Abayi nganxanye bedlana imilala ngolwakwaClicks


Abavumelana noClicks
Mhleli: Ngizizwa ngibuhlungu emoyeni, inhliziyo yami iphophoza igazi ngento engiyizwile ngaphinde ngayayibona. Ngabe i-EFF iyawubona yini umonakalo ewenzayo ezweni? Yebo uClicks ulenzile iphutha kodwa-ke bangaki abantu boHlanga abasebenza kwaClicks abangase balahlekelwe umsebenzi, njengoba kusenenxeba eliphophoza igazi nobomvu kubahlali kulesi sikhathi sokhuvethe abahlezi emakhaya bephelelwe imisebenzi? Sibuye sibheke abantu bakithi abalanda imithi kanye namaphilisi kulezi zitolo zakwaClicks abagulayo namuhla ngeke bazithole lezi zinto zokunakekela impilo yabo. Okubi nokubuhlungu okungivusela usizi ukuthi sikhala mihla namalanga ngokuphela nokungabikho kwemisebenzi. Uma uClicks ungase uzivale ngokusemthethweni izotolo zawo kuzwelonke, bangaki aboHlanga abazophelelwa imisebenzi? Yebo isikhangiso sona sishaye eceleni kodwa-ke akusenani umonakalo sewenzekile. – nguBheko Cele
Mhleli: AbakwaClicks abathukanga muntu basho into evezwa abantu besifazane boHlanga abafaka amaweave emakhanda. Bafaka amaweave aze abeblond. Abanye baze bafake ngisho izinwele zamaNdiya. Kulokhu silwa ngoba nje sitshelwe ibona into vele esiyenzayo. – nguThami Duma
Mhleli: Cha uClicks akangasukelwa kuthiwe uyacwasa. Ingani bona kanye laba besifazane boHlanga bazidelelile bona izinwele zabo. Nakhu nje ubathola bezifihle ngalezi zamaNdiya zokufakelwa abanye ubathola bemboze ngalezi ezimpofu zabelungu ngoba bebona ezabo zizimbi. Bathatha ezikanywa ngesandla ngoba bethi zinhle. Namhlanje senithi bayacwaswa? – nguSokhela Mlindeni
Mhleli: Le nto angiyithandi ngoba thina sithanda ukuzehlisa singazigqaji ngobuzwe bethu. Sathi izinwele zethu zimbi, ziyephuka sathenga ezabelungu sathi zona zinhle, manje yini sekubuhlungu kithi? Izinwele iBrazilian ibiza cishe izi-R3 000 siyayithenga ngoba sithi sifuna ukuba bahle, ngoba izinwele zethu zimbi. – nguNokuthula Zondi
Mhleli: Iqiniso lithi izinwele zethu azifani nezabelungu kufuneka sitetenyiswe ngokuthi sifana nabo? Leli zwe linjena nje yingenxa yobumpoqabulungu, abantu balwela ukuyohlala ePhalamande nabelungu. Kwamithetho esibuswa ngayo ayihambisani nesintu ngoba isuselwe kubelungu ngoba sithi sesifana nabo. – nguMzwandile Victor Hlongwane EmaNgwaneni
Mhleli: Iqiniso le nto ye-EFF ayithi shu, kungani thina sithande izinto ekubeni uMdali asipha okwethu okuyizinwele zemvelo, yini singakwazi ukuziqhenya ngesadalwa siyikho, kungani sikholelwa ezinweleni zezinye izinhlanga? Asizethembi futhi asizithandi bona ngeke ubabone bedumela okwethu. Inkinga yethu ukuthanda izinto kakhulu, ukuphapha nje nokuzama ukuzenza ngcono. – nguMbongeleni Ndebele
Mhleli: Kubuhlungu ukulwela isithunzi sabantu abangenandaba nesithunzi sabo. IBAYEDE kanye ne-EFF balwela abantu bohlanga olungazithandi nhlobo. Sikhuluma nje ama-80% abantu bakithi unwele lwabo bayaluzonda abaluthandi, bathenga imithi yokuzilula zibukeke njengezabelumbi okanye ezamaNdiya. Izinsizwa zakhona ziyaphuca. – nguBhodlo Ndlamlenze
Mhleli: Siyahlupha thina boHlanga bakuleli lizwe siyashesha ukukhala uma sicwaswa ngobuhlanga sibe singabacwasi abakhulu. Bangaki abantu esibabulalayo esibabiza ngamagama aqala ngo-K baseZimbabwe, eNigeria naseSomalia. IsiZulu sithi iqaqa alizizwa ukunuka. – nguZinto Nxele
Mhleli: Ngijabuliswa imibono kanye nokuphawula kwabafundi belaboHlanga, asinazo izinkothangqoko thina kweleMbube! Abantu bakithi abezwani neqiniso, bathenga izinwele zeBrazillian, zePeruvian, ze-Indian ngenkece eshisiwe ngoba bethi ezabo zimbi. Kushintshe kuphi namhlanje, kushintshe ngoba betshelwa indluyamandla? – nguMzwandhile Bongumusa KaMthonduyasonga Buthelezi
Abagxeka uClicks
Mhleli: Umuntu phaqa onezinwele emhlabeni, lokhu okunye kunoboya ekhanda. Kuyindlela yabo yokuzelapha ukuthi bagxeke lokho okungcono kunokwabo. – nguS’bo Nelo
Mhleli: Ukuthi badidekile odadebethu akusho ukuthi abelungu basidelele. Ukudelela le nto abayenzile ngoba badelela thina sonke boHlanga. Nezinwele abazivezile ezinhle zentombi emnyama bathi zimbi, bayachwensa sebeyekwe kakhulu kade sixola sixolele abantu abadala abachwensa ngabomu. – nguBongani Lesley
Mhleli: Ibambe ngakho bayadelela laba bazosicwasa bathembe ukuthi bazoxolisa bese sithula ngoba nakhu kuzolahleka imisebenzi. Imisebenzi ivele iyalahleka vele ngenxa yokhuvethe ngaphambi kwalo ibivele ilahleka. – nguGudboi Philangenkosi
Mhleli: Mina ngithi phambili nge-EFF sekukaningi abamhlophe besixhaphaza ezweni lobaba mkhulu kujike kucwebe isiziba. Le nto eyenzeke kwaClicks izoba yisifundo nakwabanye abebecabanga ukuhlekisa ngathi thina boHlanga. – nguSthe Ntshangase
Mhleli: Noma ngabe aboHlanga bayawafaka lawo maweave kodwa uClicks awunalo ilungelo lokucwasa ngoba kwakhona ukuthi abanye abantu babenamahloni ngezinwele zabo kwadalwa yiyo inqubo yabamhlophe yobandlululo eyababulala imiqondo ukuthi okwabo akukuhle kodwa yinhle into mayifaka okwabamhlophe phakathi. – nguLihle Sothole
Mhleli: Siyazazi izinwele zethu asizinyezi ngazo asidinge kutshelwa ngazo. Nabo banokwabo ubunuku ngeke uphume esitolo sokudlela ungalubonanga unwele lwabo kodwa olwethu awusoze walubona. Bazenza ngcono, abaxolise nje. – nguSborh Mabaso
Mhleli: Ukube uClicks ubedelele amaSulumane besingeke siphinde siwabone kulesi sitolo kodwa thina ndlu emnyama kuyaziwa ukuthi asibambene. Njengoba bexolisile kusasa sobe sisezitolo zabo siyothenga yikho kudlalwa ngathi nalaba baholi bethu bathule ngaphandle kwe-EFF iyazama yona.– nguDummaa Lwandlee Mvenya