Ukuquzana kwabo kungababishisa bobabili uZuma noZondo



USikhakhane yintatheli emnkantshubomvu egxile ekuphenyeni izindaba zepolitiki.
Impi yomkhaya phakathi kukaZuma noZondo ingahle ihlukanise izwe phakathi kube khona ophenyeka ibheshu
Isimo abaningi kupolitiki nakwezomthetho abekade bengafisi kufikwe kuso sesenzekile. Izolo silale sekusemthethweni ukungaboni ngaso linye phakathi kwalowo owayengumengameli wezwe nokaKhongolose uMnu uZuma kanye naloyo oliSekela likaMehluleli Omkhulu, uMehluleli uZondo nonguSihlalo. Encwadini enamakhasi amane ElaboHlanga elinayo nebhalwe ngabameli bakaZuma iMabuza Attorney, uMsholozi kayi lena nalena ngakucabangayo ngoZondo nalokho athi zinhloso zakhe.
“Zibekwa amadaka nje, siyaqaphela ukuthi lokhu kugxila okungavamile nokwenziwa inkololo kukaMengameli uZuma bekugqamisa indlelakubuka yeKhomishini kulokhu iqalile ukusebenza. Osekuholele ekutheni uMengameli uZuma abuke isithangami sabezindaba sakamuva njengaleso esisukela ochungechungeni lwezigigaba lapho ayetonyulwa khona abe yinkololo yeKhomishini,” kugadla uMabuza.
Encwadini uMabuza uqhubeke athi: “Lesi sithangami sezindaba sibe khona ngaphandle kokuthi kukhombise ukuthi sithini lapho ebesingeke sivumelane nokushiwo nguSihlalo ethi udaba luzolalelwa mhla ziyisi-9 kuMfumfu ngowezi-2020 nagakomhla zili-16 kuya zingama-20 kuLwezi ngowezi-2020. Besingekho isidingo futhi kungakabi yisikhathi sokuchakwa esidlangaleni, ngokombono wethu ohloniphekileyo, okuyizinto ezingadingidwa ngokusemthethweni futhi ezingaphathelene nethimba lezomthetho.
“Njengoba sizibonile izitatimende ezethulwe nguSihlalo kuso sona lesi sithangami sezindaba mayelana nokuthi balithatha kanjani ithimba elimele uMengameli uZuma, sithatha konke lokhu okwenzeka kulesi sithangami somphakathi njengesingafanelekile futhi esintula umsoco wezobulungiswa odingalakalayo okufanele le nqubokwenzeka. Sekuholele ekutheni sibone kungafanelekile ukuthi siphendule izitatimende zikaSihlalo eziqondiswe kithina njegabamele uMengameli uZuma,”kusho incwadi.
Nokho okungase kukhathaze abaningi yiphuzu lapho indaba ingasekho emthethweni kepha isithinta izindaba okungenzeka ukuthi zenzeka kudala phakathi kukaZuma noZondo.
“UMengameli uZuma unombono oqinile wokuthi ukucindezelwa kwakhe nguSihlalo kungenxa yokuquzana kwabo nokungakhothani okufanele ngabe uSihlalo wakudalula kusaqalwa nje uphenyo.”
Noma ngabe yini lokhu okushiwo ngabameli bakaZuma kuzophoqa ukuthi uMehluleli uZondo aphendule ngoba umongo waleli phuzu uthi uZondo unenxa noMsholozi futhi lokho kubonakala nangendlela amshishibeza ngayo.
Okunye okube sobala wukuthi izigadla zingahle zishayisane yinkulumo abameli bakaZuma abaphethe ngokuyiqopha ukuthi nembala abamumele ngeke azibandakanye neKhomishini, futhi basho ukuthi ngalokho balindele ukuthi uZondo usengenza akuthandayo nokusemthethweni.
“Kuze kube lesi sicelo sokuba uhoxe siyenzeka, uMengameli uZuma ngeke azibandakanye neKhomishini futhi uSihlalo unelungelo lokuba athathe noma yisiphi isinyathelo abona sisemthethweni nesifanelekileyo. Siyaphinda siyagcizelela ukuthi uMengameli uZuma wayekubuza ukuba semthethweni kwale Khomishini. Ungumbelebele ngalolu daba futhi ugodla lonke ilungelo lakhe mayelana nalokhu,” kusho incwadi.
Liyoba linye ngakwaziyo
Uma kuwukuthi uZuma uyogcina esho okuthile ngoZondo nokungahle kuveze uhlangothi olungeluhle ngaye, kuyobe kungokwesibili enza lokhu enkundleni yeKhomishana. Ngesikhathi evelile kuyo wakudalula ukuthi kukhona abambophela amanqina enyathi waveza nokuthi unezinto ezijulile azaziyo ngabanye. Kanti naphambi kwabalandeli bakhe uZuma wake washo ukuthi liyoba linye nayilapho eyokhuluma khona.
Kwenzeka konke lokhu nje sekuqalile ukukhuluma kakhulu kubalandeli bakaZuma abasola uZondo ngoku“nyundela” uZuma kanye nokuchema nohlangothi oluthile.