Uphumule uxamu kavinjelwa kwezobuholi – uMama uSizakele Magwaza (89)



USol uNxumalo ngungoti wolimi nomhlali wezincwadi ezahlukene.
Kakukhulunywa ngabo ngoba kubukiswa ngokucikoza okuthile. Kabakhalelwa ngoba kulisiko ukukhala. Kukhulunywa ngabo ngoba izintaba, imifula, nezihlahla ngabe kuyafakaza namuhla ukuba kunikwa ithuba. Ngabe kuthi kwambona eshabasheka ngothando, ngentshisekelo, ngokuba yisikhukhukazi esimatshweletshwele.
Namuhla umama uSizakele Gertrude Magwaza simkhalela ngoba nezinyoni, nelanga eliphumayo nelishonayo, ngisho namazolo ayamazi ehla enyuka engabalisi, engasho ukuthi uyabukelelwa, engasho ukuthi usekhathele.
Ngale nyanga yabesifazane, isiyophela nokwenza, sithi ndlelanhle qhawe lamaqhawe. Uzibekile izihlangu zakho ngokuthula ungagulanga ekhaya lakho kwa- A oLundi, mhla zingama-21 kuNcwaba wezi-2020.
UYengwayo (isithakazelo) inkaba yakhe ikwaMagwaza. Impilo yakhe iphothanile nezimishini kusukela eqala esikoleni eMfule Mission Primary ngowe-1938, wedlulela Ekuthuleni Combined School (1945-1947) waze wayokwenza izifundo zobuthishela eMphumulo Training College (1948-1949). Lezi kwakuyizikole zamaLuthela zonke. Kunomlando ukuqala kwakhe ezobuthishela ngonyaka amabhunu angena ngawo embusweni, ekloklela zona lezi zikole okwakufundwa kuzo ethi zifundisa ushevu wokuthi uNkulunkulu wadala abantu balingana. Agcina ezivalile noma azixova ngomthetho wawo wonyaka we-1953 okwakuthiwa yiBantu Education Act.
Waqala ukufundisa eQwasha Primary School eMahlabathini. Benontanga yakhe bayibamba ishisa, abanye abazali bedinga ukukhuthazwa ukuletha izingane esikoleni bebuza ukuthi kuzokwelusa bani. Indaba oniwa ngabanye ababefunda bese beya eGoli bahambe udu! Base bethi abazali kabafuni ukufundisa amahuzu. Kwabuye kwaba nomshikashika wokucela obaba ukuba badedele amadodakazi aye esikoleni.
Babethi kabafuni ngoba azofunda okuzowudidanisa amakhanda ahambe aye kude aziganise. Kwaya kwaya kwalunga. Yizo lezi zintombi ezaba yisibonelo esihle abantu baba nethemba lokuthi indlela yempilo eyayisifike nabelungu yayingahle ingakhucululi amagugu namasiko abo. Babe bona izintombi ezifana nomama uSizakele Gertrude Magwaza zishayela phezulu zikhuluma nesiNgisi.
Emva kwesikhathi umama wakwaMagwaza waqala isitolo sakhe. Sasikhona eMahlabathini kuthiwa yiNtabankulu Trading Store. Ngalezo zikhathi babengekho omama ababenezitolo. Babengaba nakho abakuthengisa bume, kodwa hhayi ukuba nesitolo. Kamumva kwabakhona oNkk uM Nxasane, oNkk uN Dladla, noNkk uNV Nxumalo. Uphawu olukhulu lwabesifazane basemakhaya kwakuyikukhuthaza imfundo, ukulima, imibukiso yezitshalo, ukwesekela ukwakhiwa kwezikole, ukuziphatha kwentsha, nokulawuleka kwawo wonke umuntu.
