Isingangathi, seluyadlanga ukhuvethe kweleNdlovukazi uMthaniya
UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
Ongoti bathi isifundazwe iKwaZulu-Natal sizophenduka isikhuphe somkhuhlane odla kwasani
Itende labe ligcwele phama. Kwakukhona osopolitiki abangamalungu eSishayamthetho, aMakhansela, osozimboni, aMakhosi kanye nomphakathi jikelele. Lolu kwabe kulusuku lweMbube lokuvula iSishayamthetho saKwaZulu-Natal. Njengokwejwayelekile Omdala ngalolu suku kashiyi lutho njengoba esuke esho konke okusemqondweni nasenhliziyweni yakhe. Kwabe kuwusuku lwesibili kuNdasa ngowezi-2020.
“Esibhekene nakho wumkhuhlane osubhebhetheke cishe emazweni angamashumi amahlanu nowaziwa ngeleCovid-19 (ukhuvethe). Akungabazisi ukuthi lo mkhuhlane uyoba nomthelela omubi hhayi kuphela empilweni yabantu kulelo nalelo lizwe kepha nasemnothweni wamazwe. Akudingi ukuba ngigcizelele ukuthi njengezwe kumele sizibambe ziqine ngoba uma sike sadembesela kuyoba nenhlekelele engeke yakhetha bala lamuntu nasikhudla. Ngalesi sikhathi esinzima nginxusa umphakathi ukuthi ubambisane nabezempilo futhi ungadukiswa ngamawongowongo abuye abhalwe ezinkundleni zokuxhumana kunalokho abalalele imiyalelo kaHulumeni nabezempilo.”
Sekuwumlando ukuthi okwabe kubikezelwa yiNgonyama namuhla sekubikwa umhlaba wonke. Okubi wukuthi iso lesishingishane selibheke kulo eleNdlovukazi uMthaniya.
Kuza kithi nje sekuvele kushiye kumapeketwane kwezinye izifundazwe, bheka ngoba kuyakhalwa eNtshonalanga Koloni, kuyakhalwa eMpumalanga Koloni naseGauteng. Indawo ewumlomo nesango lomnotho wesifundazwe iTheku yilo okwamanje ebelisabatshazwa. Iyalandela iNhlokodolobha uMsunduzi namaphethelo.
Ukukhathazeka kusezindaweni zasemakhaya nayilapho ingqalasizinda ingekho ezingeni. Okunye okukhathazayo yizinga labantu okungenzeka ukuthi balimalela ngasemakhaya bengakayi emtholampilo noma ezibhedlela.
Lesi simo singahle sidide izibalo zabashonayo ngoba iningi lazo lincike kumininingwane eqhamuka emitholampilo. Enye into ekhathazayo yingxenye yalabo abakholwa wukuthi lesi sifo kasikho kepha yitulo nje labathile lokuwaka abantu. Bakhona nabangayishayi mkhuba imithetho ephathelene nokweluswa kwesifo lesi. Laba bakhona kuzo zonke izingxenye zezwe bakhashwa ngokholwa ngokubona abanye abangazifaki izimfonyo.
Ekhuluma muva nje uNdunankulu waKwaZulu-Natal, uZikalala uthe: “Isithombe sesiguquke kakhulu. Sesifike lapho cishe wonke umuntu wazi umuntu osehaqwe ukhuvethe. Akusesona isifo esibukelwa kude, sesisemagcekeni,” ekhuluma nabezindaba ngeSonto ntambama.
Uqhubekile wathi: “Njengoba sibonile izolo [ngoMgqibelo] kuphela sibe nabathelelekile abanye abayizi-3 405. Ngakho-ke lokhu kusho ukuthi esontweni elilodwa sesinabatheleleke ngokhuvethe abasha abazi-20 557, abakamuva ababhubhile abali-198 nabayizi-10 196 asebesimeme. Asebethe basimama kulesi sifundazwe kumanje bayizi-21 251.”
Loyo ongumkhuzi wempi elwa nokhuvethe uDkt uZweli Mkhize uthe: “Inhloso yoMnyango Wezempilo ukwenza isiqiniseko sokuthi isifundazwe asiphelelwa yimibhede noma umoyampilo. Siqaphe ngeso lokhozi okwenzakalayo okumanje iGauteng isezingeni elikhulu lokutheleleka.
Nokho kubukeka iKwaZulu-Natal itheleleka mawala kumanje okufanele sisiphuthume leso simo kungaze kugabavule sihlulwe yisibalo. Sifuna ukwenza isiqiniseko sokuthi ababhekani nenkinga yemibhede neyomoyampilo, nokuthi isikhathi sokubhekana nalokhu kufanele sincishiswe,” kusho uMkhize.
“Onokwelapha bethu bami ngomumo, izinqumo zokulaliswa esibhedlela zikubona. Uma abantu bengalaliswanga esibhedlela akusho ukuthi kusweleke imibhede kodwa wukuthi asikho isidingo sokuthi ulaliswe esibhedlela,” enezelela uKhabazela.
Yonke le mibiko isho into eyodwa, ukuthi into ekade yabe imenyezelwa isifikile. Ukuqageka akusekho njengoba cishe ungasekho umphakathi ongathintekanga.