Ubungozi bokusabalalisa izithombe kwezokuxhumana



UMbatha ngumhleli nomhluzi wezindaba kwelaboHlanga.
Abantu, ikakhulukazi abesifazane, emhlabeni sebezithola bengabagilwa bokwesatshiswa ngokuthi kuvezelwe izwe izithombe zabo benqunu. Muva nje lapha eNingizimu Afrika kunowesifazane uZinhle Mdluli osola umculi odumile uMaphorisa ngokumesabisa ngokuthi uzosabalalisa izithombe zakhe enqunu ezinkundleni zokuxhumana.
Ukwenza lokhu kubizwa ngokuthi inqunisakuziphindisela (revenge porn).
Nakuba lo mculi kukhona abebemxwayisa ngokuthi lokhu asolwa ngokukwenza kuyicala, kodwa ukhombise ukungabi nandaba okungenzeka ukuthi akanalo ulwazi ngemiphumela yakho.
Ngonyaka wezi-2019 eNingizimu Afrika kube noMthethosivivinywa ofuna ukuthi ukuziphindiselela ngokweneka izithombe zomunye ezinkundleni zokuxhumana kuthathwe njengecala.
Muva nje uMengameli uCyril Ramaphosa usayine lo Mthethosivivinywa iFilms and Publications Amendment Bill yaba umthetho. Lo mthetho omusha ubheka inkulumo enenzondo, ucansi oluhlanganisa izingane nokuziphindiselela ngokuveza izithombe zomuntu enqunu.
Baningi abesifazane bemikhakha eyahlukene yempilo asebezithole beyizisulu zalokhu abanye osaziwayo baze baphumela obala ngakho.
Muva nje usonkondlo nomculi uNtsiki Mazwai uvuleleke ngomuntu othile obemsabisa ngokuveza izithombe zakhe enqunu. Kwabaphesheya kwezilwandle asebedlule kulokhu singabala unobuhle wase-USA uBlanc Chyna, umculi uRihanna nosaziwayo kuthelevishini uKim Kardashian West.
Umthetho ubeka ukuthi noma ngubani osabalalisa izithombe zocansi zangasese nokuqoshiwe kunoma yiphi inkundla okungaba ku-inthanethi ngaphandle kwemvume nosezithombeni edaluliwe, lowo muntu angabekwa icala agwetshwe.
Ngokwalo Mthetho omusha, inhlawulo yaleli cala ingafinyelela ezi-R300 000 noma ukugqunywa ejele iminyaka emine okanye isigwebo sokuhlawuliswa imali nesejele kanyekanye.
INingizimu Afrika ize iphasise lo Mthetho nje ilandela amazwe afana ne-United Kingdom (UK), iNew Zealand neJapan asekwenze kwaba yicala ukusabalalisa izinto ezithinta ucansi ngaphandle kokuthola imvume kothintekayo.
ENingizimu Afrika lapho abaningi ikakhulukazi aboHlanga lokhu bengakuthathi njengento eyicala, akumangazi ukubona okwenziwa uMaphorisa okuveza ngokucacile isidingo sokuba uMnyango Wezobulungiswa Nokuthuthukiswa Komthethosisekelo ube nezigcawu lapho abantu befundiswa ngemithetho ebathinta nsuku zonke.
Njengoba leli lizwe libhekene nesihlava sokuhlukunyezwa nokubulawa kwabesifazane nezingane, lolu hlobo lwecala nalo ngeke lashiywa ngaphandle ukuthi liyenziwa. Ngenxa yokweswela ulwazi kuhlwa emini kosebe ngumgilwa walokhu ukuthi yini okumele ayenze. Akekho owaziyo ukuthi khona eya emaphoyiseni uzofike avule liphi icala noma abike ukuthini. Akungagcini ngokufundiswa abantu nje kepha nawo amaphoyisa kuyadinga ukuba afundiswe ngalo Mthetho ngoba ngisho amalungu omphakathi esazi ngokufanele akwenze uma ehlelwa yilokho kepha ingqinamba ingaba seziteshini zamaphoyisa uma eseyovula amacala ngoba kulula ukuthi amaphoyisa amchithe oyovula icala ngelokuthi izithombe lezo zathathwa kuvunyelwene.
