Awukholakali umbiko woMnyango



UMkhize uyintatheli yezemindlalo engxile kumankomane nezokusubatha.
ULonwabo Tsotsobe (36) owayengumshwibi wamabhola eqenjini lesizwe lekhilikithi, iProteas, udinwe uyaveva ngesenzo soMnyango Wezemidlalo asibiza ngokuthi wukudayisa aboHlanga kuCricket South Africa (CSA) phezu kokuba kuvela nsuku zaphuma ukuthi ubandlululo lunuka phu kule nhlangano.
Lo Mnyango oholwa uNgqongqoshe uNathi Mthethwa wethule umbiko we-Eminent Persons Group (EPG) waphakathi konyaka wezi-2018 nowezi-2019 nokho oze washicilelwa ngoNhlangulana wonyaka ophezulu.
Kulo mbiko obheka ukuthi izinhlangano zezemidlalo sezihambe ibanga elingakanani ekuthuthukiseni noma ekunikeni ngokulinganayo amathuba labo ababecindezelekile ngesikhathi sobandlululo, kutholakale ukuthi abomdlalo wozokubhukuda neHockey abakhale ngaphansi kwama-50%.
Phezu komlilo osha ubuhanguhangu wezinsolo zokubandlulwa kwaboHlanga kukhilikithi, uMnyango Wezemidlalo ubike ukuthi i-EPG ithole ukuthi iCSA seyenze imizamo yaba ngama-70% yokunika amathuba alinganayo bonke abantu kulo mdlalo.
UTsotsobe odabuka ePort Elizabeth nokwathi ngowezi-2017 wamiswa iminyaka eyisi-8 engazihlanganisi nalo mdlalo ngenxa yezinsolo zokudayisa imidlalo ku-2015 Ram Slam T20 Challenge, utshele elaboHlanga ukuthi usazibuza namanje ukuthi lo Mnyango ufike kanjani ekuthini iCSA seyenze imizamo engama-70% ekuthuthukiseni abantu ngokulinganayo.
Uthe ukuqhubeka kwezinsolo zokubandlululwa kwaboHlanga kusho khona ukuthi kusakhala isicathulo sabebala elimhlophe.
“Kuyangidida ukuthi kufikwe kanjani kulesi sibalo ekubeni emazingeni aphansi, ezindaweni nasezikoleni zasemakhaya nasemalokishini ikhilikithi inganakiwe. Mhlawumbe uHulumeni unika iCSA la maphesenti ngoba azi kahle kamhlophe ukuthi naye akamsulwa, akayakhile ingqalasizinda yalo mdlalo kulezi zindawo. Ezindaweni zabamhlophe le ngqalasizinda ikhona. Yingakho kusenzima ukunika izikhundla noma ithuba lokudlala aboHlanga.
“Usho kanjani ukuthi iCSA iyazama ekubeni kuligi enkulu yekhilikithi kuleli izikhundla eziphezulu emaqenjini zisaphethwe abamhlophe? Inkinga ukuthi lolu guquko siqala ukulubheka emaqenjini esizwe sikhohlwe ukuthi ziningi izinhlaka ezakha lo mdlalo. Empeleni amaqembu esizwe awumkhiqizo wokugcina,” kubeka uTsotsobe ogcine ukudlala kumaDolphins.
Lo mshwibi odlale imidlalo engama-309 kumaTest, engama-95 kuma-One Day International (ODI) nengama-20 kuT20 uthe nakuba abamnyama sebetshengisile ukuthi banekhono kodwa abelungu basakholelwa ekutheni aboHlanga bangene ezikhundleni eziphezulu naseqenjini lesizwe ngoba benzelelwa.
“Kuningi mfwethu obekwenzeka. Umbuzo ukuthi sasithuleleni? Mhlawumbe sasingenaso isibindi njengabadlali besimanje. Kuyangijabulisa ukuthi ithumba selize laqhuma. Phakathi kwengingasoze ngakukhohlwa ikuWorld Cup lapho ngadlaliswa umdlalo owodwa engaqokwa kuwo njengomdlali ovelele. Okwangiphatha kabi ukungadlaliswa kwami kowalandela, kowandulela owamanqamu phezu kokuba ngangingumshwibi wamabhola ohamba phambili emhlabeni phakathi kowezi-2011 nowezi-2012”
Indaba yokucwaswa kwaboHlanga kukhilikithi kuleli ibhotshozwe uLunga Ngidi ongumshwibi weProteas ngenyanga edlule enxusa ozakwabo emhlabeni ukuba bazibandakanye nomkhankaso wokubulawa kwaboHlanga owaziwa ngeBlack Lives Matter (BLM).
