Umbhobe usuzalwe ngumlaza: Impi yabaHlonishwa isikubakhulumeli



USikhakhane yintatheli emnkantshubomvu egxile ekuphenyeni izindaba zepolitiki.
Kuthiwa uKhuzeni usehlehlelwa zikhuni. Umdonsiswano onzima usukwezokuxhumana
Uya ngokwenaba umfantu kubaholi bakaHulumeni waKwaZulu-Natal kanti lokhu sekuthinta nezikhulu eziphezulu zezokuxhumana. Kukhona ukwesaba ukuthi lesi simo singahle sinqinde ukusebenza kukaHulumeni noma sibuyisele iqembu elibusayo obishini eliphuma kulo. Ukhetho loHulumeni bendawo lubukwa njengesiwombe esingahle sidale ukwehlukana njengoba abantu abafuna izikhundla bangase basebenzise ukungaboni ngaso linye kwabaholi ukufeza izinhloso zabo. Kula masonto amabili edlule ElaboHlanga libike ngokungahoshelani kukaNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnu uSihle Zikalala kanye naloyo esimweni esejwayelekile oyisandla sakhe sokuphosa, uMphathiswa uMaDube Ncube. Siphinde sabika futhi ngamathimbazane kaKhongolose okunguMphathiswa uMaSithole Moloi, uMphathiswa uMaSimelane Zulu kanye noMaDube Ncube okuvele ukuthi babalwa kulabo abangahle bancintisanele esobundlamvuzo, okubi nje yikuthi kukhulunywa ngalokhu nje uKhuzeni (uZikalala) usase sihlalweni.
Khona lapho bayanda abantu abakhuluma nelaboHlanga nabaveza ukudumala kwabo ‘ngokungagcini’ izethembiso kukaKhuzeni azenza ngesikhathi esakhankasela esokuba nguSihlalo noNdunankulu. Omunye umthombo oziveze kuleli sonto nocele ukuba ungadalulwa uveze ubufakazi bokuthi wayekhona emhlanganweni wokuhlelembela uKhuzeni. Uthe ngomhlangano owaba khona: “Kulowo mhlangano owawuseJohn Dube House, eMorningside, eThekwini kunabantu abaphezulu abebemethemba uZikalala ababemkhulumela noMengameli kodwa manje abasayizwa indaba yakhe sebefuna adede emandleni ngoba babona ebajikele.”
IBAYEDE inawo amagama abanye ababekhona kodwa amagama abo agodliwe ngenxa yokuthi bebengatholakali ezingcingweni zabo ngesikhathi bethintwa ukuze baziphendulele.
Laba iningi labo kuthiwa alizange lifune zikhundla kuHulumeni kodwa babefuna amathenda eminyangweni njengentshontsho lomsebenzi wabo wokufaka uZikalala emandleni. Kuwo lo mhlangano kuyavela ukuthi abanye ababekhona babengebona osopolitki kodwa baziwa ngokuba “abeluleki kwezombusazwe” kanti iBAYEDE inawo amagama abo.
Sekwenabele nakwabanye
Kuleli sonto leli phephandaba lingakuqinisekisa ukuthi ukuqhubulushana kwabaHlonishwa sekukapakele nasezisebenzini eziphezulu kwezokuxhumana. Lokhu kuqinisekiswe ngosopolitiki, amalungu eqembu nabasebenzi bezokuxhumana kuHulumeni.
Lezi zikhulu nguMnu uLennox Mabaso ophethe ezokuxhumana kuHulumeni waKwaZulu-Natal nosebenza noKhuzeni kanye noMnu uNdabezinhle Sibiya osebenzela ezokuxhumana eHhovisi likaMaDube Ncube. Esikhulume nabo bathe kuyishwa ukuthi laba ababili bazithola bekulesi simo ngoba amakhono abo ezokuxhumana awabuzwa nokuthi ukusebenzisana kwabo bekungenza lesi sifundazwe sibe ngesihamba phambili. Okunye okubuye kwenze kucije imikhonto yikuthi ipolitiki yenza bashitsha izikhundla, eminyakeni eyedlule uMabaso ubelihawu futhi ephungela uMaDube Ncube kwabezindaba njengoba ubenguMkhulumeli woMnyango wakhe. Engakasebenzi lapho uke wenza okufanayo kuMnu uMabuyakhulu kanye nomufi uDumisani Makhaye.
