Bayanda abafakaza ngobumbulu bukaMncwango weDA



USikhakhane yintatheli emnkantshubomvu egxile ekuphenyeni izindaba zepolitiki.
UMchunu uthi uMncwango yisakabuli. Imizamo yokuthuntubeza udaba ngomholi weDA
“UZwakele Mncwango akakaze abe ngumholi futhi ubuholi yinto engekho kuye yingakho ubona iDemocratic Alliance KwaZulu-Natal yehle yaze yaguqa ngamadolo, yalahlekelwa ngisho ukuba iqembu eliphikisayo ngokusemthethweni, yabalekelwa abaxhasi kwezezimali, kwaphela ngisho lesiya sithunzi sayo ebinaso sokukwazi ukubhekana ngqo neqembu elibusayo kuHulumeni,”
Lawa ngamagama aphinyiswe ngumholi wokuqala woHlanga owahola iDemocratic Alliance KwaZulu-Natal, uMnu uSizwe Mchunu. Lo mholi othintwe wumbiko welaboHlanga ngesonto eledlule nayilapho abathile bebesola uMhlonishwa uZwakele Mncwango ngokuba yimbulu. Engxoxweni ekhethekile uMchunu ushiye angalazi kumholi owathatha izihlangu zakhe. Uthi bambalwa abangakhuluma ngoMncwango ukwedlula yena ngoba ufikele kuye futhi umazi njengoba ezazi ngoba ubesebenza naye nangaphansi kwakhe esengumholi weqembu esifundazweni.
“Ngifuna ukuyiqala lapha le ndaba, ngesikhathi iDA siqala siyikhulisa eminyakeni engama-20 edlule kwabe kunezinhloso ezine ngayo. Okokuqala kwabe kuwukuthi sifuna ukuphendula iDA ibe nendawo eyiphathayo ukuze izikhombise khona ukuthi ingakwazi ukuphatha kangcono izwe kune-ANC. Okwesibili kwabe kuwukuthi sifuna ukuba kwande isibalo saboHlanga kuleli qembu nokuyinto eyayisho ukuthi kufanele ebuholini sibe nabo abaholi abafana noMnu uMaimane noLindiwe Mazibuko ukuze sikwazi ukuba kulezi zindawo engakaze ivotelwe kuzo. Okwesithathu kwaba ukuthi sikhulise isibalo esesivele sinaso samaKhaladi namaNdiya. Okwesine sasifuna ukuba sibeke iDA njengeqembu elingcono kwaphikisayo kuleli. Yingakho lapha KwaZulu-Natal mina ngaba nezinhlelo zokuba ngikhulume nabantu abayizinkulungwane eziyishumi kodwa engathi uma ngikwenza ngokulekelelwa ithimba lethu elalisenzela ucwaningo ngempumelelo. Sagcina sikwazile ukukhuluma nabantu abangaphezulu kwezinkulungwane ezingama-90 esikhundleni zabayishumi esasibahlosile,” kuchaza uMchunu.
Uthe bakwazi ukubanga umsindo KwaZulu-Natal befaka ingcindezi kuHulumeni we-ANC, bekwazi nokuwuyisa enkantolo uma kukhona okungahambi kahle eminyangweni nokuyizinto ababezenza ngempumelelo.
Uqhube wathi akugcinanga lapho kodwa ngaphansi kobuholi bakhe bakwazile ukwandisa isibalo samalungu ezinhlanga ezahlukene abemele iDA eSishayamthetho.
Uthe ehola leli qembu esifundazweni, naseSishayamthetho, isibalo saboHlanga sakhula saba namalungu amane amaNdiya, kwaba amathathu aboHlanga, kwaba abelungu abathathu nokwakwenza amalungu abeyi-10 esewonke ayewahola kulesi sakhiwo. “Lokho ngakwenza ngempumelelo ngoba ngangikubantu futhi ngiyiqonda ipolitiki yaKwaZulu-Natal neyeqembu engiliholayo uqobo. Akuyona into engiyithandayo ukuziqhathanisa noma ngikhulume ngami kodwa uma ubuka nje iDA yenzani manje futhi imeleni nje uma ucabanga? Ngingasho nje ukuthi isiguqe ngamadolo ibuyele emuva kulokhu esasiyisusa kukho eminyakeni engama-20 eyedlule. Isibalo sabelungu abaseSishayamthetho sesiphindeke kabili kwathi aboHlanga kwasala ababili nje vo,” kuchaza okaPhakade.
