Utshwala besintu – umqombothi


Sekuze kwaba amahlandla amabili uMengameli wezwe uCyril Ramaphosa ememezela ukuvalwa kokudayiswa kotshwala eNingizimu Afrika selokhu amemezela okokuqala ukuzigquma ezindlini ngenhloso yokunqanda ukubhebhetheka kwalolu khuvethe esibhekene nalo. Baningi abangasithokozelanga lesi simemezelo sokuvalwa kokudayisa kotshwala ngenxa yokoma ababhekene nakho. Njengomlandeli waleli phephandaba kanye nale ngosi, usenhlanhleni ngoba kulesi siqephu sizocobelana ngendlelakwenza yotshwala besintu, umqombothi. Ukwazi ukuzigayela lobu tshwala ekhaya kuzosho ukuthi uzokwazi ukuzuza ikhono elisha.
Ngaphambi kokuthi izinhlobonhlobo zotshwala ziqale zidayise ezitolo zotshwala, ezindaweni zokudlela kanye nasemathilomu, abantu baseNingizimu Afrika babephuza umqombothi, nokuyibona tshwala obabuphuzwa ngisho ngobabamkhulu bethu emandulo. Umhlaba wonke wathola ithuba lokwazi ngalo mcebo wethu, waba nokulangazelela ukwazi ngalobu tshwala bethu ngenkathi enye yezingqalabutho zomculo eNingizimu Afrika, uYvonne Chaka Chaka ekhipha icwecwe eladuma lathandwa umhlaba wonke elithi “Umqombothi”.
Okuhle ngomqombothi ukuthi kuphephile ukuwuphuza kanti nendlelakwenza yawo ayikaze iguquke, isalokhu imile njengoba yayenziwa nasemandulo. Nokho, esikhathini sanamuhla, ubuciko babagayi bomqombothi buyabonakala lapho sebefaka nezinye izithako nezenza lobu tshwala bunambitheke ngendlela eyengeziwe kodwa isisekelo sawo sisamile. Nakuba noma ubani engakwazi ukugaya umqombothi aphinde awuphuze, abesifazane yibona ababevame ukuba ngabagayi bawo, lapho amadoda ewuphuza. Nanamuhla, abesifazane kuseyibona abavamise ukugaya utshwala obuthokozelwa emicimbini eyahlukene efana nemishado, njalo njalo. Kodwa namuhla nabesifazane bayawuthokozela nje esidlangalaleni umqombothi njengabo abesilisa.
Ekukhuleni kwami ugogo wami uMaShezi wayevamile ukuthi emva kwesikhashana agaye nje kungonakele lutho ngenhloso yokuthokozisa amalungu omphakathi. Wayengalindi nokuthi kuze kuhlatshwe ukuze agaye. Engangikuqaphela ukuthi sasingadingi ngisho ukumema abantu abazobuphuza lobo tshwala kodwa sasibona ngabo nje sebetheleka bezophuza. Ngale ndlela, umqombothi ngangiwubuka njengento eyayihlanganisa abantu abazanayo nalabo ababengazani babethola ithuba lokwazana, bathokoze ndawonye. Ngiyazikhumbula kakhulu lezi zikhathi. Engizisola ngakho ukuthi, kuzo zonke izinto engazifunda kuMaShezi, angizange ngizinikeze isikhathi sokufunda ukugaya umqombothi.
