Now Reading
Sekufuze alibambe ngazo zombili ithuba lesibili
Dark Light

Sekufuze alibambe ngazo zombili ithuba lesibili

Sekulele ku-Azinga “Golden Boy” Fuzile ukuthi ithuba lesibili ulisebenzisa kanjani njengoba kubukeka evunywa yizinto.

Kuzokhumbuleka ukuthi le ntandokazi yomshayisibhakela yaphunyukwa iqatha emlonyeni ngesikhathi ihlulwa uShavkatdzhon Rakhimov empini yokuhlungela ibhande le-International Boxing Federation (IBF) Junior Lightweight.

UFuzile, owayehamba phambili ngamaphuzu, waphendukelwa esiswini njengotshwala uRakhimov waseRussia, wamqeda ukwazi ngomzuliswano wesi-8, kwaba sengathi liyaphela kanjalo iphupho lokuba umpetha webhande lale nhlangano ebalwa namane ahlonishwayo emhlabeni.

Ukwehlulwa kwakhe akuphoxanga kuphela izindimbane zangakubo ezaziphume ngobuningi e-Orient Theatre e-East London, kepha nabathandi balo mdlalo jikelele kwazise uFuzile uthishwa ukuthi uzohamba elide ibanga abuthele iNingizimu Afrika izicoco eziningi ngenxa yekhono analo.

Abaphathi bakaFuzile bafaka isimangalo ku-IBF bekhala ngokuthi lesi sitha saseRussia kukhona okusasikhuthazi esasisebenzisa ngesikhathi ziyinetha eringini. Ngokwevidiyo umqeqeshi kaRakhimov ubonakala efaka emakhaleni okusampushana kanti ngemuva kwalokho lo somankomane wafana nenkunzi etinyelwe iziqandi ngendlela ayesenamandla ngayo.

Abaphathi bakaFuneka baze bathumela nobufakazi ekomkhulu le-IBF eNew Jersey, okwakuyimijovo nento engathi usawoti abathi kwatholakala egunjini likaRakhimov.

Kodwa ithimba lamadoda amathathu ahlala ekomitini elicubungula izikhalo asichitha isikhalo sekhempu kaFuzile, athola uRakhimov emsulwa.  

Abekhempu kaFuzile babefuna impi ithathwe njengento engekho bese kubuyelwa eringini kududulwane futhi. Ngebhadi i-IBF yasichitha isicelo sabo, yanquma ukuthi uRakhimov akalinde ukubhekana nompetha we-IBF uJoseph Diaz.

Nokho Isikhulu Esiphezulu eRumbe Promotions ehlela izimpi zikaFuzile, uNks Nomfesane Nyatela sithe iphupho lokuletha eNingizimu Afrika isicoco se-IBF alikashabalali.

See Also

UNyatela uthe bathunyelwa i-imeyili uMengameli we-IBF, uMnu uDarly Peoples, ethi: “U-Azinga Fuzile kuzomele alwe empini yokuhlungela isicoco se-IBF Junior Lightweight kumuntu ohamba phambili ezilinganisweni.”

UNyetane uthe i-IBF yayibeke umhla zingama-30 kuMbasa ukuthi uFuzile abuyele eringini kanti uDiaz bekumele atholane phezulu noRakhimov ngenyanga edlule. Lesi sikhulu sithe ukube akuphazamisanga ukhuvethe ngabe sebehambe ibanga elide ngezinhlelo zabo.

Emdlalweni wesibhakela ukushintshwa kwemiphumela kuvamise ukwenzeka uma kunobufakazi obuqandula ikhanda. Imvamisa kubanjwa ukuthi ibhokisa lisuke lisebenzise izikhuthazimzimba.

Ukwehlulwa ngomngqimuzo kaFuzile kwaqubula amahemuhemu okuthi ukufudukela kwakhe eGoli kumdide ikhanda njengoba kuthiwa uselibala ubumnandi kunakuqala. Abanye bakhala ngokuthi umqeqeshi wakhe owavundulula ikhono lakhe uChief Njekaye ubekwazi ukumfaka emgqeni ngoba ubemphathisa okwengane yakhe. EGoli uhlala efulethini kanti uphethwe uCollin “Nomakanjani” Nathan ongumqeqeshi aphinde abe imeneja kuye. UNathan wacashunwa kweminye imithombo yabezindaba ethi akusilona iqiniso ukuthi ibhokisa lakhe seliziphatha budlabha kwaNdongaziyaduma.

Scroll To Top