Umsanka umlandele njalo uMeneja waseMzinyathi



USikhakhane yintatheli emnkantshubomvu egxile ekuphenyeni izindaba zepolitiki.
Abe-United Democratic Movement bahlaba umkhosi ngaye bathi ulihalanjonjo
Esinweni esejwayelekile lesi bekumele kube yisikhathi senjabulo njengoba eqale umsebenzi omusha. Loyo nguMnu uLethuxolo Mthembu nobeqala ukusebenza njengeMeneja yoMkhandlu oMkhulu uMzinyathi ngosuku lokuqala kuNtulikazi ngowezi-2020. Lesi bekuyisikhunda abese sibambe kusuka ngowezi-2018 ngemuva kokumiswa kukaMnu uSipho Ndabandaba ogcine ekhonjwe indlela.
Lensizwa yaseBathenjini bekuvele kukhona umsanka obude umlandela nosuka ngesikhathi esenguMqondisi kuMasipala iVrede, eFree State. Okunye obekumlandela wudaba oluphathelene nokuhlinzekwa kwamanzi khona eMzinyathi.
Kulabo abahlaba umkhosi ngemuva likaMthembu ngabe-United Democratic Movement (UDM) nabakhala ngamalumbo okuqokwa kukaMthembu ekubeni ngokwabo “ehluleke wancama ukwenza umsebenzi wakhe” nabathi lokho kwafakazelwa wukungenelela kwabeHuman Rights Commission.
Akukhona okokuqala ukuthi uMthembu nabe-UDM baphikisana ngalokhu. UMvelase ungcine eseshwabula ukuthi akazi ukuthi kungani esephenduke iqaqa kwabe-UDM. Uthi uyanyundelwa ngoba ukuba kunjengoba besho abe-UDM useke waphatheka ezigcawini ezifana neKhomishini kaMehluleli uRaymond Zondo noma ophenyweni loMvikeli woMphakathi.
UMnu uBoyse Gumede onguNobhala we-UDM uthe bashaqekile ukuthi uMzinyathi ugcine usuqoka uMthembu ekubeni kade babekhononda ngaye.
“Siphoxekile impela ngoMkhandlu waseMzinyathi ngesinqumo sawo sokuqoka uMthembu ngoba lo muntu ubeyingxenye yenkohlakalo eqhubekayo eMzinyathi ohlelweni lokuhanjiswa kwamanzi kubantu. Ngikhuluma nje abantu baseMsinga abanawo amanzi nokugcine kusiphoqa ukuba sibhalele iHuman Rights Commission. Akugcini lapho kube nezinsolo zokuthi uMthembu wabaleka eVrede njengoba eseseMzinyathi ngezinsolo zenkohlakalo nesingenaso isiqiniseko sazo kodwa ebesingafisa uMasipala uzibhekisise,” kusho uGumede.
UMthembu ufike eMzinyathi ngowezi-2017 eqashelwa ukuba uMqondisi ophikweni lakwaTechnical. Kuthe esaqhubeka nalowo msebenzi, wabanjiswa ngowezi-2019 isikhundla sokuba iMeneja kaMasipala.
Lokhu kwenzeke ngemuva kokumiswa kukaMnu uNdabandaba naye obenukwa ngenkohlakalo kanye nokungezwani neMeya uPetros Ngubane.
Selokhu uMthembu aqala ukubamba, kubenezinsolo eziningi ebezivela ngaphakathi kwaMasipala zenkohlakalo nebezidalulwa ezinye izisebenzi ebezingeneme ngaye kanye ne-UDM.
Ngonyaka owedlule kuMfumfu ezinye izisebenzi zaveza ukuthi uMthembu behlangene neMeya uNgubane bathatha isinqumo sokuqasha isisebenzi esasinezinyanga eziyisithupha syi-intern baseenza iMeneja komunye weminyango.
Lesi sinqumo sathukuthelisa izinyunyana njengoba esinye sezikhulu esasibheke lo msebenzi kuthiwa saquleka sangeniswa esibhedlela.