Ngibe nenhlanhla yokukhuluma nentokazi esencane enekhono lokugaya umqombothi. Kuvamile ukuthi abagayi bomqombothi kube ngabantu asebekhulile ngokweminyaka kodwa le ntokazi esencane yazinikela ekutheni ifunde kunina, uMaDladla, ukugaya umqombothi. Ngixoxisane noNtombizethu Sibisi, oneminyaka engamashumi amathathu (30) odabuka ePort Shepstone, eMurchison, KwaZulu-Natal, nosicobelele ngendlelakwenza yomqombothi, nazigqajayo ngayo. Okungihehile ngomqombothi wakhe indlela obukeka uhlanzeke ngakhona. Ngenxa yokuthi ngabona izithombe nje kuphela, angikwazanga ukuwunambitha, kodwa ngajabula kakhulu uma sengizwa yena uqobo encoma ukunambitheka kwawo. Nazi izithako ozidingayo ukwenza amalitha angamashumi amabili kanye nendlelakwenza yomqombothi uNtombizethu asicobelele yona:
Izithako ozidingayo ukugaya nazo zonke izinyathelo
- Ama-2kg emithombo
- Ama-2.5kg empuphu
- Ingxenye yephakethe elilodwa elincane lemvubelo yotshwala
- Amanzi acishe abe ngamalitha ali-12,5.
- Ihluzo
Izithako zokuthona
- I-1kg lemithombo
- Ama-2,5kg empuphu
- Amalitha ayisithupha (6) amanzi
Indlelakwenza (ukuthona)
- Emgqonyeni omkhulu nohlanzekile, faka zonke izithako zokuthona, bese uhlanganisa ngokhezo olukhulu.
- Uma sezihlangene kahle zonke izithako, phinda uthele amalitha ayisithupha nengxenye (6½) amanzi asebilisiwe.
- Phinda uhlanganise ngokhezo olukhulu.
- Yemboza umgqomo wakho, ugcine ingxube yakho usuku olulodwa.
Indlelakwenza (ukupheka)
- Beka imbiza enkulu eziko.
- Sondeza ingxube yakho ethoniwe. Uzoqaphela ukuthi ingxube izobe izikile, kusele amanzi ngaphezulu.
- Yikha la manzi angaphezulu uwaqulele embizeni eseziko, kusale inzika yodwa emgqonyeni.
- Uma esebila amanzi akho, qulela yonke inzika kuwona.
- Qinisekisa ukuthi uyagoqoza ngokhezo olukhulu ngenkathi uqulela inzika yakho, kuze kuhlangane ngokuphelele.
- Vala imbiza yakho ngesidikiselo, uyiyeke iphekeke cishe imizuzu engamashumi amane nanhlanu (45).
- Uma isiphekeke kahle ingxube yakho, yephule eziko, uyibeke eceleni ukuze iphole. Kungathatha ubusuku bonke ukuze iphole ngokuphelele.
Indlelakwenza (ukuvubela)
- Yengula ucwembu emncindweni wakho. Lokhu kwenzelwa ukuze nxa usuvova kungabi khona izigaxa.
- Hlanganisa kuze kuthambe kahle.
- Qulela yonke imithombo esele.
- Qulela imvubelo.
- Hlanganisa kahle ngokhezo olukhulu.
- Yemboza bese ubeka endaweni efudumele, ubusuku obubodwa.
Indlelakwenza (ukuhluza)
- Yikha utshwala ngesitsha esiphathekayo, uthele ehluzwini kancane kancane bese uhluzela esitsheni esikhulu.
- Kubalulekile ukuqinisekisa ukuthi izinsipho (lokho okusala ehluzweni) azingeni etshwaleni. Thululela izinsipho kwesinye isitsha, uqhubeke uhluze buze buphelele bonke utshwala.
- Thulula umqombothi okhambeni bese ulubeka emsamo (ungalwembozi, ukuze lubile ngokukhululeka).
- Uma selubila, luzobe selukulungele ukuphuzwa.
Amasu
- Uma ufuna ukwenza umqombothi othe xaxa, yengeza isikalo sezithako zakho.
- Uma ubona ukuthi umncindo uqine kakhulu ungafaka kancane amanzi abandayo uze ugculiseke.
- Uqikelele ukuwasha izandla njalo uma uzothinta ukudla, ikakhulu okwesintu, njengabo nje utshwala ngoba kusetshenziswa kakhulu izandla.
Ngingajabula ukuzwa ukuthi uhambe kanjani umzamo wakho wokuthona, upheke uphinde uvubele umqombothi wakho. Ungangithumela i-imeyli ungikhombise nezithombe ku: szungu@nkzgroup.co.za