Now Reading
Wajabulisa okwengane eqopha noSalif Keita uSimphiwe Dana
Dark Light

Wajabulisa okwengane eqopha noSalif Keita uSimphiwe Dana

I-albhamu kaSimphiwe Dana esihloko sithi, Bamako, ingeyesihlanu kwasewakhiphile kule minyaka eli-16 esemculweni.

Igama lesihloko salo msebenzi lisuselwa egameni lenhlokodolobha yaseMali, lapho kudabuka khona inkakha uSalif Keita asebenzisane naye ekuqopheni ngokuhlanganyela lo msebenzi.

UKeita akagcinanga ngokulekelela ekuqopheni le albhamu kepha iphimbo lakhe liyezwakala engomeni ethi Masibambaneni enesigqi se-Afrika edume umhlaba wonke.

Kahle kahle le albhamu ixube izigqi eziningi kodwa kwagqama ezomculo wesintu wakuleli lizwe laseNtshonalanga ne-Afrika.

Okunye okugqamile kulo msebenzi ukuzwakala kwesiginci esixetshulwa uVieux Farka Touré, ozalwa enye inkakha yaseMali u-Ali Farka Touré owake wahlabana ngendondo yeGrammy.

“Bekuyiphupho leminyaka ukuthi ngizame ukucula ngesinye isigqi ukuze ngibone ukuthi abantu bangamukela kanjani. Uma uyiciko akumele wesabe ukuzama into entsha ukuze ubone ukuthi uyakhula noma ugida ndawonye yini,” kusho uSimphiwe, ofike kwezwakala ngesigqi seJazz ne-AfroSoul. 

Izingqapheli zamfanisa noMirriam Makeba wesikhathi samanje ngendlela anekhono ngakhona. Njengoba edume kanjalo, kule ngoma ethi Masibambisaneni uDana akesabi ukuveza imizwa yakhe njengoba ekhuza umhlola agcizelele nobumbano kubantu base-Afrika ngephimbo lakhe elimtoti. 

Noma kuhlanganiswe izitayela ezahlukene kodwa iphimbo nomyalezo oshubile ozwakale ezingomeni zakudala oNdiredi, iZandisile, iBantu Biko Street, kuyatholakala kule albhamu equkethe izingoma ezili-13.

Le ntokazi eneminyaka yobudala engama-40 ezalwa eGcuwa e-Eastern Cape, yaveza ukuthi kwakungathi iyaphupha ngesikhathi kuqhamuka ithuba lokusebenza noKeita, obuye aziwe ngeGolden Voice of Africa.

“Ngazincinza kaningi ukuqinisekisa ukuthi angiphuphi yini ngesikhathi ngingena estudiyo. Akwandele bani ukusebenza nomuntu ohlonishwa umhlaba wonke njengobaba uKeita.”

Ungaphika ukuthi uDana eminyakeni emibili edlule uke wahlinzwa njengoba wayenenkinga yomphimbo. Akuzwakali lokho uma esecula izingoma iNzinga nethi Chula Ukunyathela.

Engomeni ethi Mama Was a Kitchen Girl ugxile ebugqilini izwe elake ladlula kubo kanti namanje abanye busabaxakile. Uthinta eyomvuzo wokuba nomhobholo engomeni ethi Gwegweleza akhulume ngothando kuYou Keep Calling enesigqi seReggae.

See Also

Ukhonjiswa ukugajwa uthando uma esecula uBye Bye Naughty Baby, iNdizamile nethi Mr I. Engomeni ethi Mkhonto ukhuluma ngeyokududula impi yepolitiki ngomculo.

Nokho okuthusayo ukuthi ingoma okufoloswe ngayo iBamako imfushane njengoba ayipheli imizuzu emibili, okwenza umlaleli asale esalangazelele.

Kule minyaka esemculweni ikhono lakhe limhlomulise ngemiklomelo emikhulu. KumaSouth African Music Awards (SAMA) ayengowezi-2005, wanqoba emunxeni weBest Newcomer noweBest Jazz Vocal nge-albhamu yokuqala iZandisile.

Kwadlula iminyaka emibili waphinda wabashaya emakhanda koweBest Female Artist, ngengoma esihloko esithi The One Love Movement on Bantu Biko Street kuwo amaSAMA. Amanye ama-albhamu awakhiqizile iKulture Noir ngowezi-2010 neFirebrand ngowezi-2015.

Ngemuva kokukhipha lo msebenzi omusha wamemezela ukuthi ngowokugcina. Akubuzwa ukuthi uma eqinisile, lokho kophula izinhliziyo zabaningi kwazise umculo wakhe uyayithinta inhliziyo.

Scroll To Top