Wayenganqeni ukwenza umsebenzi abonayo ukuthi uzomfikisa ezifisweni zakhe ezithile. Wake wasebenza ekhaya labelungu abagcina bethuthele eGoli. Wahamba nabo. Kanti uzofika eGoli angenwe kakhulu wuthando lwamanqindi. Kwathi esebuyile waqala uqeqesho lwabesifazane kwezamanqindi eShowe. NasoLundi wayiqala indawo yomqeqesho esizana noMfu uCJ Mthethwa, uNgqongqoshe Wezomthetho ngaleso sikhathi
Ngakho ukushabashekela intuthuko yomphakathi ephuma ezithukuthukwini zabo, hhayi eyeyemele ekuhawukelweni izakhiwo ezithile ezilawula ngempilo yabo bona bangashaywa mkhuba wangenela ubukhansela kumasipala wasoLundi. Waba nenkonzo yeminyaka eli-13 kulo masipala. Wabamba iqhaza kulezi zinhlaka ezazingakhokhi holo ngokukhulu ukuzinikela: waqala iKZN Senior Citizens Golden Games Committee eZululand District, kanye neSenior Citizens Parliament Games, ezingeni lesifundazwe nozwelonke.
Wayengenqabi uma kuthiwa akazosebenza esikhungwini. Wavuma futhi ukuba nguSihlalo weNkonjeni Hospital nasoLundi A Clinic. Waba yilungu leRotary Club kusukela onyakeni wezi-2003. Wake waba nguMengameli wale nhlangano ekhona umhlaba wonke ebhekelela abadinga usizo. Udlule emhlabeni esezohlonishwa ngePaul Harris Fellow ngoMgqibelo 21 kuNcwaba wezi-2020 ngosuku ashone ngalo. Wayengumthuthukisi wemiphakathi nemisebenzi yohwebo eqhutshwa ngabantu abazimele noma abafufusayo. Ubezehlisa, akhongozelele abadingayo, ancenge, asebenze ngisho eyedwa, amukelise abadingayo ngomoya wothando. Ziyamazi izitolo, izindawo ezinjengoHoliday Inn oLundi abahwebi, abehlala ecela kubo umnikelo wokudla nempahla noma izingubo namashidi anganikelelwa abadingayo. Isimangaliso somuntu obengisikhukhukazi esimatshweletshwele engeke athi sengisize ngokwanele. Engeke athi ake nedlulele nakwabanye nocela usizo kuye.
Kuyathokozisa ukubona ukuthi umphakathi, abaholi, nabanentando enhle, bamsizile bengafune kwaziwa. Bamkhuthaza ngokumbonga, ngokulalela izifiso zakhe, nangezeluleko esingabala uMntwana uMG Buthelezi, isizwe sakwaButhelezi, aMakhosi esizwe endaweni, abasebenzi bakwaHulumeni ababe msiza ngankathi, nomama abebesondela kuye abasize bakhe ikusasa lezingane zabo.
Umsebenzi wakhe omangaliswayo wakhungwa kanje: ngowe-1988 wathola indondo kaMasakhane Initiative ayinikwa nguMengameli weSouth Africa nguMengameli uMandela. Ngowezi-2005 wamukeliswa iLife Time Gold Award ayinikwa ngoPremier waKwaZulu Natal uSbusiso Ndebele. Ngowezi-2006 wanikwa indondo yeWoman of Substance. Wahlonishwa futhi ngomsebenzi wakhe nguPremier wangaleso sikhathi uDkt uZweli Mkhize. Ngowezi-2013 wanikwa indondo nguSteve Tshwete yeLife Time.
Ufihlwe emalibeni akwaMvula eHlophekulu eMhlabathini. Ushiye indodakazi yakhe eyodwa emaswini ayisi-8, abazukulu abali-10, nezizukulwana ezingama-52.
Lala ngokuthula Yengwayo, usebenzile, sengathi isihlonti obusiphethe singaqhubeka sikhanyisele abaningi futhi sichamsele abaningi abaphile ubuntu bafukamela ubuntu, bandisa ubuntu. Awubange usasho ukuthi sisale kahle. Wenzele ukuba imisebenzi oyenzile, ihlale ikhona, ikhula, ingami ngoba sekuvalelise wena. Abangavalelisiwe kabanalo ilungelo lokuthi kabasabonwa.
Bangeziluthe futhi ngokuthi kabasabonwa. Kufanele bazi ukuthi bona ababona umama Magwaza ekhwishizela, eshayela imoto noma esemdala, enakekela abanye, usonhlalonhle woqobo, imisebenzi yakhe kufanele iye ngokukhula yelekanyana njengamagagasi wona egubha busuku nasemini.