Now Reading
Kufanele kugqame umyalezo hhayi osopolitiki
Dark Light

Kufanele kugqame umyalezo hhayi osopolitiki

Ezokuxhumana ziyinsika kaHulumeni wedemokhrasi, uHulumeni olalelayo, uHulumeni onakekelayo futhi okholelwa ekunikezeni izakhamuzi ngolwazi ukuze zibe yingxenye yezinhlaka, izinhlelo nemikhankaso yakhe. Yingakho uHulumeni wakuleli enohlaka olwaziwa ngeGovernment Communication and Information System (GCIS) nolwethulwa mhla zili-18 kuNhlaba we-1998 ukuze luthathe indawo yohlaka olwalusebenza ngaphansi kukaHulumeni wobandlululo lusakaze ulwazi oluyimfundisoze. Inhloso enkulu yeGCIS ukugqugquzela ukuxhumana phakathi kukaHulumeni nezakhamuzi ukuze kube khona ukwazana, ukusebenzisana nokwethembana. NgokweGCIS, uMengameli wezwe ungubuso bazo zonke izinhlaka, izinhlelo, imikhankaso kanye nemiyalezo kaHulumeni. Ngabe izinhlaka zikaHulumeni ziyayilandela imigomo nezinhloso zeGCIS?

Ngesikhathi uMengameli uCyril Ramaphosa ememezela ukuqala kwemvalelwakhaya ukuze elakuleli linqande ukubhebhetheka kokhuvethe, umyalezo wawuqondile uthi “zonke izakhamuzi mazihlale emakhaya ukuze ziphephe kulolu bhubhane”. Umyalezo wokulwa nokhuvethe kwabe kuwukusebenzisa isimfonyo, ukuhlanza izandla ngesibulalamagciwane, ukuhlanza izandla ngamanzi nensipho ngokuphindaphindiwe, ukuvala umlomo ngendololwane uma ukhwehlela, ukuqhelelana nokugwema imikhuba ejwayelekile efana nokuxhawulana, ukuphuzisana, ukubhemisana nokunye. Ngokudidiyelwa iGCIS, yonke imiyalezo kaHulumeni kungaba sezikhangisweni emaphephandabeni, kumathelevishini, emisakazweni, ezinqwembeni nasemabhodini, bekufanele yakhiwe ile miyalezo. Ngokukhulu ukuhlonipha imigomo yeGCIS, ongqongqoshe kuzwelonke bakhombise ukuvuthwa ebuholini, ukuqonda ukusebenza kwezokuxhumana ngokunjalo nobuqotho ekulweni nalolu bhubhane.

Ngeshwa elikhulu ubuholi emazingeni ezifundazwe nakomasipala bubone lolu bhubhane njengethuba lokuzikhangisa nelokubenza osaziwayo noma izilomo. Okuqhaphelekayo ukuthi cishe zonke izikhangiso zoHulumeni bezifundazwe nomasipala zinemifanekiso emikhulu yondunankulu, abaphathiswa nezimeya negqame ukwedlula imiyalezo yokuphephisa izimpilo kulolu khuvethe. Ngeshwa konke lokhu kwenzeka izakhamuzi zibhuqwabhuqwa ilolu bhubhane, ezinye ziphefumula ngemishini kanti ezinye zingcwaba izithandwa zazo. Ezinye izakhamuzi bezingaphansi kwenkulu ingcindezi ngenxa yobunzima bemithetho yemvalelwakhaya, yokubulawa indlala, yokulahlekelwa imisebenzi, yokuvalwa kwamabhizinisi kanye nomnotho wezwe ominza kule nhlekelele. Akumangazi ukubona ezinye zezakhamuzi zingayihloniphi imithetho yemvalelwakhaya kuthi ezinye zingabi nalwazi ngobungozi balesi sifo. Lesi senzo salabo sopolitiki sifana ncamashi nokwenziwe nguMengameli wase-USA, uMnu uDonald Trump, lapho ebesebenzisa ukhuvethe ukuzikhangisa nokukhankasela ukhetho ekubeni engenzi lutho ukuvikela izakhamuzi kulolu bhubhane. Sekuwumlando manje ukuthi izakhamuzi zezwe lakhe seziphenduke umhlatshelo omkhulu wokhuvethe uma i-USA iqhathaniswa namanye amazwe omhlaba.

Nginesiqiniseko sokuthi zonke lezi zikhangiso ezinemifanekiso yabaholi zakha isidina kunokudlulisa imiyalezo ngalolu bhubhane, nokushintsha imikhuba ejwayelekile noma ukulungiselela imiphakathi isikompilo elisha. Nakuba uHulumeni ukhokha itshe lemali ngalezi zikhangaso ezithe cithi saka emithonjeni yezindaba eyahlukene, kubukeka kukuncane kakhulu akuzuzayo.  Kungani amaqembu epolitiki lapho osopolitiki beqhamuka khona ebavumela ukuba benze leli hlazo elihambisana nosopolitiki abongondlovukayiphendulwa?  Imalini elahlekayo ngezikhangiso ezakha isidina kunokudlulisa imiyalezo evikela isizwe? Baphi onembeza kulaba baholi? Ngabe uMthethosiseko waleli lizwe uyakuvumela ukuthi osopolitiki nezikhulu zikaHulumeni basebenzise imali yomphakathi ukuzigqamisa ziqu zabo esikhundleni sokudlulisa imiyalezo kaHulumeni?

