Ukubaluleka kwebuttermilk embhakweni


Uma unezingane ekhaya, uzokwazi ukuthi ziwathanda kangakanani amamafini, kanye namaqebelengwane. Ngiyacabanga isizathu salokhu ukuthi kulula ukuwadla uma uqhathanisa nekhekhe elisikiwe. Zingawadla zibe zigxumagxuma emnyango, akudingi ukuthi zize zihlale phansi ngengoba zisuke zidla ikhekhe elisikiwe. Angazi kwangithatha isikhathi esingakanani ukuthi ngithole indlela yokwenza izinhlobonhlobo zamamafini kanye namaskoni engithokozile ngawo. Ziningi izindlelakwenza engazizama kodwa njalo ngangingathokozi ngemiphumela yazo. Amanye ayephuma eqinile ngaphandle, okanye omile ngaphakathi, kanti ngikholelwa ekutheni imafini noma isikoni kumele kuthambe, ikakhulukazi ngaphakathi. Kwakusemizamweni yami yokuthola indlelakwenza yamamafini engiziqhenyayo ngawo lapho ngathola isithako engisithanda kunazo zonke ekubhakeni, nengikholelwa ukuthi sisetshenziswa ngokwanele – ibuttermilk!
Emva kokuzama indlelakwenza engasebenzisa kuyo ibuttermilk esikhundleni sobisi olujwayelekile, ngabe sengazi ukuthi ngiyitholile indlelakwenza ekade ngiyizingela. Kusukela ngaleso sikhathi ngabe sengizama izindlela ezahlukahlukene zokwenza izinhlobonhlobo zamakhekhe, ngisebenzisa ibuttermilk esikhundleni sobisi olujwayelekile. Nakuba kukhona amakhekhe engisawabhaka ngobisi olujwayelekile (ngenxa yokuthi ayisebenzi kuzo zonke izindlelakwenza) ibuttermilk iyona engiyizama kuqala!
Kungani ngizigqaja kangaka ngebuttermilk? Itholakala kalula
Okokuqala, ibuttermilk itholakala kalula kumasuphamakethe. Itholakala eduze kobisi kanye namayogathi. Baningi engihlale ngibezwa bekhala ngokuthi abazi ukuthi isetshenziselwani ibuttermilk. Uma ungumbhaki nomlandeli waleli phephandaba, usuyazi ukuthi uzoyisebenziselani ibuttermilk yakho, kanti uzozibona usuyithenga ngokwedlulele.
Ithambisa igluten
Ibuttermilk ine-esidi eningi kuyona (yingakho imuncu nje uma uyinambitha). Ileyo esidi eyenza amakhekhe abe nobumanzana lobu obudingeka emakhekheni. Ufulawa unephrotheni ebizwa ngegluten kuwona, nokuyiyona esiza ekutheni ikhekhe lime ngendlela ethize. Igluten iyaliqinisa ikhekhe. Ibuttermilk isiza ngokuthi lithambe ikhekhe elibhakwayo, ngokudunga igluten etholakala kufulawa. Ibuttermilk isebenza kahle kakhulu nezindlelakwenza ezinebaking soda kuyona. Ibaking soda uma ihlangana ne-esidi (njengebuttermilk), ikhipha isikhutha (carbon dioxide), nokuyiyona ekhukhumalisa kahle iphinde ilithambise ikhekhe.
Ukunambitheka kanye nombala
Ibuttermilk iletha nokunambitheka okuyisimanga embhakweni. Ikhekhe elenziwe ngebuttermilk alinambitheki neze ngendlela elifanayo nelenziwe ngobisi olujwayelekile. Ibuttermilk iphinde isize ngokuthi ivikela amakhekhe ukuthi angasheshi ukusha uma ekuhhavini. Ikhekhe elenziwe ngobisi olujwayelekile yiyashesha ukushintsha umbala uma selikuhhavini, nokungakukhohlisa ucabange ukuthi selivuthiwe kanti cha! Elenziwe ngebuttermilk lihambisana nengaphakathi lekhekhe, okusiza ekutheni lingashi ngaphandle libe lingakavuthwa ngaphakathi. Kulesi siqephu, sizocobelelana ngendlelakwenza yamamafini kashokoledi anebuttermilk esikhundleni sobisi. Uma uke wawabhaka ngaphambilini amamafini enziwe ngobisi, uzowubona uphinde uwuzwe umehluko ekunambithekeni.