ASINAMALI: UMsizi Dube iqhawe elingenazibongo



UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
Ilokishi iLamontville eliseNingizimu yeTheku linomlando omkhulu. Lingelinye yezindawo lapho aboHlanga ababegcinwe khona. Leli lokishi ngeminyaka ye-1980 laba yisizinda somzabalazo wokulwela ubuholi noHulumeni Wendawo. Indoda eyabe isekhaleni yalowo mzabalazo nguMnu uMsizi Cyril Harrison Dube.
Ebhukwini elisihloko sithi: Asinamali! The Life of Msizi Dube elihlanganiswe nguThulani Mshengu, uJabu Ndlovu noJean Fairbairn, impilo kaDube ibekwa ngokuyikho nokukholekayo njengoba ababhali bakhuluma nalabo ababesondelene nalo mholi. Phakathi kwabantu okwakhulunywa nabo singabala; uMfu uMcebisi Xundu, u-Ian Mkhize, uFreedy Dube, uMafukuzela Maponya, uRichard Gumede, uStephen Dlamini, omama uJenet Mbatha, uFlorence Mkhize noDorothy Nyembe. Kepha owayesondelene kakhulu noDube okwakhulunywa naye ngowayengumkakhe umama uBenedictor nomafungwase wakwabo uDube, umama uDaphney.
Okuhle ngaleli bhuku wukuthi limsusa ezalwa uDube liveze nolibo lwakwakhe kusuka kukhokho wakhe uMnu u-Absolom Mahlenga Dube owabe eganelwe ngumaTshabalala bobabili onkaba yabo ikwaNgwane. Ibuye ikhulume ngalo mholi njengomfumdi emabangeni aphansi kuze kufike kulawo aphezulu exoshwa eNkamane edlulela e-Adams, eManzimtoti. Ngalesi sikhathi i-Adams yabe yaziwa njengeziko elipheka abaholi base-Afrika njengoba kuyo kwaphuma abaholi abafana noMntwana waKwaPhindangene, iNkosi u-Albert Luthuli waba ngumfundi nothisha kulesi sikole kanjalo noMzizi uMnu uGovan Mbeki kwaba ngesifanayo. Omunye owayelapho nguMnu uMafukuzela Maponya owabe eyisikhuphekhuphe sikaKhongolose owaboshwa ngonyaka we-1960.
Kepha okuyisifundo ngaleli bhuku wumzabalazo waboHlanga emalokishini azungeze iTheku. Yini eyabe ingabuye ikhalelewe ngaphandle kobuholi obuqotho obuqokwe ngabantu kanye nezidingo. Kwaba yishwa ukuthi uDube wabulawa ngendlela abulawa ngayo nokuthi lesi sehlo sadala umlilo emalokishini azungeze iTheku nokuyinto ibhuku eliyivezayo. Okumqoka kimi ngebhuku wukufunda kabanzi ngamandla obunye bomphakathi, uhlobo lobuholi obudingekayo koHulumeni Bendawo nasezweni nje jikelele.
NgoDube umholi womphakathi ukudwebela isithombe esiphelele lapho ethi: “Okwakushisekelwa ngabantu kwakusenhliziyweni yakhe. Wayekhuluma ulimi lwabantu. Wayephila nabantu. Wayengesiyena usonkolo ubethinta uma kuthintwa futhi ezihlalela nabantu. Bekungekho lutho lokunethezeka endlini yakhe. Ubengenayo imoto. Lokho kwenza ukuthi uma ekhuluma ngokudutshwa kwamabhasi kuqondakale kalula.”
Kungakuhle imitapo, ikakhulukazi leyo ezungeze nengaphansi kweTheku, ingaba naleli bhuku lihunyushwe nangezilimi zaboHlanga. Lingafundwa ngabantu kuyo yonke imikhakha yempilo, ikakhulu labo abafisa ukwazi ngomzabalazo nabafisa ukwenza okufanayo, okuwukubhala ngomlando wabaholi bendawo nanokuba yingxenye yomzabalazo wesikhathi sethu. Okunye ongakuqaphela wukuthi njengoba kwabe kukhalwa ngemali nje, isimo asikaguquki kakhulu.