Now Reading
Kuvulwa liphi lona, ebelisavaliwe yini?
Dark Light

Kuvulwa liphi lona, ebelisavaliwe yini?

Njengoba bekulindelekile uMengameli useyikhumulile ejokeni


Kuqale isonto yonke imilomo ivunana ngokuthi kungekudala uMfo kaSamuel (uMengameli uRamaphosa) uzomemezela ukuthi izwe selehlela esigabeni sokuqala ngaphansi kwemigomo elawula inhlekelele. Abanye bebemagange ngalokhu ngoba kungahle kusho ‘ukuvuleka’ kwezwe kugeleze nomnotho. Namuhla iHhovisi likaMengameli limemezele ukuthi uzokwethulela isizwe ngelesi-7 kusihlwa ezakamuva ngemizamo yezwe yokulwa nokhuvethe. NgokweHhovisi likaMengameli, inkulumo yakhe yakusihlwa ilandela umhlangano wangoMsombuluko neNational Coronavirus Command Council, umhlangano woMkandlu iPresident’s Coordinating Council obungoLwesibili kanye nokuhlala kweKhabinethi okuyisipesheli namhlanje.

Awu amaciko lezi zindaba zehla kamnandi ngoba kade ekhala kuthangi lokhu. Kanjalo nalaba abafuna ukuvakashela kwamanye amazwe ngesifanayo, unyawo seluyababa bafuna ukuvakasha bandizele kwamanye amazwe.

Kuyamangaza nokho ukuthi kusenenkulumo ‘yokuvula’  izwe. Uma uhamba lapha phandle izwe livulekile. Ngaphandle kokuthi uHulumeni yena qobo waphasisa ukuba abantu basuke kwenziye izifundazwe, abantu nje sebehamba sengathi akukaze kwenzeke lutho. Yishwa nje ukuthi phezu kwemizamo emingaka kepha kukhona ubungozi bokuthi ubudedengu kithi sonke bungenza  isiqhwaga esilukhuvethe sibuye ngesankahlu.

See Also

Uma ligcina livuliwe njengoba kushiwo siyothokza ukuzwa ukuthi izinhlelo zokuphila esimweni osekuphoqe ukuba sisijwayele ngale kokhuvethe khona zizohamba kanjani. Phela yiningi imali esichithiwe nempilo esilahlekile ngenxa yalolu khuvethe, uma singehlisa izihlangu ingahle ikhale enhlafunweni kuphele ngathi. 

Scroll To Top