Uzalelwe yinja endlini uHulumeni eMali



UNgubane ungungoti wezindaba ezimayelana ne-Afrika nezokubusa.
Izakhamuzi ezavuka umbhejazane eMali nosufake uHulumeni ngaphansi kwengcindezi zesiphoqe i-Economic Community of West African States (ECOWAS) ithathe isinqumo sokuthumela ithimba eliphezulu eliholwa ngowayenguMengameli waseNigeria uMnu uGoodluck Jonathan ukuthi liyobekana indlebe nabathintekayo ukuze kutholakale ikhambi. Lesi sinqumo se-ECOWAS, noma sithathwe emveni kwesikhathi kuqubuke imibhikisho eMali, ngesikhombisa ukukhathazeka kwamazwe angomakhelwane ngesimo esikhona kuleli lizwe, libe livele libhekene nempi yombango eyala ukuphela kusukela ngowezi-2012.
UHulumeni kaMengameli uKeita sekuphele izinyanga ezevile kwezi-3 ubhekene nesimo esibucayi lapho amaqembu aphikisayo, izinhlangano ezizimele, behola izinkulungwane zezakhamuzi emibhikishweni enesiqubulo esisodwa esithi uHulumeni noMengameli abehle esikhundleni. Kubaholi abehlukene bale mibhikisho oseqavile uMfundisi nomholi webandla lamaMoslem uMahmoud Dicko, ohlonishwa ngabaningi ezweni ngokuthi ngomela iqiniso futhi akachemile ngakwezepolitiki. Ukuzimisela kwamaqembu aphikisayo ukufeza izinjongo zabo kubonakale ngokuthi abe yimbumba ebizwa ngeJune 5 Movement (M5) ukuze bakhulume ngazwi linye.
Ziningana izizathu esezidale lesi simo esimazonzo eMali, kodwa ingqikithi ilele emiphumeleni yokhetho lwamalungu ePhalamende olwabanjwa kuNdasa nonyaka. Lolu khetho lwamalungu ePhalamande ali-147 lwabe lubaluleke kakhulu emaqenjini ezepolitiki ngoba kwakungelokuqala kusukela ngowezi-2013. Phambilini, uHulumeni, uvumelana namaqembu aphikisayo, wathatha isinqumo sokuthi ukhetho lwamalungu ePhalamende okwakumele lubanjwe ngowezi-2013 kumele lumiswe noma luhlehliswe ngenxa yokuthi izwe lalisingathwe yimpi yombango ezokwenza kube nzima ukuhlelela lolu khetho ezindaweni ezahlukene ezweni. Kuyiwe okhethweni amaqembu aphikisayo noHulumeni bebhekene ngeziqu zamehlo ngenxa yezigameko ezazisolisa ukuthi kukhona okungeke kuhambe kahle ngalolu khetho. Esinye salezi zigameko nesakhalisa abaningi kwaba ukuthunjwa komholi weqembu eliphikisayo uSaoumaila Cisse, sekusele izinsuku ezintathu kuyiwe okhethweni. Kwenzeka lokhu nje, ivele iminingi imibono nezikhalazo ezweni yokuthi aluhlehliswe ukhetho ngenxa yokhuvethe. Ukungavumi kukaHulumeni lezi ziphakamiso, kwadala ukuthi abaningi ezweni bazibuze ukuthi yini ejahiwe ngoba vele lolu khetho lwase luhlehliswe izikhathi eziningana. Ngamanye amazwi, kuyiwe okhethweni inkukhu isivele iwusola umgqakazo ngokuthi iqembu elibusayo kukhona elikuhlosile kodwa okuphambene neyokuqinisa idemokhrasi ezweni.
