Isinqumo esinqala: Ingcindezi yokuxosha uMphathiswa



USikhakhane yintatheli emnkantshubomvu egxile ekuphenyeni izindaba zepolitiki.
Amaqembu nabahlaziyi bathi akagadle. Amathamelangozi ne-ANCWL balinde agadle bese bemsukela
Kubukeka uNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMhlonishwa uSihle Zikalala ebhekene nengcindezi esike yanqwamana noMengameli wezwe, uMhlonishwa uCyril Ramaphosa yokuba axoshe umholi wophiko olumqoka kuKhongolose, i-African National Congress Women League (ANCWL) kuHulumeni.
Ezinyangeni ezimbalwa ezedlule uRamaphosa uke wabhekana nalesi simo lapho kwakumele enze okulukhuni nokwabe kungamlahlekisa nabaseki kakhulu besifazane ngesikhathi kumele “ajezise” loyo owayenguNgqongqoshe woMnyango Wezokuthuthukisa Umphakathi, uNks uBathabile Dlamini. Kwaphela izinsuku namasonto lesi sinqumo singaqhamuki elwa namaqembu aphikisayo efuna ikhanda likaNgqongqoshe ababemsola ngakho konke okubi eMnyangweni. Nokho icebo lazakha njengoba uMengameli wagcina ngokumsusa kuKhabhinethi uMaDlamini nokho akamlahlanga okwenyongo yenyathi njengoba amqoka ukuba abe nguSihlalo weSocial Housing Regulatory Authority.
UKhuzeni yena okwakhe kuthinta onguSihlalo we-ANCWL kweleNdlovukazi uMthaniya uMphathiswa woMnyango Wezokuthuthukiswa Umphakathi uMaNzimande Khoza. Lokhu kulandela umbiko uKhuzeni awuvezelwe izwe lapho kuvele ukuthi uHulumeni ulahlekelwe yizigidi ezili-R13, ezakhokhelwa izinkampani ezaziqokwe ngendlela engekho emthethweni ohlelweni lokuthenga izinsiza zokubhekana nokhuvethe okubalwa nezingubo zokulala. Kuvele ukuthi ukube ubudedengu noma ubugebengu akwenzekanga uHulumeni kunokulahlekelwa wabe uzokonga izigidi ezili-R15.
Ezimpahleni okuthiwa zaba yingxenye yalezi zinsolo zenkohlakalo kubalwa izingubo eziyizinkulungwane ezingama-48 ezathengwa namathangi amanzi, nezibulalimagciwane nokunye.
Amanani okuthengwa kwezingubo kuthiwa ayekhushulwa ngendlela engakholakalali njengoba iyodwa ezinye izinkampani ezaziqashiwe zazikhokhelwa izinkulungwane eziyi-R550 ngengubo eyodwa vo, ezinye kuthiwa zazikhokhelwa izinkulungwane eziyi-R300.
Ziyawusola umgqakazo
Yize umbiko ungamlahlanga ngecala uMphathiswa uKhoza kunalokho wasola izisebenzi, uPhiko lwabesifazane oluholwa nguye uMaNzimande kubukeke liwusola umgqakazo. Lolu phiko olungejwayele nokho ukuphawula kwabezindaba lukhiphe isitatimende lweseka uMphathiswa nonguSihlalo walo. UNobhala walolu phiko KwaZulu-Natal, uNkk uNonhlanhla Gabela uthe:
“Siyi-ANC Womens League siyawamukela umbiko wophenyo olumayelana nenkohlakalo ethinta ukuhlinzekwa kwezinsiza zokubhekana nokhuvethe. Sincoma abaholi be-ANC abajutshwe kuHulumeni ngegalelo labo lokuqinisekisa ukuthi kuyaliwa nenkohlakalo eseminyangweni ikakhulukazi lena ethinta ukuthengwa kwezinsiza zokulwa nokhuvethe ezaziwa ngokuthi amaPersonal Protective Equipment (PPE) nezingubo zokulala, esibone amanani enyuswa ngendlela engabekezeleleki.
“Sifisa uMphathiswa woMnyango uComrade uKhoza aqhubeke nokulwa ngamandla nenkohlakalo kulo Mnyango awuphethe. Siyamazi ukuthi uzoshiya izinqa zihleli obala kulabo abathintekayo. Yingakho simeseka ngokugcwele kanye nabanye besifazane abajusthwe kuHulumeni ukuthi uzoyinqoba le mpi,” kuchaza uNkk uGabela.
