Ingumthombo wempilo inkampani uMhlathuze
UDuze uyiSikhulu Esiphezulu eMhlathuze Water
Phezu kwezingqinamba uMhlathuze Water uzimisele ukuqhubeka nokuhlinzeka amanzi emakhaya
Amanzi akhona ngokwemvelo kanti ayisidingo sokuphila komuntu. Nokho ukutholakala kwamanzi kubantu kuhlala kuwudaba olubangwayo. Lokhu kwenzeka ikakhulukazi ngokukhula kohlelo lobukhephithali lapho ukutholakala kwamanzi sekwaba wudaba lwepolitiki ngaphakathi emkhathini wamalungelo omuntu ngamanzi. Kube kubi kakhulu uma amanzi sekuyinto ethengiswayo. Kukho konke lokhu, kuthathwa ngokuthi amanzi ayinsada ngokwemvelo futhi angasetshenziswa noma kanjani ngoba ahlinzekwa yimvelo. Lokhu kuwukucabanga osekwenze abantu ukuba bawasebenzise ngokuwasaphaza amanzi.
Namuhla emhlabeni jikelele sekukhona ukukhathazeka ngodaba lwamanzi. Lokhu kukhathazeka phakathi kokunye kuthinta ukuhlinzekelwa kwamanzi kanye nokuhlanzeka kwawo. Emhlabeni jikelele abantu abayizigidi ezimbili basebenzisa amanzi adungwe yindle. Bangama-71% okuyizigidi ezi-5.3 abantu abasebenzisa izinsizakalo zamanzi okuphuza ezilawulwayo. Khona lapho abantu abangama-90, okuyizigidi eziyisi-6.8 abasebenzisa izindawo zokuthola amanzi okuphuza ezithuthukile ebangeni elithatha imizuzu engama-30 ukuya nokubuya beyokukha amanzi.
Akudingi ukuthi ube wungoti ukwamukela ukuthi lesi yisimo esingavumelekile ngoba ekugcineni ukuba namanzi ahlanzekile kuyilungelo elivikelwe yimithetho yamazwe. Lezi zibalo ezingenhla ziyayithinta iNingizimu Afrika kanye neKwaZulu-Natal. KweleNdlovukazi uMthaniya yize uHulumeni nomasipala bekwazile ukuhlinzekela abantu ngamanzi iqiniso lithi basekhona abantu abaphila ngaphansi kwezimo ezingezinhle nxa kufikwa ekuhlinzekelweni ngamanzi. Lesi yisimo engineqiniso ukuthi sonke thina esisemkhakheni wokuhlinzeka imiphakathi ngamanzi sibe namahloni.
Muva nje uMqondisi weStockholm International Water Institute (SIWI), uMnu uTorgny Holgren uthi: “Iningi labantu sebeyaqala ukuqonda ukuthi inkinga yesimokade sezulu empeleni yinkinga yamanzi”. Leli qiniso thina lapha e-Afrika naKwaZulu-Natal asigcini ngokulifunda phansi kepha silibona cishe kuzo zonke izigaba zokuphila. Lesi simo sicaca bha ezindaweni zasemakhaya.
Esethulweni esilungiselelwe umhlangano ozayo weWorld Water Week okuhlelwe ukuba ube ngomhla zingama-23 kuya zingama-28 kuNcwaba nonyaka ngaphansi kwesihloko esithi: Water and Climate Change: Accelerating Action, ababhali basho okumqoka lapho bethi: “Amanzi amele ingcuphe yoluntu eyinselelo neyinkimbinkimbi. Izikhukhula, isomiso nokunukubezeka kwamanzi kulumbana nobudolobha obukhula ngesevinini nokukhula kwesidingo sokuba nokudla kanye namandla, ukukhula kwenani labantu kanye nabokuhamba, ukungalingani ngokobulili kanye nokuguquka kwesimokade sezulu. Ngakolunye uhlangathi, lezi zinselelo zibuye zilethe amathuba okusebenzisa amanzi njengalokho okukhuthaza ukwenza ngokwepolitiki.”
Ukuba khona kwenselelo yokuguquka kwesimokade sezulu kulokhu kuphoqa abantu ukuba babuyekeze indlela ababuka ngayo amanzi. Eminye yemiphumela yokuguquka kwesimokade sezulu yisomiso, osekwenze ukusweleka kwamanzi kwaba yinselelo embi kakhulu.
Ucwaningo lukhombise ukuthi uguquko lwesimokade sezulu okuhambisana namazinga okushisa aphezulu sekubange ukuthi amanzi amaningi ahwamuke ngezinga eliphezulu osekuholele ekutheni izigcinamanzi eziningi zisale zomile.
Olunye udaba oluseqhulwini lokuguquka kwesimokade sezulu yilolo lokuqala kwezingwadule. Lesi yisimo lapho izindawo ezazichinca amanzi sezoma keqe. Kunobufakazi bokuthi imifula nemichachazo emazweni amaningi ase-Afrika, okwakuhlala kugobhoza unyaka wonke sekoma. Konke lokhu kuyizinkomba zokuthi amanzi ngeke ahlale etholakala futhi angaphela nje kalula. Amanzi ngeke ahlale ekhona, ukuwonga kubalulekile ekusimamiseni impilo yoluntu.
Ukuhluleka ukonga amanzi kunomthelela onzima empilweni yoluntu. Imikhiqizo yezolimo iyantenga, abantu ezindaweni zasemakhaya baphoqeleka ukuba bahambe amabanga amade ukuyokha amanzi kanti nezimboni ziyaphazamiseka. UNgqongqoshe Wezokuhlaliswa Kwabantu, Wamanzi Nenhlanzeko eNingizimu Afrika uMhlonishwa uLindiwe Sisulu usanda kumemezela ukuthi iNingizimu Afrika ibhekene nokuncipha kokusatshalaliswa kwamanzi.
Ngokwesimo saKwaZulu-Natal, ngenxa yesomiso esinzima seminyaka nyaka izingxenye eziningi zesifundazwe vele sezisebungozini bokuphelelwa ukuhlinzekwa ngamanzi nabalimi abafuyayo banekusasa eliluvindi. Ngokwemiqingo esemthethweni yoMnyango, amanzi edamu eliphakela izindawo ezilawulwa uMhlathuze Water ake aba phakathi kwama-40% nama-45%. Lezi zindawo yizifunda iZululand, iKing Cetshwayo noMkhanyakude.
Ukuhlinzeka bonke abantu ngamanzi ahlanzekile yinselele okungathi uma sonke sibambisana ibe yinganekwane. Lena akuyona inkinga okungathiwa uHulumeni yedwa angayinqoba. Ngeke kube wumthwalo wemiphakathi ethintekayo yodwa kepha le mpi ingangathi sonke.
Njengengxenye yemigubho yeminyaka engamashumi amane, njengoMhlathuze Water sizoba nezinhlelo ezahlukene zokubonisana ngeqhaza lethu sonke ekuhlizekeni imiphakathi yasemakhaya ngamanzi ahlanzekile. Lolu hlelo lokufundisa nokuxoxa ngomsebenzi esiwenzayo naloyo esingawenza ngokubambisana uzoba ngesonto lomhla zingama-23 kuya zingama-28 kuNcwaba. Simema abantu, uBukhosi nezinhlaka zoBukhosi, intsha, abesifazane, abashayimthetho nosomabhizinisi ukuba babe yingxenye yalo msebenzi omqoka. Njengenhlangano kusuka ngesonto elizayo sizokhipha uhlelo oluphelele.
UMnu uMthokozisi Duze Isikhulu Esiphezulu eMhlathuze Water