Now Reading
Ubuningi bamaqembu bunikeza amandla uKhongolose onenkohlakalo
Dark Light

Ubuningi bamaqembu bunikeza amandla uKhongolose onenkohlakalo

nguSipho Mbatha

Ngibhala lo mbono ngenxa yesililo senkohlakalo esisabalele nezwe lonke iNingizimu Afrika. Le nkohlakalo egilwa iqembu elibusayo idla fumuka idla silaza futhi kudala baqala ukugila lo mkhuba. Isimo sale nkohlakalo sasingcono ngesikhathi sikaTata uMadiba. Isimo siqale ukonakala ngesikhathi sikaBaba uThabo Mbeki. Yadlanga ngamandla ngesikhathi sikaBaba uNxamalala. Kangisakhulumi ngesikhathi sikaBaba uRamaphosa ophethe izintambo zombuso njengamanje. Imali idliwa isidana. Impela sekukwaMachanca kwampunzi edla emini. 

Babonakala ngendlela abakhwabanisa ngayo abaholi bakaKhongolose ukuthi kakusathi diki futhi kabesabi nokubolela etilongweni. Kube kufanele bangalesabi ijele, angithi leli qembu elalilwela inkululeko selidume ngokubavikela abakwabo abayizigangi. 

Umbuzo engizibuza wona uthi: ‘Ngabe likhona yini elinye iqembu lezepolitiki elingavotelwa izakhamuzi ukuze kuphume uKhongolose ekuphatheni umbuso? Ngisho iqembu elingaba umesuli wezinyembezi empilweni yaboHlanga abadlala inhlupheko. Iqembu elingaba isibani sethemba lanamuhla nakusasa. Iqembu elingabangula iva lokuntuleka kwamathuba omsebenzi. Iqembu elizokwelekelela osomabhizinisi abafufusayo basezindaweni zasemakhaya. Iqembu elingeke linanaze ukubanikela engalweni yomthetho abenzi benkohlakalo. Iqembu elingahlakulela elengabadi ukuze libe ipharadesi egobhoza uju nobisi. 

Ngokwami ukubuka isimo samaqembu asePhalamende njengamanje, kangiliboni elingavotelwa izakhamuzi ngobuningi ukuze kuphazamiseke uKhongolose . Ngikusho lokhu ngokubuka amaqembu amathathu anabalandeli abaningi ngokulandelana kwawo uma ngingalibali iqembu elibusayo. La maqembu iDemocratic Alliance (DA), i-Economic Freedom Fighters (EFF) ne-Inkatha Freedom Party (IFP). Mangiqale ngeDA. Iliqembu elivotelwa liphinde libe nezihlalo eziningi ePhalamende. Nakuba lidume njengeqembu labadeshi, kepha selixubile kamumva nje. Nabampisholo sebeyalivotela liphinde libe nabaholi abamnyama. Leli qembu beliza ngamandla eminyakeni edlule kepha selibonakala selihlehlelwa zikhuni. Abaholi balo boHlanga baphuma belakalanyana. Bonke bakhala ngenqubo yeqembu engavuni zonke izinhlanga. Bathi futhi kabanikwa isithunzi nokuhlonipheka okulinganayo nabelungu. 

Kube iqembu i-EFF, nalo livotelwa ngabantu abaningi liphinde lizuze izihlalo eziningi ePhalamende. Nayo kakulula ukuba igudlule uKhongolose embusweni. Isizathu ukuthi okwamanje lisathandwa intsha ekhungethwe izinkinga zamathuba emisebenzi nemfundo engcono. Abantu abadala kabakasondeli kangako. Abanye bakhala ngokuthi amalungu ayo awakwazi ukubamba izingxoxo ngendlela enokubonisana. Bathi umholi walo uMnu uMalema ukhuluma ngesankahlu nangolaka futhi izinga lenhlonipho liphansi. Leli qembu liphinde libe nemibono okubonakala okungathi inzima satshe ukuba iphumelele. Imibono enjengokuthathwa komhlaba ngaphandle kwesinxephezelo ezandleni zondlebezikhanyilanga. Ukufakwa kwezimayini namabhange ngaphansi kukaHulumeni. Imfundo yamahhala njalo njalo. 

Yingakho abanye belexwaya leli qembu. Baphinde bakhale ngokuthi uma umfo kaMalema engaphatha izwe lokho kungabalekisa abatshalizimali nosomabhizinisi bamazwe. Lokho okungaholela ekuzikeni komnotho kubhilite nendlala. Ngamanye amazwi bathi ukhakhayi lwakhe kalukaqini ngakwezepolitiki nangakwezombusazwe. 

Iqembu i-IFP kusazothatha iminyaka ukuba likwazi ukuqoqa amavoti angalibeka ethubeni lokuqhoqhobala isihlalo sikaHulumeni kazwelonke. Okokuqala isahluleka ukunqoba ngamalengiso isifundazwe esithathwa njengeziko layo okuyiKwaZulu-Natal. Nakuba ivotelwa ngaphandle kwesifundazwe sikaMthaniya kepha ivotelwa ezifundazweni ezingeqile kwezinhlanu. 

Esinye isizathu esingadala ukuthi uKhongolose abuse isikhathi eside inkinga yokuthi amaqembu asePhalamende awakasithathi isinqumo sokuhlangana onke abe imbumba ukuze aqumbe phansi uHulumeni kaKhongolose. Lokhu kudalwa nawukuthi nakuba benhloso yinye yokuguqula impilo yabantu kepha izinkolelo zabo kazifani ncamashi. Okwesibili kuleli zwe sisenamaqembu anabaholi abafuna ukuphatha ngabodwana, yilowo nalowo kuzwakale elakhe izwi. 

See Also

Okunye okudala ukuthi amaqembu amancane angahlangani amanye awo ukuthi uKhongolose uwalutha kalula ngenkece emveni kwezinketho. Lokhu bakwenza ngoba befuna ukuphatha imikhandlu ethile bangaphazanyiswa zimbangi. Uphinde futhi unxenxe abaholi bamaqembu athile ukuba babe mdibi munye nasezingeni likaHulumeni kazwelonke. Abanye baze bagixabezwe ngezikhundla eziphezulu. Nampa abanye asebeke banikwa izikhundla uKhongolose, abanye basaziphethe izikhundla: ukaMagwaza Msibi weNFP, uNkk uPatricia de Lille weGOOD, uMnu uThemba Godi we-APC noMnu uMkhuleko Hlengwa we-IFP oqhwakele esigqikini seSCOPA njengamanje. Leli ngelinye lamaqhingasu kaKhongolose okuhlukanisa amaqembu amancane ukuze uqhubeke nokuba uHulumeni. 

Nabo ubuningi bamaqembu angenela izinketho kudala ukuthi abavoti badideke futhi kungabi lula ukuvumelana ngazwi linye ekutheni ngabe iliphi elinye iqembu abangalivotela ngobuningi. Kanti bekungabalula ukube sinamaqembu amabili vo njengase-USA. Bekungabalula ukudweba umugqa othi “Nxa uqembu A engenzi ngokwezimfuno zethu, sizovotela uqembu B”. 

Ngamafuphi ngithi nakuba sikhala sizithulisa ngoKhongolose onuka phu inkohlakalo kepha kubukeka esazoliphatha izwe eminye iminyaka ngokwezizathu esengizibalulile. 

Scroll To Top