Uthi ubuholi bukaMncwango behlisele izinga lokubeka inkulumompikiswano eSishayamthetho nathe lokhu kukhomba uhlobo lomholi osezintanjeni.
“Ngike ngaya ngiyobuka izinkulumompikiswano. Ngingasho nje ukuthi iDA isiphelelwe amaqhinga nomsoco uma kuziwa kuzinkulumompikiswano zaseSishayamthetho. Le nto eyayenzeka yokumincisa iqembu elibusayo iphelile ayisekho kuDA. Wagcina nini nje ukuzwa kuthiwa iDA iphonsa inselelo kuHulumeni imfaka nasenkantolo?
Yinto engasenzeki leyo ngoba sebebalekelwe ngisho abantu abebexhasa leli qembu ngakwezomthetho,” kusho uMchunu.
Uqhube wathi okunye leli qembu KwaZulu-Natal seliqhugela kakhulu ngoba lidilize inqwaba yezisebenzi kwaphinda lashaywa nawukuthi umdlandla wokusebenza kubaholi abehlukene washabalala. Uveze ukuthi ngisho amakhansela amaningi awazimisele ukufaka izicelo zokubuya angenele elinye ihlandla okhethweni loHulumeni Bendawo oluzayo.
Uthe ubufakazi balokhu izicelo zobukhansela zivalwe ngoNhlangulana kodwa selulwa isikhathi kwaze kwaba inyanga eyedlule ngoba izibalo zingavumi.
Odabeni lwalokho okushiwo ngomunye owayengumholi weqembu eZululand, uMacingwane uthi uyababaza.
“Yona le nsizwa yakwaMncwango idonsa kanzima ngoba nezinsizakusebenza eqenjini azisekho ngoba phela ukwehla kwamalungu amele iqembu ezinhlakeni zikaHulumeni kusho ukuncipha kwemali engenayo. Ngakho isimo sibi nje impela. Okunye yikho lokho-ke kokuthi usejikele abantu ababemeseka. Ngiyathuka nje uma sebexabene noSbu Nkosi ngoba babengahlukani. Ngiyakhumbula nje ukuthi kwake kwathi siyokhuluma nabantu eMzinyathi ngihamba nomfowethu nomngani wakhe, abantu bakaMncwango bangisola siseDundee bathi ngiphethe isibhamu ngihamba nezinkabi.
Kwafonelwa yena uNkosi lona abangasabhekani naye ukuba ayothatha isibhamu kwakhe. Ngakho ngixakekile uma sebexabene. Lokho kukhomba ngokusobala ukuthi uMncwango ungumuntu onjani.
“Nami sasizwana futhi sisuka kude naleya nsizwa kodwa uba ngumngani wakhe uma kukhona akubheke kuwe. Uma kungasenjalo ukushiya kanjalo. Yilokho nje engingakusho. Yena noNkosi babanga izinto abebezenza eZululand bobabili ngoba bebedla khona. Ngaphandle nje kwalokho izinto ezishiwo uNkosi azingithusi ngale nsizwa ngoba nami ngiyazazi. Empeleni anoke nimbuze ukuthi wangena kanjani ebuholini bekhokhasi yaseThekwini,’’ kusho uMchunu.
Isakabuli elithanda izikhundla
UMacingwane uthi inkinga kaMncwango ijulile ngoba ungumuntu olisakabuli nothanda izikhundla noma engakaqini ukhakhayi nasekwazini inhlangano.
“Le nsizwa yavele yajaha ukuba umholi wekhokhasi yeDA eThekwini kusaphele izinyanga eziyisi-9 iyikhansela. Lapho mina ngehlelwa yilesi simo eSishayamthetho lapho okwathi uma bengifuna ekutheni ngihole iqembu ngaphakathi nganqaba ngathi ngisacela ukulinda noma unyaka ngikwazi ukufunda ipolitiki yeDA nekaHulumeni.