Kanti ngakolunye uhlangothi, uSibiya yena uphekwe nguDkt uZwelini Mkhize kagcina lapho wasebenza noNdunankulu ababili okunguMnu uSenzo Mchunu noMnu uWilies Mchunu. Womabili la madoda ayahlonishwa emagunjini abezindaba ngenxa yekhono lokukwazi ukukhongela labo abasuke besebenza ngaphansi kwabo. Kuthiwa kugadlana izincwepheshi manxa kusensimini kuyilowo naloyo ephendlela umqashi wakhe kwabezindaba.
Omunye okhulume nelaboHlanga nothe aligodlwe igama uthe: “Hheyi wemadoda sibi isimo kulaba bantu bobabili (uMabaso noSibiya). Kuke kwaba nomcimbi obuseMlazi omkhulu impela lapho uNdunankulu uKhuzeni akhipha umyalelo wokuthi bangalokothi oMabaso bavume abezindaba bakhulume noMaDube Ncube. Lapho-ke kwavele kwenzeka isimanga uSibiya wahlakanipha ngoba kwathi uma ithimba lethelevishini lakwaSABC selifuna ukusakaza bukhoma uSibiya wagijima waletha uMaDube Ncube. Kuthe ngezindaba zehora lesikhombisa ntambama kwavela uMaDube nokwamcasula kakhulu lokho uKhuzeni wavele wabiza uMabaso wabuza ukuthi yisiphi isizathu esingenza ukuba angamxoshi emsebenzini. Manje le nto isinzima okwangempela ngoba sonke siyabikelwa Uma kuzoba khona bona. Thina nje owethu uNgqongqoshe useze wathi uma kukhona uMnyango kaKhuzeni nokaMaDube Ncube singazihluphi ngokumyisa ezintathelini ngoba akazwani nokukhuluma nanokuzondelwa izinto angazazi,” kusho umthombo ocele ukuba ungadalulwa nangengozi.
Uqhube wathi okunye okufake uMabaso enkingeni ukuthi wathembisa kuNdunankulu ukuthi abezindaba bazobheka yena yedwa manje ungaphansi kwengcindezi njengoba izinto kazisenzeki nalu nokhuvethe ludala okwakho.
UMabaso kuthiwa emizamweni yokubuyisela inqola emzileni usehlela izithangami zabezindaba njalo ngamaSonto nakhona ulekelelwa yilo ukhuvethe nanendlala kwabezindaba abaveza kwasani njengoba kungelula ukuqoqa izindaba kuleli ngalesi sikhathi.
Omunye oyintatheli ehambela lezi zithangami uthe: “Sesiyaya nje ngoba phela izikhulu zethu yizo ezidweba uhlelo kepha akukho esikuyela lapha kulo mbukiso kaMabaso. UKhuzeni akakhulumi into esingayazi ngoba uMengameli usuke eseshilo noma uDkt uMkhize. Uyazibuza nje ukuthi yini enomsoco kulokhu ngaphandle kokuthi kusukwe kwenzela ukuthi kuthiwe uNdunakulu uvelile.”
Yona futhi le ntatheli ithe okwacaca kubo ukuthi isibhixana ngisho kubasebenzi kube yingesikhathi kunevimbamgwaqo eMarranhill lapho kuthiwa kwakukhona uKhuzeni noMaDube Ncube, ithi ukukhuluma kwaba ngesikhathi abezindaba befuna ukukhuluma nabo abaHlonishwa .
“Hheyi saphenduka opopayi lapho ngoba sasidonswa ngapha, yilo nalo efuna kukhulunywe nobasi wakhe. Akukhona okokuqala ngoba nakwabanye abaPhathiswa kuyenzeka, sithi siye ukuyokhuluma nowezemfundo, kuyaba sekuthiwa asikhulume ngoNdunankulu siyeke lowemfundo uMphathiswa, khona kunzima”, kusho lo mthombo.
Kuqala ukhuvethe bekweqana izibiba kwezokuxhumana njengoba abezindaba behamba noKhuzeni abanye behamba noMaDube. Kuthiwa ezikaMaDube bezihlela ngesinwe ukuba abezindaba bamlandele lapho eyoguduza khona ebheka abahweba ngokungemthetho ikakhulukazi abaokufika. Kuthiwa lokhu bekulinoni kubantu ngoba bekubathinta ngqo kanti nakwabezindaba bekuletha udaba olusha. Ngalesi sikhathi bekuke kuvele kuthelevishini nasemaphepheni njengezindaba ezishisayo sebeyiphekile omfo kaSibiya. Kuthiwa lokhu akwehlanga kahle nokunyakazise uMtungwa (abakwaMabaso).
