Now Reading
Kuxabene ubendle ku-AIC
Dark Light

Kuxabene ubendle ku-AIC

Akwaziwa ngekusasa leqembu lezepolitiki i-African Independent Congress (AIC) njengoba kubikwa ukuthi uMengameli walo, uMnu Mandla Galo, useke waxhumana namanye amalungu alo ekhuluma ngezinhlelo zokulidayisa.

UMnu Mandla Galo

Lokhu kushiwo iPhini lakhe, uMnu Lulama Ntshayisa, okumanje yena nabahambisana naye bavalelwe ngaphandle emhlangangweni weSigungu Esiphezulu sikazwelonke seqembu obanjelwe eRoyal Hotel, eMatatiele, okunezinsolo zokuthi esinye sesinqumo esingaswe sithathwe kuwo ukumkhomba indlela njengoba kubikwa ukuthi nguye inkunzi ekwazi ukubhekana noGalo amphikise ezinqumeni azithathayo zenhlangano njengoba kuthiwa uyindlovu kayiphikiswa. 

UNtshayisa uthi basathuswe nawumbhalo kaGalo enkundleni yezokuxhumana lapho ebize uMnu uSupra Mahumapelo njengomholi wakhe nokuthi i-African National Congress (ANC) uyayazi ukuthi iyikhala lakhe. UNtshayisa usola uGalo ngokusenga ezimithiyo uma ethi usenazo izinhloso zokukhulisa i-AIC njengoba esebonakala esondele kakhulu kwabe-ANC abakhuluma ngokungafihli ukuthi banobudlelwane naye.

UNtshayisa ufunga uyagomela uthi uya enkantolo ukuyovimba izinqumo ezingase zithathwe kulo mhlangano ngoba kawukho emthethweni njengoba ubizwe nguNobhala jikelele weqembu esikhundleni sikaMengameli nokuthi isigungu esikhona senhlangano kasikho emthethweni ngoba bekufanele engabe kade kwabanjwa ingqungquthela njengoba sekuphele iminyaka eyisi-8 ingahlali.   

See Also

UGalo ubengakatholakali ukuphawula ngalezi nsolo njengoba esavaleleke emhlanganweni nokuthi aziphendulele ukuthi zikhona yini izinkomba zokuthi angase abuyele ku-ANC.

Scroll To Top