Kuthe noma sengikhethiwe kodwa ngenza isiqiniseko sokuthi ngizizungeza ngabantu asebenamagalelo eqenjini abazokwazi ukungilekelela ebuholini bami,” kuchaza uMchunu obebuye ehlise ngenkomishi yeRooibos abeyixube nolamula engxoxweni abenayo nelaboHlanga.
Uthe uma kungathiwa kunokhetho namhlanje noma kusasa iDA ingahlulwa ingcaca njengoba isivele ishiywa amakhansela ayo ezingxenyeni eziningi KwaZulu-Natal. Ngesikhathi esho kanje kube sekungena amakhansela amathathu aseMsunduzi aleli qembu asejoyine uKhongolose abezohlangana naye uMchunu.
“Uyabona laba bayingxenye yesigamu samakhansela aseyishiyile iDA lapha eMsunduzi. Le eKokstad inqwaba ehambile yazojoyina i-ANC,” kusho uMchunu.
Kubuye kwahlala obala ukuthi uMchunu akalali umatasa uyehla uyenyuka ulanda ozakwabo kuDA ubaletha kuKhongolose.
Lokhu bekubonakala nangezingcingo abeziphendula maphakathi nenkulumo, ethintwa abantu abangaphakathi kuDA abanye bemtshela ngezinkinga abanazo ehhovisi lesifundazwe.
Uthe umbhalo wokuthi iDA iyacwila usobala okwezinqe zesele, akusadingi ngisho ingane.
“UMncwango inkinga asebhekene nayo abantu bakhe abamfaka emandleni bayazisola manje abasaneme neze ngoba uhlulekile ukufeza izethembiso. Uyabona leli qembu esifundazweni libhekene nenkinga lapho selilahlekelwe ngisho idumela kwabezindaba nakubantu nje liphelelwe ushatini. Mina ngesikhathi sami bekucaca uma sikhipha izitatimende, siwumise kabi uHulumeni. Besiya manje enkantolo uma kunezinto ezingekho esimeni komasipala nakuHulumeni wesifundazwe. Lokho akusenzeki. Wayigcina nini nje iDA ukuyizwa ibanga umsindo ngenkohlakalo ekomasipala? Wagcina nini ukuzwa kuthiwa iDA ifaka uHulumeni enkantolo ngenxa yokuthi kukhona abangahambisani nakho okwenzekayo? Thina sasimfaka uNdunankulu uZweli Mkhize enkantolo sifike sinqobe. Kwakucaca ukuthi siyiqembu eliphikisayo elenza uHulumeni uhlale umi mazonzo,” kuchaza uMchunu.
UMchunu uzishaya isifuba ngokuthi iDA uyifake ezindaweni zaMakhosi KwaZulu-Natal yaze yabanamakhansela kuzo yize kwakungekho owayecabanga ukuthi iyoke ibenalo ivoti ngenxa yokukhonya kwe-ANC ne-IFP kulezo zingxenye zesifundazwe.
Kafushane ngoMchunu
- Waba yisigagayi sokuqina senhlangano iPAC.
- Ngowe-1996 wahlubuka ophikweni lwentsha yePAC wajoyina iDemocratic Party,
- UMchunu uqokelwe ekutheni abe yiKhansela leDA ngemuva kokuba iguqule amabala ngemuva kowe-1999 yaba iDemocratic Alliance isuka ekubeni iDP.
- Ngesikhathi kuphuma uMnu uRoger Barrows, uMchunu uthathe izintambo waba owokuqala woHlanga ukuhola leli qembu emlandweni walo.
- Ungomunye wabaholi abakhulele kuDA waphinde waqeqeshwa ebuholini ngunkosikazi kaMnu uTony Leon.
- Ngowezi-2015 wehlulwa engqungqutheleni eyabe iseRichards Bay yokukhetha ubuholi kwanqoba uMnu uZwakele Mncwango.
- Ngowezi-2019 kuNdasa ushiye iDA wajoyina i-African National Congress