UGumede uthe baze baphoqeleka ukuba babhalele iHuman Rights Commission ngenxa yosizi abalubone eMsinga abantu sebezama ukuthola amanzi emifuleni engcolile okuphuza kuyo izinkomo nezimbongolo.
Akugcinanga lapho kodwa kuye kwakhalwa ngisho eNquthu ngokuthi eMzinyathi bahlale betshelwa ukuthi amanzi ayalethwa kodwa izindawo eziningi azinawo futhi akufiki ngisho amaloli athwala amathangi amakhulu amanzi yize kuhlale kumenyezelwa izizumbulu zemali.
Odabeni lwaseNquthu kwagcina kuphazamiseka nokufunda kwezinye zezikole, ikakhulukazi ezaseNdindindi ngoba abafundi bekumele bashiye ukufunda, bahambe bayokha amanzi emifuleni.
La manzi abesuke ezobasiza ukuzikhulula noma ukuphuza nokuphekelwa ukudla okulethwa uHulumeni ezikoleni.
Ngisho uMnyango Wezemfundo esifundazweni ukhale ngawo uMzinyathi kulolu daba wathi nawo amanzi usuke ubheke ukuba uMasipala wesiFunda kube yiwo owenza isiqiniseko sokuthi ayafakwa ezikoleni ngendlela efanele.
UMthembu kubuye kuthiwe uqashwe ngoba esondelene kakhulu neMeya uNgubane futhi emqonda kangcono kunozakwabo uNdabandaba.
Ethintwa uMthembu uthe kade ayeziphebeza lezi zinsolo ngenxa yokuthi azinasisekelo futhi usekhathele ukukhuluma ngazo.
“Uyabona lena yaseVrede kade ngangikhuluma ngayo ngakho akusekho esengizokusho manje. Lena yeHuman Rights Commission, siphawulile ngendlela efanele sakhipha nohlelo lwethu kokuyisa amanzi eMsinga. Ngikhuluma nawe nje kusabelomali sethu sichithe amaphesenti angama-40 eMsinga nje kuphela sihambisa uhlelo lwamanzi. Kumanje umsebenzi uyaqhubeka kwesakwaMthembu, eCwaka, eMachunwini nakwezinye izindawo zaseMsinga ebezingenawo amanzi. Ngakho angazi ukuthi i-UDM ikhuluma ngani nokuthi kanti uqondeni kangaka,” kusho uMthembu.
Uthe yena uqokwe ngaphandle kwezinkinga ukuba aqale abeyiMeneja kaMasipala waseMzinyathi.
“Ngingakuqinisekisa ukuthi sengiyiMeneja kaMasipala waseMzinyathi, ngiqashwe ngaqala ngokusemthethweni mhla lulunye kuNtulikazi. Lokhu okunye okushiwoyo angikwazi futhi angizimisele ukukhuluma ngakho ngoba mina ngibhekene nomsebenzi wami wokuhambisa intuthuko kubantu baseMzinyathi okungamanzi abawadinga kakhulu,” kuqhuba uMthembu.
IMeya uNgubane ikhuze ibhadi yathi ayiyazi ivelaphi i-UDM ngoba ayikaze iyibone eMzinyathi.
“Kodwa webakithi wena wake wayibona i-UDM eMzinyathi. Uyazi lowo mfana okhulumayo akangafuni ukuba ngikhulume izinto zakhe ngoba angimazi ufunani. Useku-UDM nje ngiyamazi ukuthi uphumaphi njengoba esekhuluma izinto angazazi. UMthembu uqashwe ngaphandle kokwenzelela ngakho i-UDM uma kukhona ekhala ngakho ayihambe iyozibhekela yona ngoba thina siyazi ukuthi uMthembu umsulwa futhi nomsebenzi wakhe ukwenza ngokwethembeka. Uyazi ngiye ngithande ukuthi ungithumelele imibuzo ebhalwe phansi ukuze ngiyiphendule kahle ngoba angifuni ungicaphune ezintweni engingazishongo,” kusho uNgubane.
IHuman Rights Commission ibhalele i-UDM yathi udaba iyaqhubeka nalo yize kunokuphazamiseka ngenxa yokhuvethe kodwa konke kusemi ngomumo.