Now Reading
Umdonsiswano weSAFA nePSL ukhalisa abalandeli
Dark Light

Umdonsiswano weSAFA nePSL ukhalisa abalandeli

Izolo ngoMsombuluko bekubhekwe ukuthi uSihlalo wePremier Soccer League (PSL), uDkt u-Irvin “Iron Duke” Khoza amemezele isinqumo ngemidlalo ye-Absa Premiership.

Kodwa abantu baphinde basala bengondinga sithebeni njengoba lungekho usuku olukhishiwe ukuthi kuzobuyelwa ngalo ensimini.

Okugqame kakhulu enkulumweni kaKhoza ukuthi amaphepha ezicelo zokubuyela kwemidlalo enkundleni abanjwe inhlangano ephethe ibhola kuleli iSouth Africa Football Association (SAFA) eholwa uDkt uDanny Jordaan.

Impelasonto esiya kuyona bekubhekwe ukuthi ziqale zibulalane njengoba amaqembu amaningi esasalelwe imidlalo eyisi-6 ngaphambi kokuthi isongwe iligi. Yize lungaphumanga usuku kodwa uKhoza ukhombisile ukuthi yona iligi izoqedelwa, lokho kuzwakale ngesikhathi ebuzwa ukuthi uma kungatholwa abadlali abahlanu eqenjini abanokhuvethe kungenziwa njani?

Uphendula ngokuthi: “Iqembu lizobenzisa abadlali balo abagijima kuMultichoice Diski Challenge (MDC)”.

IBAYEDE iphumele emigwaqeni ifuna ukuthola uvo lwabantu ngenkulumo kaKhoza. Leli phephandaba likhulume noManelisi Khuzwayo nothe ungumlandeli wokuqina weKazier Chiefs. “Sesikhathele indaba yePSL neSAFA, le ngxabano yabo iyabambezela kakhulu. Uma behluleka ukuxazulula inkinga yabo abanike iChiefs iligi.

See Also

Uma futhi kungathiwa akuqhutshekwa nemidlalo kobe kuyinto enhle ngoba isibalo sabantu ababulawa ukhuvethe siyakhuphuka kakhulu,” kusho uManelisi.

Omunye umlandeli kanobhutshuzwayo okhulume naleli phephandaba uSakhile Nzuza uthe: “Bengazi ukuthi ngeke kube lula ukuphuma kwesinqumo sokubuyela kwemidlalo. Kwasekuqaleni vele iPSL yathi ifuna ukwenza ngendlela yayo iSAFA yama endleleni yayo. Nakulokhu kusenjalo iSAFA engafuni kubuyele imidlalo.”

Sekusele ukumenyezelwa kosuku lokubuya kwemidlalo njengoba ngeledlule. Kuqalile ukuthi amaqembu aziqeqeshe. Kuphinde kwavela ukuthi imidlalo izoqedelelwa eGoli ebelibanga nesifundazwe iKwaZulu-Natal.

Scroll To Top