Now Reading
Isibekelwe ifu lentuthu iNhlokodolobha
Dark Light

Isibekelwe ifu lentuthu iNhlokodolobha

Ngalesi sikhathi kunengcindezi yokhuvethe kubantu baseMsunduzi phezu kwalokho sekuvele enye edalwa intuthu engabekezeleleki edalwe umlilo oqubuke endaweni yokulahla imfucuza iNew England Road Landfill kuzosa kube uMsombuluko.

UMasipala uMsunduzi uthi bathole ucingo luvela konogada bakule ndawo bebazisa ngokuqubuka komlilo abathe bawubone ngesikhathi behlola njengenjwayelo.

Ukulawulwa kwale ndawo kade kwaba inkinga kuzakhamuzi zaseMsunduzi kanti ukuxathuka nephunga elivela kuyo akukhona kuphela obekuhlukumeza abayisebenzisayo nezakhamuzi kepha nemililo equbuka kuyona.

IBAYEDE ihambele elokishini iSobantu elakhelene nale ndawo ukuthola ukuthi abantu baphila kanjani njengoba kugcwele intuthu kanjalo nakuNhlokodolobha yonkana. UNkk uNontobeko Mtolo uthe: “Thina nje lapha eSobantu silahliwe, abakaze basicabangela, le mililo ehlezi iqubuka lapha iyasihlukumeza kunabantu abaningi abagulayo abanezifo ezihlobene nokuphefumula. Intuthu igcwala izindlu.” 

Ugogo uRegina Radebe (80) uthe: “Ayi mtanami kusho ukuthi umhlaba usuyagoqwa manje, kuqale iCorona manje kubuya le mililo esikade sayigcina. Yebo intuthu ibiba khona kodwa ibingabi ngaka. Ngisho eMbali bakhala isililo esifanayo. Thina esibadala kusho ukuthi siyafa ngoba sinezifo njengoba ngineTB nje kwathiwa kumele sivule amawindi kepha sizowavula kanjani kube kungena intuthu?” 

Namabhizinisi akhele le ndawo abekhala esifanayo. UMnu uRoy Schingler oyiMeneja kwenye yamafemu ongathandaka ukuba kuvezwe igama lenkampani yakhe uthe: “NgoMsombuluko intuthu ibingekho yimbi kangako kodwa ngoLwesibili nangoLwesithathu siyibhizinisi silahlekelwe kakhulu ngoba azikho izisebenzi ebezingasebenza ngaphansi kwalesi simo, izimpilo zezisebenzi zimqoka kithi. Okuyinkinga ukuthi ubudedengu bukaMasipala buholela ekutheni amabhizinisi atshale imali lapha alahlekelwe, asikwazi ukuthi singathi sinciphise izisebenzi ngenxa yokulandela imgomo yokhuvethe  bese siphinde sivale ibhizinisi ngenxa yephutha lomuntu. Into ecasulayo ukuthi akusikhona okokuqala lo mlilo uqubuka, kulo nyaka sekushe kanye nyakene asazi nokuthi kushe kangaki, kanti bona abafundi yini? Laphaya kuthiwa kunenkampani eqashiwe ukuba isebenze khona kodwa namanje izigameko ezinjengalezi zisenzeka.” 

Izikole eziningi eNhlokodolobha ziphoqeleke ukuba zisheshe zikhiphe izisebenzi kanye nabafundi kanti nezisebenzi zeminyango kaHulumeni zikhishiwe emsebenzini ngoLwesithathu ngenxa yentuthu ebinamandla igcwele idolobha. 

UNks uNelisiwe Qwabe uthe: “Sithole izingcingo zokuthi siyolanda izingane ezikoleni ngenxa yentuthu evimbezele. Inkinga ukuthi kwathina siyayisaba le ntuthu kodwa njengabazali kumele siye ikakhulukazi thina esingenazo izimoto ngoba nomalume (abathutha izingane zesikole) bazi ukuthi izingane bazilanda ngesikhathi esithile. Sigcine sesingena ezindlekweni ikakhulukazi njengoba sesingasenayo nemali inyanga isitshekile.” 

Uqhube ngokuthi bayitholile imyalezo lapho iMeya yaseMsunduzi uMzimkhulu Thebolla enxusa izakhamuzi ukuba zivakashele abezempilo abaseduzane ukuqinisekisa ukuthi baphephile. “Okuyinkinga ukuthi kuthiwe asiye ezihlobeni sibalekele intuthu okuzosifaka engcupheni yokuthelelana ngokhuvethe,” kusho yena. 

Esitatimendeni okhulumela uMasipala uNks uThobeka Mafumbatha uthe; “Umlilo siyawulawula, izicishamlilo zoMkhandlu, uMasipala wesifunda uMgungundlovu, oweTheku kanye neWorking on Fire basebenza ubusuku nemini ngokubambisana ukucisha umlilo.” 

See Also

Uqhube wathi le ndawo isavaliwe umphakathi awukwazi ukungena kuyo lokho bakwenza belawulwa iSigaba 30. 

“Inkampani ehlonzwe ukuba ibeke le ndawo ezingeni iSurg Sut seyandise onogada. UMasipala nawo usulethe onogada bawo ukuzolekelela labo abakhona. Kusenziwa uphenyo ngokuthi yini edale lo mlilo. Sekuvulwe icala kwaSouth African Police Services (SAPS),” usho kanje. 

Uphethe ngokuthi bathanda ukuxolisa kazakhamuzi zaseMsunduzi, izikole kanye nomphakathi nakulabo abathikamezwe ilesi sigameko. 

“Sinxusa izakhamuzi ukuba zivale amawindi kanye neminyango ukuze zingahaqwa kakhulu intuthu. Sicela izingane kanye nabantu abadala bahlale ezindlini noma baye ezindaweni lapho ingekho khona intuthu uma kungenzeka. Sinxusa umphakathi ukuthi uvakashele abezempilo uma bezizwa benenkinga yokuphefumula,” usho kanje. 

Scroll To Top