Omunye osebenza kwezokuxhumana kuHulumeni uthi bekumele uSibiya noMabaso bangaboni ngaso linye: “Kukhona okuyihlaya kule nto. USibiya omuhle emsebenzini wakhe ubesebenzela oNdunakulu abehlukene. Kuhamba nje uThami Ngwenya wonke umuntu wayethi uSibiya uzothatha kepha ipolitiki yangaleso sikhathi yambeka ngaphandle. Kuthe uma sekungena uKhuzeni nakhona kwaqashwa uMabaso naye owayekade ebanga umsindo ezibeka njengosemkantshubovu.
Ihlaya ngoMabaso onamava impela, wukuthi kulo msebenzi wakhe omusha kumele adudule uMphathiswa uMaDube Ncube obekade esebenza naye iminyaka kwaCogta. Elinye ihlaya uKhuzeni cishe usenakho ukuzibuza ukuthi amthembe kanjani uMabaso obesebenzela umuntu namuhla ababanga naye, kepha ubuze umbuzo obekumele awubuze ekuqaleni. Ngamafuphi uMaDube Ncube unomuntu owazi njengoba ezazi uMnyango kaNdunankulu kanti uKhuzeni unomuntu owazi imbangi yakhe uMaDube. Kanti njengoba uMaDube Ncube ephethe uMnyango obuphethwe wuKhuzeni naye wazi zonke izinhlelo manje,” kusho umthombo.
Kuthiwa kulokhu nje kokugcina ukungahoshelani kuvele emcimbini obusesikhumulweni sezindiza iKing Shaka esethiwe ngeLembe yabe izazelene, kuthi nxa imibhobho yabezindaba ibheka ngakubo kube wukumoyizela kwesikhashana ithi ingadlula libuye ligubale.. ElaboHlanga lizame lancama ukuthola uSibiya noMabaso. Bathintiwe ezingcingweni zabo kwathunyelwa nemiyalezo ngoLwesine ngehora le-14.11, uMabaso, kwathi uSibiya yena wathunyelelwa ngele-14;12. Kuze kwayoshicilelwa bengabuyanga.
Sekudlalwa ilabani
Ukungahoshelani kukaKhuzeni noMaDube Ncube sekwenze abathile abanamandla emali nokuthatha izinqumo bahlanganise amakhanda ngoba kunokwesaba ukuthi uma kuyikuthi imikhonto iyaqhubeka nokucija kungahle kungonakali ipolitiki kupheka kepha kubune nalapho kutshalwe khona ngoba abanye bayamaya ngemisebenzi eqhamukayo. Lokhu sekudale inkulumo ethi ukhona yini ongangena njengomuntu ozongabi kulezi zinhlangothi zombili. Yilapho-ke igama likaMaSithole Moloi lide livela.
Udweba isithombe sabaholi abathintekayo nezinto zabo (ElaboHlanga lunohla lwabo namabhizinisi) umthombo uthe: “Uyabona abaholi abaningi abanye asebekuzwelonke banezinkomo zabo abazishiye kuHulumeni wesifundazwe nakomasipala ngakho bamehlo mane ngokwenzakalayo. Manje uvalo asebenalo elokuthi le mpi izobadalela indlala ngoba uma uZikalala egcina ehlulwa kuthatha uMaDube Ncube bazoba senkingeni yokuthi uMaDube uzofike ale konke ngisho nompompi babo abadla kubo ngoba ezitshela ukuthi uvalela uKhuzeni.
“Lapha asikhulumi ngabantukazana nje kodwa sikhuluma ngabaholi abebenamandla KwaZulu-Natal belawula uHulumeni baze babanezinkomo zabo abangafuni ukubona ziphela ngenxa yokuthi sekungena umuntu ozohluleka ukuzigada. Ngakho kulesi simo babhekene nokuthi uma uZikalala eqhubeka namandla basengcupheni yokubulawa indlala ngoba uKhuzeni usevele akasekho ezandleni zabo kodwa uselawulwa (ube esedalula igama lenjinga yamathenda). Uyabona uZikalala uzwa ngaloya muntu ngenxa yokuthi ungomonye wabamsiza bamkhulumela kuMengameli uRamaphosa ukuze abenguNdunankulu,” kusho umthombo.
Ngesonto eledlule ElaboHlanga likhulume nabanye abaholi benhlangano okuwuPhiko lwabesiFazane, olweNtsha, inyunyana iCosatu kanye nehlangano iSANCO nabathe uma kungaba nokuxokozela kungahle kungabi kuhle ngoba bona bamele ubunye beqembu. Uma lesi simo siqhubeka singahle sidale okunye ukuxokozela njengoba ngokwedlule ukuqokwa kwabantu ezikhundleni kuHulumeni kwadala isimo esimuncu ezinhlakeni zeqembu.