladAfrica ngokuba nesizini enhle edlule ekhiphe ompetha bokuqala ngaphansi kwale nkampani, iSwallows FC.

UKhoza uzwakale ejabule kakhulu ngokusayina isivumelwano neDstv njengoba eveze ukuthi iTelkom Knockout ngeke ibe khona kule sizini ngoba sebuphelile ubudlelwano neTelkom.

“Kusukela ngowezi-2007 besifuna ukuba nesiteshi sethu esibhekene nakho konke okuthinta iPSL. Kuningi kakhulu okwenzeka kuPSL ngakho bekudingeka ukuba nesiteshi esiqondene nathi,” kusho uKhoza.

See Also

Imidlalo yePremiership nakho konke okuthinta iPSL sekuzovela kushaneli 200 kuSuperSport.

“Ngingakuqinisekisa ukuthi iTelkom isihoxile ngenxa yenkinga yemali futhi ngeke sibe nayo iTelkom Knockout kule sizini ezoqala. Lokhu kuzosisiza kakhulu ukubhekana nemidlalo yePremiership ngoba iligi yethu izoqala ngoMfumfu okuyinto engakaze yenzeke. Okunye engingakuqinisekisa ukuthi ngesizini ezayo sizobathola abaxhasi abazovala isikhala seTelkom,” kusho uKhoza.

Uthe umcimbi wokuklomelisa abadlali abenze kahle kuPSL ngesizini edlule uzoba khona ngaphambi kokuthi kuqale isizini entsha. 

Scroll To Top