Now Reading
Ukulimala kwezingane kwaNongoma kuthinte uMasipala ngqo
Dark Light

Ukulimala kwezingane kwaNongoma kuthinte uMasipala ngqo

“Kulukhuni ukuba ngumzali”. Lawa ngamagama ashiwo yiMeya yakwaNongoma ikhansela uMncwango ngesikhathi ephawula ngezehlakalo ezenzeke kulo Masipala muva nje. IMeya ibikusho lokhu ngesikhathi iyolila emndenini wezingane ezimbili ezilimale engozini yemoto eyenzeke ngesonto eledlule. 

“Ngiyazi kwabanye lezi zingane zethu ezilimale ngeledlule, u-Asanda Ngcobo no-Olothando  ziyisibalo nje kepha kithi yizingane zethu. Zinamagama futhi nemindeni yazo siyayazi ngoba sikhulele kule ndawo. Kanjalo nalabo abebesemotweni eyehlakalwe yingozi zingane zethu njengoba besebenza noMkhandlu. Ngithi-ke kulukhuni kimi ngoba okwenzekile kwenzeke ezinganeni zami”.

Ngokwemibiko ngesonto eledlule amantombazanyana amabili anqwamane nokufa emgwaqeni uR618 oxhumanisa uNongoma noHlabisa. Imoto ebe sengozini ngebishayelwa ngabaqaphi beMeya. Udaba lonke lusezandleni zabaphenyi nokulindeleke ukuthi ekugcineni basho okwenzekile.

UMncwango uthi ukulimala kwamantombazanyane kubuyisa etafuleni inkulumo emqoka yokufakwa kwezimpawu zomgwaqo kuleya ndawo. Uthe kuye akukho mqoka ukuthi ngubani obekumele akwenze, okumqoka manje wukuthi kumele kwenziwe.

“Kulinqiniso ukuthi ngokwenqubo nguMnyango Wezokuthutha esifundazweni  obekumele wenze okuthile ngomgwaqo nezimpawu. Kakhulu ngoba sekwabikwa kaningi ngawo futhi kwalimala nabantu abaningi. Kimi okumqoka wukuthi akuphuthunywe kwenziwe okuthile. Njengoba ngishilo izingane zethu ezilimele lapha, bekuyizihlobo zethu futhi ezalimala eminyankeni eyedlule. Sikhuleka ukuba uma nje sesiwuphethile umsebenzi wezingane ngempelasonto, uMnyango usondele ukuze nathi silekelele ekutholweni kwesixazululo”.  Uveze nokuthi phakathi kwesicelo ababesenze eMnyangweni ukuba kufakwe ibhuloho kuleya ndawo.

Yize engathandanga ukungena kulokho kepha uMpangazitha uvumile ukuthi uMasipala yiwo ozothwala izindleko zomsebenzi wokulondolozwa kwezingane ngempelasonto. “Awu njengoNongoma sikubona kungayichilo ukuthi ngoba nakhu senze lokhu obekumele sikwenze ngezakhamuzi nezingane zethu bese sikhangisa lokho kwabezindaba.  Ngezethu lezi zingane ngakho zizolondolozwa ngesizotha. Futhi kuyothi sekuhambe wonke umuntu kusale thina nemindeni sizikhotha amanxeba,” kusho uMpangazitha.

Odabeni lokuthi obeshayela ubesebenza kuMasipala iMeya ithe:  “Lokho akuyona imfihlo yikho ngithi kimi njengomzali ngishayeke kabili. Ngicabanga nje isimo somqondo somuntu, kulokhu umsebenzi ovelelwe yingozi yokuthi kulimale umuntu wasekhaya. Yikho ngithi uma kungasekho muntu njengomzali noMasipala kuyomele kube yithi esimela ukulungisa isimo somqondo wabalahlekelwe kanjalo nalabo ababandakanyeke engozini nokuyinto engizoyiqala uma nje sesiphethe umsebenzi wezingane zami lezi ngempelasonto,” kusho uMncwango. Kule ndawo kuthiwa sekwalimala abantu abangaphezu kwama-20 kanti nomphakathi kade wawukhala.

Ukulimala kwezisebenzi ezimqoka

Khona lapho uMpangazitha uthe kwenzeka konke nje lokhu uMkhandlu usemanzini emuva kokwedlula kwesinye isisebenzi, uNkk uNeli Dladla, uMaNdlovu nobenguMqondisi wakwaCorporate Services.

“Awu lapha sife olwembiza kungaqali nonyaka. Uma nje  ngingagxila kuMaNdlovu, ngingasho ngingabi namahloni lokho okuwumuzwa wethu sonke ukuthi ukufa kusephuce umuntu obenegalelo elikhulu emsebenzini wakhe. Isidumo lesi asithusanga thina kuphela ebuholini kepha ngisho nalabo  asebenza nabo kube ngesifanayo. Mina neMeneja ebesisebenza naye eduzane kusidumise amakhanda lokhu ngokwazi igalelo lakhe .Ubesebenza ngokukhulu ukuzinikela, ubeyingxenye yethimba engilakhe ngifika eMkhandlwini”.

See Also

UMpangazitha uthe uyazi ukuthi njengoba kunzima kubo emsebenzini emndenini kunzima kakhulu. “Ngalesi sikhathi somunyu sikhalisana nomndeni wonke wakwaDladla kakhulukazi  ubaba wekhaya, abantwana abasebancane, abazali bakhe, izihlobo nabangani. Sikhalela abasebenzi ekade ebaphethe njengenhloko yoMnyango.  Sikhalela nomphakathi ngokulahlekelwa yileli qhawekazi”.

Uveze ukuthi sokungokwesibili belinyalelwa yizimeneja, ngoZibandlela kwedlule emhlabeni uMnu uSboniso Buthelezi obenguMqondisi kwaTechnical Services. UShenge walimala engozini yemoto enyantisayo.

Ephetha ingxoxo uMpangazitha ugxile odabeni lokhuvethe kwaNongoma nathe luyisitha esiyingozi esisondela mawala. 

“Sikhathazeke kakhulu ngemibiko yokukhula kwezibalo kwaZulu-Natal. Kepha sikhathazeke kakhulu ngokwenzeka kwaNongoma namaphethelo. Ukhuvethe lolu aluselona isithusanyoni nje kepha selungene ezindlini, bayahamba abantu. Nathi nje sike saba neziqubu lapho kuphoqe ukuthi sivale amahhovisi ngoba sicabangela izisebenzi namalungu omphakathi. Siyacela kwabeSILO ukuba baqaphele kakhulu ngoba kubi lapha phandle”, kusho iMeya.

Scroll To Top