Emveni kokhetho, okwaphinde kwabhebhethekisa isimo kwaba yisinqumo seNkantolo YoMthethosisekelo sokuchitha amagama angama-31 alabo ababengenele lolu khetho ngokuthi abaluphumelelanga. Okwaba yindida ezakhamuzini wukuthi abaningi kulabo abachithwa babeqhamuka emaqenjini aphikisayo, okwadala ukuthi iNkantolo isolwe njengechemile nengaqhubi ubulungiswa njengoba kulindelekile. Lezi zigameko ngokhetho, neziyingqikithi kosekwenzeka eMali sezididiyelwe nezinye izikhalazo esezandise amazwi athi uMengameli akehle esikhundleni. Ngamanye amazwi, ababhikishi abasakhaleli imiphumela yokhetho kuphela kepha sebefaka eyesimo somnotho ontengayo ezweni, nalapho begxeka uHulumeni ngokuphatha budedengu imali yezwe kepha izakhamuzi zibe zidla imbuya ngothi. Isibonelo nje, nokungesinye sezikhalo zezakhamuzi ukuthi uHulumeni wasebenziza imali ebalelwa ezigidini ezingama-$40 ukuthenga izikhali kanye nenqanawe kaMengameli. Ababhikishi bakhale nanokuthi uHulumeni uyehluleka ukubhekana kahle nesimo esesidalwe ukhuvethe, baphinde bangayiyeki eyokuthi uyehlukela ukunqoba impi yombango esalokhu iqhubekile maphakathi kanye nasenyakatho yezwe.
Njengoba imibhikisho ilokhu iqhubeka, uMengameli uKeita wenze izaba zokubhula umlilo ngokuthi ahlangane nabaholi bababhikishi izikhathi eziningana. Esinye sesinyathelo asithatha kwaba ukuchitha iNkantolo YoMthethosisekelo, nakuthatha njengesinyathelo esingadala ukuzola kubabhikishi. Kepha, noma ukusebenza kwale Nkantolo kwabe kuyingxenye yezikhalo, ukuyichitha kwakhe kwaba nhlanga zimuka nomoya ngoba imibhikisho yalokhu iqhubekile.
Ithimba le-ECOWAS, elitheleke eMali isimo simazonzo kuleli sonto nalo lihlangane nembibizame ngoba iziphakamiso zalo zokuxazulula lesi simo ziphikisiwe abahola ababhikishi. Kuthathu okuphakanyiswa yileli thimba. Okokuqala, lithe kumele indlela iNkantolo YoMthethosisekelo esebenza ngayo iguqulwe ukuze ingagxambukeli kwezepolitiki. Okwesibili, kumele labo abangama-31 iNkantolo eyabaphuca iqatha emlonyeni okhethweni bangene ezikhundleni ngoba yibo abaphumelela. Okwesithathu, ukuthi kumele kusungulwe uHulumeni wobumbano. Nakulokhu, noma ngabe lezi ziphakamiso zithinta ezinye zezikhalazo zababhikishi kodwa okwamanje bayayichitha i-ECOWAS. Okubonakala kusemqoka kubabhikishi inkolelo yabo yokuthi akunazinguquko ezinqala ezingavela uma uMengameli uKeita esabambe isikhundla. Ngaleyo ndlela i-ECOWAS izobhekana nobunzima bokuthi kungakheka kanjani ukuthula ezweni uma ingabhekani ngqo neyokuthi uKeita uyahlala noma uyehla yini esikhundleni?
Isintu sithi, uzenzile akakhalelwa! Uma isimo sesinjena ezweni kumele uMengameli uKeita azibuze ukuthi ukube wazinika isineke sokulalela izinhlaka ezahlukene ezweni, ezazikhuza ngokuthi lolu khetho alungabanjwa, mhlawumbe ngabe namuhla akabhekene nale mibhikisho okungabonakali izophela maduze. Noma ithimba le-ECOWAS libuye lilambatha lokho akusho ukuthi sekumele iphonse ithawula. Kuvamile ukuthi izingxoxo zokudala ukubuyisana zivulwe ngokuthi abathintekayo ‘baqinise amakhanda’ bame ekutheni makufezeke zonke nangokugcwele izikhalazo abanazo. Kepha uma umxazululi ezinika isikhathi nesineke sokuqhubeka nokunxenxa abathintekayo aphinde agcizelele nokubaluleka kokuthi isisombululo esakhayo soqhamuka ngakubo nangokubonisana, kuvamile ukuthi emveni kwesikhathi kube khona ukwehlela ngezansi.