I-EFF isonga ngokumisa iTheku ngodaba lwesikhulu



USikhakhane yintatheli emnkantshubomvu egxile ekuphenyeni izindaba zepolitiki.
I-Economic Freedom Fighters (EFF) isabisa ngokwenza iTheku lingabuseki uma igcina iyiqiniso imibiko yokuthi iziphathimandla zalo ziphendlela esinye sezikhulu esiboshwe ngecala le nkohlakalo yezigidi zamarandi esinye isikhundla ngaphakithi kulo Mkhandlu.
NgoMsombuluko kusabalale imibiko yokuthi izikhulu zeTheku ziphendlela uMnu uSandile Ngcobo isikhundla sokuba isikhulu soMnyango Wezinhlekelele kulo Masipala.
UNgcobo oyiPhini leNhloko yakwaSupply Chain Management (SCM) waboshwa nowayeyiMeya yeTheku, uNkk uZandile kaMajola Gumede, nabanye ngezinsolo zenkohlakalo ethinta ithenda kadoti yezigidi ezingama-R400.
Kusolwa ukuthi iqhaza lakhe ekutheni abathile bahlomule ngale thenda laholela ekutheni abanye baze bambonge ngokumthengela imoto yohlobo lweJaguar F-Pace.
Ngokuthola kwelaboHlanga, izinsolo zithi kunosomabhizinisi nabo ababoshiwe kuleli cala okwathi uma uNgcobo eseyoshintsha imoto yakhe, bamgcwalisela ngemali kwaphuma iJaguar F-Pace ebiza isigidi samarandi.
Osekususe umsindo imibiko yokuthi ubuyele emsebenzini kuleli sonto kodwa kuhlelwa ukuba angabe esaba sophikweni lokukhishwa kwamathenda kepha afakwe kolubhekele izinhlekelele.
Yilokhu okuvukuze i-EFF ekhala ngokuthi isikhathele ukuthi iTheku liphendulwe umgodi wokulahla abantu abasuke besolwa ngenkohlakalo.
Okhulumela I-EFF KwaZulu-Natal, uMnu uNkululeko Ngubane, uthe bafuna uMasipala iTheku ukuba usihoxise lesi sinqumo ngoba uma wehluleka ukwenza lokho kuzokonakala.
“Asidlali uma sithi iTheku sizolivala thaqa ngoLwesine uma beqhubeka nalesi sinqumo sokuphendlela uNgcobo esinye isikhundla. Lo muntu usabhekene namacala amabi enkohlakalo kodwa sebembuyisela emsebenzini nokuchaza ukuthi ngokwabo yize inkantolo ingakanqumi kodwa bona sebemthole engenacala,” kusho uNgubane.
Imithombo eyahlukene ekhulume nelaboHlanga ithe UNgcobo akaconsi phansi kosomabhizinisi abaningi ngoba kuthiwa ubenzele izinto zashesha ngesikhathi esayiPhini leNhloko yakwaSupply Chain Management.
Lokhu kuthiwa kuvele nakomunye umcimbi wokuzijabulisa obukwelinye lamahhotela aseMhlanga lapho okuthiwa kwakuchonywa khona ngokuthi abanye eThekwini bayizigwili nje kungenxa kaNgcobo.
Kulowo mcimbi kuthiwa kwavela negama lomunye wabaholi be-African National Congress (ANC) eThekwini, eligodliwe igama lakhe, ukuthi yena usehlomule cishe imali engaphezulu kwezigidi ezili-R10.
Kushaye isikhathi sokushicilela iTheku lingatholakali ukuphendula kulokhu kwazise olikhulumelayo, uMnu uMsawakhe Mayisela, ubengalubambi ucingo eshayelwa.