Ezikhulwini umbiko okhombe ngakuzo ElaboHlanga lithole ukuthi kuzo kukhona obambe njengoMqondisi woMnyango, uNks uPhindile Sithole kanye nesikhulu sezimali, uMnu uBrian Ndaba.
Aphikisayo afuna ikhanda loMphathiswa
Ukuphuma kombiko kujabulise amaqembu aphikisayo nathe uZikalala anganyanyalati akaxoshe umuntu. UMengameli we-Inkatha Freedoom Party (IFP) uMhlonishwa uHlabisa uthe bafuna uMphathiswa uMaNzimande athathelwe izinyathelo ngoba abazi ukuthi kungani uZikalala engasho lutho ngaye.
“Lo mbiko ukubeka kucace ukuthi ukhomba uMphathiswa uMaNzimande Khoza ngenjumbane ngale nkohlakalo ngoba konke kwenzeke phambi kwakhe ekhona njengekhanda lo Mnyango. Okunye simangele ukuthi uMnyango Wezemfundo uphunyuke kanjani ngoba amathangi amanzi okungoJojo kwahlala obala ukuthi amanani okuthengwa kwawo anyuswa ngendlela engafanele. Okokuqala kwathiwa ithangi lilinye libiza imali eyizinkulungwane ezingama-R178.
Kuthe uma le nto isabalala ezinkundleni zokuxhumana, uMnyango washaya ingwijikhwebu wathi amanga lawo kodwa ithangi lilnye lithengwe ngemali eyizinkulungwane ezingama-R28. Kwakhona lapho kwakucaca ukuthi kusenenkohlakalo ngoba inkampani iRand Water yaveza ukuthi ithangi lilinye elingamalitha ayizi-5 000 libiza phakathi kwezinkulungwane ezine kuya kwezinhlanu. Bese kuthi elimumatha umthamo wamanzi ayizinkulungwane eziyishumi, libiza izinkulungwane eziyishumi nagaphansana kwalokho,” kusho uHlabisa.
Uthe banqumela uKhuzeni ugwayi katiki wokuba zingapheli izinsuku eziysikhombisa lo mbiko engawethulile emaphoyiseni.
Okhulumela iDemocratic Alliance (DA) uDkt u-Imraan Keeka uthe lo mbiko owethulwe uZikalala ukhomba ngokusobala ukuthi abaphenyi kukhona okushaya amanzi ngabo ngokubeka uMnyango Wezemfundo njengongenacala ezinsolweni obubhekene nazo.
“Kuyacaca ukuthi abaphenyi abahlanganise lo mbiko bacabanga ukuthi abantu baKwaZulu-Natal bayiziduphunga abazilutho. Kuyadumaza nokuthi uNdunankulu abenesibindi nje impela sokuzotshela umphakathi lo mbiko okhomba ngokusobala ukuthi kuningi okungahlangani ngawo. Ungawukholwa kanjani umbiko osaveza ukuthi isimfonyo osithola ngamarandi ayishumi emgwaqeni odwa uma sesithengwa uMnyango sibiza amarandi angama-R25.
“Akugcini lapho kodwa isibulalimagciwane osithola esitolo ngemali engama-R60 uma sesithengwa uMnyango sibiza imali engama-R186. Okusixakayo ukuthi uMnyango ngesikhathi uvele ekomitini lezeMfundo walivuma leli phutha lokunyuswa kwamanani ngendlela engafanele. SiyiDA sizozama nokuthola inkulumo eqoshwe phansi izikhulu zoMnyango zizivumela zona. Ngakho siyamangala uma uphenyo lungatholanga lutho okuhambisana nenkohlakalo kulokhu esengikubalile. UMnyango wazivumela wona ngomhla zingama-22 ngoNhlaba. Impela siyamangala ukuthi uNdunankulu unesibindi sokuzositshela ukuthi akukho okwaba yiphutha okuthinta uMnyango Wezemfundo kulolu hlelo lokuhlinzeka ezikoleni ngezinsiza zokuvikela ukhuvethe,” kusho uKeeka.
Abahlaziyi bona bathi
Abahlaziyi bepolitiki kuleli nabo babe nombono ngalo mbiko. ElaboHlanga likhulume nabahlaziyi abane ngalolu daba. USolwazi uSomadoda Fikeni uthi yize uMaNzimande ehola uphiko olubalulekile kuKhongolose kodwa uma ubufakazi bugcina bushaya yena ngalolu daba, akukho okungavimba uZikalala ukuba amkhombe indlela.
“Uma uZikalala egcina emxosha singayibona i-ANCWL ilwa ngezitatimende kwabezindaba kodwa okuyogcina kuphelela lapho ngoba uma izinduku zigcina zishaya yena kuyomele abhekane nengalo yomthetho,” kuchaza uFikeni.