Ngonyaka odlule nje, eGauteng umfundi wesifazane owayeneminyaka yobudala eli-13 wazibulala emuva kokusatshiswa ngokuthi izithombe zakhe enqunu zizosatshalaliswa ezinkundleni zokuxhumana. Kuthiwa lo mfundi wayesatshiswa ngomunye owayefunda iBanga 7.
NgokoMnyango Wezemfundo eGauteng, umfundi owazibulala wakubika ukuhlukunyezwa kwakhe komunye wothisha bakhe kodwa umsolwa wabe esehambile esikoleni.
NgoNhlolanja wangawo unyaka odlule, abesifazane baholelwa oPhathe ngababezenza inkampani etholela umsebenzi ozime. Laba besifazane bathuka sebebona izithombe zabo benqunu zizungeza enkundleni yokuxhumana uWhatsapp ezindaweni ezakhele iWorcester eWestern Cape.
Kuthiwa abagilwa bayalelwa ukuba bathumele izithombe zabo ngoWhatsApp bathenjiswa ukuthi bazokhokhelwa imali ephakathi kwezi-R10 000 nezi-R20 000 kanye nethuba lokuthola izinkontileka zokumodela.
Ekugcineni kwatholakala ukuthi ayikho le nkampani nemali abagilwa abayitholanga.
Kwesinye isigameko usomabhizinisi waseGoli waphoqeleka ukuthi akhokhele owesifazane imali eyizi-R170 000 owayenezithombe zakhe lo somabhizinisi. Ekugcineni kwavela ukuthi lona wesifazane owayesabisa lo somabhizinisi ngokuthi uzothumelela umkakhe nezingane izithombe zakhe enqunu, empeleni kwakuyiqola nje lowesilisa.
Ungoti wezomthetho wezinkundla zokuxhumana eNingizimu Afrika, u-Emma Sadleir, uthi ukwabelana ngezithombe ezinqunu akusiwo umqondo omuhle.
Weluleka ngokuthi umuntu angazithumeli, angazithathi futhi angazifuni izithombe ezinqunu. Ugcizelela ukuthi okuvezwa izithombe zakhe uma eneminyaka yobudala engaphansi kweli-18 lokho kuyicala elihambisana nocansi oluthinta izingane.
Okwenzeka kwamanye amazwe
E-United States of America (USA): Njengase-Australia, i-USA isazowenza umthetho olawula ukuziphindiselela ngokusabalalisa izithombe zocansi. Izifunda ezingama-25 kwezingama-50 zinemithetho okwamanje.
ECanada: Imithetho elawulwa ukuhlukumezana nge-inthanethi phambilini ebivikela abantu abaneminyaka yobudala engaphansi kweli-18, isibuyekeziwe ukuvikela yonke iminyaka yobudala ezenzweni zokusatshalaliswa kwezithombe zabantu abanqunu. Lokhu kuleliya lizwe kuyicala elingaholela esigwebeni seminyaka emihlanu ejele.
E-England naseWales: Ukwabelana ngezithombe zocansi namavidiyo ku-inthanethi noma emaceleni ngaphandle kwemvumo yothintekayo kuyicala kanti abatholakala benecala bangagwetshwa iminyaka efinyelela kwemibili ejele.
Kwa-Israel: Ukufaka ezinkundleni zokuxhumana izithombe zonqunu kuyicala kuleliya lizwe. Abatholwa benecala bashushiswa njengabaphuli bemithetho ethinta ucansi futhi bangagwetshwa iminyaka efinyelela kwemihlanu ejele uma bengabanjwa.
EJapan: Ngokomthetho ophasiswe kuwona lo nyaka, ukusabalalisa izithombe zocansi noma ividiyo ezinkundleni zokuxhumana sekuyicala elingaholela ekutheni otholakale ephule umthetho agwetshwe iminyaka efinyelela kwemithathu ejele futhi angahlawuliswa imali engafinyelela kumaYen ayizi-500 000.