IChiefs ibambe umoya ngesinqumo seFifa



USihle Ndlovu ungumbhali wezemidlalo osesebenze njengentatheli iminyaka eli-17. Uke waba…
Kuvela ukuthi iKaizer Chiefs ithandazela ukuthi iFifa iyidedele isayinise abadlali njengoba kukhona efuna ukuqinisa ngabo iqembu ngaphambi kokuthi kuqale isizini entsha.
Amakhosi awakwazi ukusayinisa abadlali njengamanje ngenxa yesigwebo esithole kuFifa sokuthi ingasayinisi kuze kuphele amawindi amabili okusayinisa abadlali. Lesi sigwebo isithole ngemuva kokulahlwa yicala lokusayinisa uDax Andrianarimanana waseMadagascar okumanje usemabhukwini eBlack Leopards.
Kuthiwa ngesikhathi iChiefs isayinisa lo mdlali kukhona imali okwakumele iyinike iqembu ayelidlalela ngoba wayenenkontileka nalo. UDax uyaphika ukuthi kukhona iqembu ayenenkontileka nalo ngesikhathi esayina kuChiefs.
IChiefs ilidlulisele phambili icala kanti ngesonto eledlule iveze ukuthi isalinde isinqumo. Lokhu kulinda kwenza ingakwazi ukunyakaza ekusayiniseni abadlali.
Kuleli sonto iChiefs ikhiphe isitatimende lapho iveze khona ukuthi uSifiso Hlanti, obedlalela iBidvest Wits, uzilolonga nayo. Lo mdlali wasophondweni lwesokunxele emuva ngeke akwazi ukusayina kuMakhosi uma iFifa igcina imile kulesi sigwebo esikhiphile.
Umthombo ozazi zonke zeChiefs uthe kubanjwe umoya eNaturena mayelana nalolu daba.
“Okuthandazelwa yiChiefs ukuthi iFifa iguqule isigwebo sayo ukuze ikwazi ukusayinisa abadlali abambalwa. UHlanti njengoba eziqeqesha nayo ungomunye wabadlali abakubheke ngabomvu ukumsayinisa,” kusho umthombo.
Kuyaziwa ukuthi uGavin Hunt ongumqeqeshi weChiefs omusha uyazifela ngoHlanti. NakuWits laba bobabili bebesebenzisana kahle ndawonye. Akungabazeki ukuthi uHlanti angazitamuzela ijezi kuChiefs uma engagcina esayinile.