UMhlaziyi wesikhungo iXubera Institute, uMnu uXolani Dube yena ubenombono owehlukile wathi, akulula neze ukuba uZikalala athathele uMaNzimande izinyathelo ngoba lokho sekungavusa nabalandeli bakaNkk uZandile kaMajola Gumede obeyiMeya yaseThekwini.
“Vele ubuholi bukaZikalala buntanta emoyeni njengamanje, ngakho uma esengaxosha uMphathiswa uMaNzimande Khoza usengabe uzibangela uchuku nolaka lwe-ANCWL esingamvukela nangokuxoshwa kukamama uGumede eThekwini. Iqiniso nje ukuthi akasoze amxoshe futhi uzosebenzisa lo mbiko ukuziveza ku-ANCWL njengomuntu omvikelayo,” kusho uDube.
Uthe okunye abantu okumele bakukhumbule ukuthi uZikalala usemqondweni ngale mibiko, isebenzela yena ngoba kungekudala ubexabene noMaNzimande bebanga ukuthi uMphathiswa ufike eMnyangweni waxosha iNhloko yoMnyango okuyinto uDube athi uZikalala akayithandanga.
“Uyabona kumanje bonke laba abangaboni ngasolinye noZikalala akabenzi lutho kodwa usebashaya ngale mibiko ukuthi umphakathi ubabone ukuthi abalungile. Nakhu kumanje kunombiko woMnyango Wezemfundo oshaya obenguMphathiswa wawo, uMnu uMthandeni Dlungwane. Kuyaziwa ukuthi uDlungwane akabhekani noKhuzeni kodwa nakhu sekudedelwa umbiko omnekela izwe ukuthi ubewuphethe kanjani uMnyango Wezemfundo njengoba kuvela iznsolo ezishaqisayo zenkohlakalo,” kusho uDube.
UMhlaziyi uMnu uThabani Khumalo uthe uZikalala ubhekene nenkinga kulolu daba ngoba uma engathatha izinyathelo ezibhekiswe kuMaNzimande lokho kuyosho ukuthi usesenkingeni ku-ANCWL.
“Ingozi uZikalala abhekene nayo eyokuthi uma engaqala azame ukunyakazisa uMaNzimande Khoza, yilapho abesifazane bezoqala basukume khona bavuse ukuthi empeleni nalesi sikhundla sobuNdunankulu kufanele engabe siphethwe yibo,” kusho uKhumalo.
UMnu uRalph Mathekga ongumhlaziyi wezombusazwe nomnotho uthe kunzima kakhulu kuZikalala ukuba athathele izinyathelo osopolitiki abathinteka enkohlakalweni ngoba uzozithola esehlamukwa eseyinkomo edla yodwa.
“Ipolitiki yaKwaZulu-Natal inzima ukwedlula eyezinye izifundazwe futhi ngiyiqonda kahle kakhulu. Uyabona uZikalala akaseyena loya Khuzeni kaZuma kodwa usekuHulumeni manje ngakho sekumele abenezinto azenzayo ukulwa nenkohlakalo eyenzekayo. Nokho akulula ngoba uma ekewenze kanjalo, bazomhlamuka aphenduke inkomo edla yodwa. Kulesi simo nje sikaMaNzimande Khoza akukho angakwenza futhi akakwazi ukumxosha uma esafuna amandla epolitiki yaKwaZulu-Natal. Kunalokho okwakhe uZikalala ukudedela izinhlaka zomthetho njengoKlebe ukuba kube yizo ezibhekana noMaNzimande Khoza uma kukhona okumthintayo kule nkohlakalo yoMnyango wakhe. Ngale kwalokho uzophenduka intandane engafunwa muntu uma eqala nje ethathela izinyathelo ozakwabo, yilapho-ke inzima khona ipolitiki yaKwaZulu-Natal uyalahlwa,” kuchaza uMathekga.
- Kuthengwe izingubo zokulala eziyizi-48 000 ngezigidi ezingama-R22
- Izibulalimagciwane, amathawula, insipho nezimfonyo ngezigidi ezili-19
- Ingubo ngayinye ibize phakathi kwama-R350 nama-R550
- Izinkampani zaqokwa zingama-27 kuNdasa wezi-2020 kodwa zaqala umsebenzi sezikhokhelwe izigidi ezili-R16
- Ezinye izinkampani zafaka izicelo zokukhokhelwa zingawenzanga umsebenzi
- Ziyizi-4000 izingubo kweziyizi-48 000 ezisanikwe abantu