KwaboHlanga, ngesikhathi abamhlophe ababengabadlali beProteas uPat Symcox, uBoeta Dippenaar noBrian McMilliam begxeka uNgidi ngokweseka lo mkhankaso bayinyathela emsileni.
Kuvumbuke inqwaba yabadlali boHlanga begonyuluka ngokuhlukunyezwa kwabo.
Abadlali abadala bekhilikithi abangama-31 nabaqeqeshi abahlanu basayine incwadi evulelekile.
Phakathi kwabo kube umakadebona uMakhaya Ntini owaveza ukuthi ukuze abalekele ukubandlululwa ngozakwabo wayeze ancamele ukungaligibeli ibhasi labadlali kodwa ahambe ngonyawo uma beyoziqeqesha.
U-Alviro Peterson owayeyibatsman kwelesizwe naye owamiswa ngendlela efanayo uveze ukuthi ngesikhathi edlala e-England watshelwa ukuthi abe nesihluku uma ebhekene nowakubo omnyama.
Kuqale phansi nesihluku esifana nesenzeka kumqeqeshi woHlanga uGeoffrey Toyama encishwa ngowezi-2017 umsebenzi wokuqeqesha iqembu lesizwe phezu kokuba ubenakho konke obekudingeka.
Sekuwumlando ukuthi lo msebenzi wanikwa u-Ottis Gibson. Kwakushiye uRussell Domingo.
UToyama waziwa ngokukhiqiza iningi labadlali okukhona phakathi kwabo uTemba Bavuma, uQuinton de Kock, uStephen Cook, uDwaine Pretorius ukusho abambalwa.
Muva nje uThami Tsolekile naye owamiswa kulo mdlalo ngazo belu izidubedube ze-2015 Ram Slam, ohlelweni lukaRobert Marawa, iMarawa Sports Worldwide udalule ukuthi abamhlophe bashiywa ngaphandle ophenyweni lweCSA. Laba oVaughn van Jaarveld noRobbie Fry.
Ufakazelwe uPetersen obe esesabisa ngokuveza amahlazo maqede wakhwela wadilika kubuholi bale nhlangano.
ICSA ikhiphe isitatimende iphikisa labo abathi uphenyo lwabo lwezinyanga ezili-18 luchemile. Izeseke ngokuthi belungaphansi kweCSA’s Ati-Corruption Unity (ACU) yona ebiqashwe ngolokhozi umahluleli osathatha umhlalaphansi uMnu uBernard Ngoepe.
Phakathi kwabanye abamiswa kolwe-2015 Ram Slam, uGulam Bodi owamiswa iminyaka engama-20 ngenxa yokuba ungqondongqondo, uJean Symes, uPumelela Matshikwe no-Ethy Mbhalati.
ICSA isanda kuqoka uKugandrie Govender njengebamba leSikhulu Esiphezulu. Lesi sikhundla silaxazwe uMnu uJacques Faul oshiye isigubhukane ngoMsombuluko odlule.
UGovender unconywe uMnu uBeresford Williams oyibamba Mengameli webhodi leCSA ngokuba nesipiliyoni sokuphatha iminyaka engama-23. Njengamanje uWilliams uyiChief Commercial khona kwaCSA.
Khonamanjalo, ekuqaleni kwaleli sonto, ngesikhathi uNgqongqoshe uMthethwa echaza kabanzi ngokucazwa kwemali yabadlali namaciko akhahlanyezwe ukhuvethe uphinde wayikhuza eyobandlululo kwezemidlalo.
Uthe abazobanjwa beqhubeka nalo mkhuba bazolutheza olunenkume. Uveze ukuthi isikhwama iCovid-19 Relief Fund esigabeni sokuqala sesikhokhe izigidi ezingama-R65. 7.