Kuningi izinhlangano ezilwela amalungelo esintu nezakhamizi zaleli lizwe abangazifunda esinqumweni esiyinqophamlando nesathathwa iNkantolo Enkulu yase-India mayelana nemifanekiso yosopolitiki ezikhangisweni ezikhokhelwa ngemali kaHulumeni. Le Nkantolo yabiza osopolitiki nezikhulu zikaHulumeni “ngosomathuba” abafuna ukubukwa nokwaziwa ngokufaka imifanekiso yabo ezikhangisweni ezikhokhelwa ngemali yomphakathi. Yaphinda yagxeka imifanekiso yosopolitiki ezikhangisweni zikaHulumeni ngokususa amehlo ezakhamuzi emigomeni nasemiyalezweni kaHulumeni. Yachaza imifanekiso njengesenzo esikhombisa ukungabi nabo ubuqotho futhi esiphambene nezimiso zoMthethosisekelo wentando yeningi. Ngokubaluleka kokuthi uHulumeni axhumane nezakhamuzi ukuze zazi ngakho konke asekwenzile, akwenzayo nokusezinhlelweni zakhe, iNkantolo yagcizela ukuthi izikhangiso kufanele zicace ukuze zizwakale futhi zivike konke okungasusa amehlo nemicabango emiphakathi kuzo. Yabe isinquma ukuthi imifanekiso yosopolitiki ezikhangisweni ezikhokhelwa uHulumeni azikho emthethweni. Yaphinde yagcizelela ukuthi uMengameli wezwe kuphela ongubuso bezinhlaka, izinhlelo nemikhankaso kaHulumeni. Sengikushiyela emaqenjini amele amalungelo esintu nemiphakathi jikelele ukuthi bake bakuvivinye lokhu kuziphatha kosopoliti enkundleni yomthetho yakuleli.

See Also

Iqiniso ukuthi uma uHulumeni, ngokuholwa iGCIS, engaba nohlelo lwezokuxhumana oluseqophelweni, izinkinga ezifana nemiphakathi engasebenzisani noHulumeni, ukungathembani phakathi kukaHulumeni namabhizinisi kanye nemibhikisho yemiphakathi kungashabalala okwamazolo ebona ilanga. Empeleni ezokuxhumana zingaklama indima ebanzi ekuhlomiseni izakhamuzi ngolwazi, amasu namaqhinga adingeka kakhulu ekulwisaneni nokhuvethe. Futhi ezokuxhumana zingathuthukisa imiphakathi ngamakhono ukuze isebenzise amathuba afike nalolu bhubhane ukuze iziphilise futhi ithuthukise isizwe. Ezokuxhumana ezisezingeni eliphezulu futhi ezibeka phambili isizwe ziyadingeka njengoba uHulumeni kufanele ahole umkhankaso wokulungiselela leli zwe izinselelo nesikompilo elisha emuva kokhuvethe.

Sikuvuthondaba lokhuvethe njengoba sibona izakhamuzi zifa njengezintuthwane. Kwenzeka lokhu nje izakhamuzi zibukeka zingazi noma liyaphuma noma liyashona. Osopolitiki mabayeke ukuphendula lolu bhubhane inkundla yezingqayi zaseHollywood. Ubukeka usemkhulu umsebenzi weGCIS emkhakheni wokudidiyela ezokuxhumana ngaphakathi kwezinhlaka nezihlelo zikaHulumeni. Empeleni bekuyithuba eliyingqayizivele kuHulumeni waKwaZulu-Natal ukusebenzisa iSILO njengosomaqhinga osekhaleni lomkhankaso wokulwa nokhuvethe. Kufanele ngabe ubuso nophawu lweSILO yilona phawu olusetshenziswa ukukhuthaza abantu bakulesi sifundazwe ukuqaphela nokuzivikela kulolu bhubhane. Phela uMdlokombane unomlando omude futhi obambekayo wokuba wubuso nophawu lobunye ngokunjalo nezwi elihlale njalo leluleka isizwe ngemikhuba emihle yempilo nentuthuko. Le mifanekiso egcwele isifundazwe sonke inesidina, isigcwagcwa futhi iwukumosha imali yabakhokhintela ngosopolitiki onhloso yabo ukuba osaziwayi phezu kokukhala nokugedla kwamazinyo isizwe esibhekene nakho.

Scroll To Top