Isikhulu sizisola ngethenda yaseFree State
USikhakhane yintatheli emnkantshubomvu egxile ekuphenyeni izindaba zepolitiki.
Kuvela amanye amahlazo ngethenda yokufulela izindlu eFree State okwakufanele ibize izigidi ezingama-R21 kodwa kwagcina kukhishwe ezingaphezulu kwezingama-R230.
Lokhu kuvele namhlanje kuKhomishana Yokuqhwagwa KoMbuso eholwa yiPhini likaMehluleli Omkhulu, uRaymond Zondo, ehleli eGoli.
Lokhu kuthiwa kwenzeka ngowezi-2014 ngesikhathi kuqashwe inkampani iBlack Head Diamond Hill ukuba ifulele izindlu ezazishintshwa uphahla lwe-asbestos.
IBack Head Consulting eyayithole umsebenzi yaqoka ukuba iwenze ngokubambisana neDiamond Hill njengoba sebebizwa ngegama elilodwa. Bona baqoka iMastertared 232 ngezigidi ezingama-R44.
Le nkampani iMastertared 232 ayiwenzanga umsebenzi kodwa kuthiwa yawudlulisela kwenye ukuba iwenze ngezigidi ezingama-R21 okwabe kuyi-ORI Group.
Kulolu daba kuthiwa kwakuhlangene UMnyango Wezokuhlaliswa Kwabantu eGauteng nowaseFree State kwephulwa imigomo eminingi kaMgcinimafa elawula ukukhangiswa nokukhishwa kwemisebenzi kuhlanganisa nokulandwa kwenkampani kwesinye isifundazwe.
Ngesikhathi uMvikeli Womphakathi enza uphenyo wathola ukuthi empeleni umsebenzi kwakumele ubize izigidi ezingama-R21 hhayi ezingama-R230 ezakhokhelwa iBlack Head Diamond Hill.
INhloko yoMnyango Wezokuhlaliswa Kwabantu eFree State, uMnu uTim Mokhesi, izisolile kulokhu yavuma ukuthi kwakumele yenze okuthile ukugwema ukuchithwa kemali kungenasidingo.
Nokho ubeke icala ezisebenzini zoMnyango ikakhulukazi ezisophikweni lokukhishwa kwamathenda, wathi yibo abangazange balandele imigudu efanele.
Uthe yize kwakhokhwa le mali kodwa awukho nowodwa u-asbestos owasuswa ukuze kufulelwe kabusha izindlu ezazihlonziwe ezingaphezulu kwezinkulungwane ezingama-36.
“Angikuphiki ukuthi kwabe kuwumsebenzi wami ukuqinisekisa ukuthi konke kuhamba ngohlelo. Uma ngikhuluma iqiniso ngingasho nje ukuthi ngikubeka emahlombe ami konke okwenzeka nanokuthi yini okwakumele ngiyenze. Empeleni ngifunde isifundo ngalesi sigameko njengoba konke lokhu kwenzeka sengibheke esiphethweni somsebenzi wami nokuyinto engeyinhle neze,” kuzikhalela uMokhesi.
Ngesonto eledlule owayenguMphathiswa Wezezindlu eFree State, uMnu uMosebenzi Zwane, uphike wema ngentaba wathi yena wayengazi lutho kodwa icala walikhomba ezisebenzini zoMnyango ayewuphethe.
Kusasa ngoLwesibili uZwane uyabuya kule Khomishini njengoba luqhubeka udaba lwaseFree State.