“Ukudunguzela” kukaMsholozi kuzothikameza nezinkantolo
UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
Njengoba sekuvele ukuthi akaphathekile owayenguMengameli wezwe ne-African National Congress (ANC), uMnu uJacob Zuma, lokhu kungaphazamisa ukusebenza kwezinkantolo okufanele avele kuzona. NgoLwesibili uMsholozi ubebhekwe ngabovu ukuthi ethule ubufakazi kuKhomishini ebhekele ukugwamandwa kwamandla oMbuso, eholwa nguMehluleli uRaymond Zondo, kodwa akangafi ka. Kuwona lo nyaka, uNxamalala kufanele avele eNkantolo Enkulu eMgungundlovu ngamacala enkohlakalo
UMmeli kaMsholozi u-Advocate uThabani Masuku, uthe uNxamalala angeke akwazi ukuvela kule Khomishini ngoba ubambekile, akamuhle empilweni. Uthe kuyoze kube yinyanga kaNdasa, uMsholozi engakakulungeli ukuvela kunoma yiyiphi inkantolo ngenxa yesimo sempilo. U-Adv uMasuku, ucele uMehluleli uZondo ukuthi ahlangane nethimba labelaphi bakaZuma khona bezomchazela ukuthi ubambeke kangakanani.
UMehluleli uZondo ugcine evumile ukuhlangana nethimba labelaphi, yize ebemanqikanqika. UMsholozi ubethola ukwelashwa kuleli kodwa manje kuthiwa usezokwelashwa kwamanye amazwe. UMsholozi, indodana yakhe uDuduzani, nabaKwaGupta, basolwa ngokuthi bayathinteka ekugwamandeni uMbuso ngoba babezenzela umathanda uMsholozi esenguMengameli wezwe.
Uke wavela uZuma kule Khomishini kaZondo ngoNtulikazi nyakenye, wavela futhi nangoLwezi esephendula imibuzo. Wakhala ngokuthi le Khomishini isiyanhlanhlatha, ayisenzi eyayikusungulelwe, njengoba isilwa naye, siqu sakhe, yehlisa nesithunzi sakhe.
Ngenkathi uMsholozi evela kwiKhomishini, wayekhombisa okukhulu ukuzethemba. Waphinde wachaza ngokuxosha kwakhe uMnu uNhlanhla Nene njengoNgqongqoshe wezeziMali noMnu uPravin Gordhan. Ngenkathi uMsholozi evela eNkantolo eNkulu eMgungundlovu, okokugcina, okwaphawuleka ukuthi abantu abafi ka bezomeseka babengasebaningi njengakuqala.