Umbiko ukhombisa ubudedengu minxa yonke


Umbono wephephandaba laboHlanga, Bayede elishicilelwe zi-3 kuya ziyisi-9 kuNtulikazi 2020, lapho libuza khona umbuzo ngoMcwaningimabhuku Jikelele othi: “Kuxoveka kanjena nje usuke yena ekuphi noma okwakhe wukuzibuka zibulalana bese ecosha izidumbu seziyizibhucu?”, ubanga igidigidi kumuntu ngokubona izinto ezenzeka emazingeni kaHulumeni wonkana, ikakhulukazi kuHulumeni Wendawo.
Kuvamasile uma kunje ukuthi iningi lethu, umbuzo ofana nalona liwuphendule sakuntela, abanye ubezwa bethi, “inhlanzi ibola ekhanda”.
Iphephandaba laboHlanga libuza umbuzo onqala nodinga ukuthi umphakathi kwawona uphendule, uma ungenazo izimpendulo ubuze labo abakhethwa ukuba babe abaholi bepolitiki kusukela komasipala kuya kuHulumeni ezifundazweni nokazwelonke.
Okokuqala nje, omasipala banezimeneja, abaphathi bezimali abakhulu nabaqondisi ezinhlakeni zikamasipala. Ukusebenza komasipala kakhulu kwezezimali, kunoMthetho Wokuphathwa Kwezimali Zomphakathi [Public Finance Management Act (PFMA)] okumele izimeneja nabaphathi bezimali nabaqodisi komasipala baqikelele ukuthi bayawulandela uma bethatha izinqumo, kuhambisana nohlaka lomasipala olwaziwa ngokuthi iMunicipal Systems Act (MSA).
Lokhu okuyimithetho nemibandela elawula omasipala, njengomphakathi sinesibophezelo sokukwazi, sikuqonde ukuze kuthi lapho imikhandlu isifohla, iphaphalaza siyikhalime, siyinqande siyizakhamuzi. Umbiko kaMcwaningimabhuku ubonakala usemagcekeni eminingi imikhandlu ngokuba mapeketwana kwebala noma kwamagceke ayo kanye neminye iminyango kaHulumeni, kusukela kowezifundazwe kuze kuye kokazwelonke. Iqiniso lithi kumoshakele, isimo asibi ngcono kunalokho ukhukho lumuka nomoya.
Kulele kithi ukuthi njengaboHlanga sazi ukusebenza komasipala bethu nazo zonke izikhungo zikaHulumeni njengalokhu kukhona iMSA, iPFMA neminye. Umbuzo sonke okumele sizibuze wona uthi, imeneja kamasipala, umphathi omkhulu wezimali, umcwaningimabhuku wangaphakathi kanye nabaqondisi komasipala benzani?
Naye-ke futhi uMncwaningimabhuku Jikelele, esewenzile umbiko, akanawo yini Amandla okulandelela, ukuqinisekisa ukuthi lokho okumele kulungiswe kuyalungiswa? Wona uMnyango Wezokubusa Ngokubambisana Nezindaba ZoMdabu yini iqhaza lawo lapho omasipala befadalala?
Nathi-ke siwumphakathi, sike sibabuze yini labo baholi bezepolitiki nezisebenzi ezisemandleni komasipala nasezikhungweni zikaHulemeni ukuthi benzani?
Ngokohlelo lombuso, ipolitiki iyona ewuhlaka olulawula imikhakha kaHulumeni uma sekuziwa ekuphatheni nasembusweni ezinhlakeni zikaHulumeni.
Ilumbo lilele kupolotiki njengalokhu thina siwumphakathi sibasa umlilo, siwukhwezele sikhohlwe bese labo esithe ababe ababheki bezimbiza bezenzela, banyule inyama eziko iphume ngothango kungabe kusafika lutho ezithebeni ngisho nomhluzi wodwa lona. Kuthi sekuyakazwa izimbiza bese kuthiwa qu ogqokweni umhluzi ongenanongelo.
Lapho-ke sivuka umbhejazana siwumphakathi kodwa-ke akumele yini sizinuke amakhwapha bese sizibuza umbuzo othi ingabe labo esibakhethayo ukuthi babheke izimbiza ngabantu abakwaziyo yini abakwenzenzayo futhi baqotho yini noma sibeke nje amagovu namankentshana sathi awabheke izibaya? Isikhuni sibuya ngomkhwezeli nina beNgabadi, asinakukhalela bani kodwa ingcabha ikithi sithanda singathandi. Amahlafun’egwavuma namagovu abekwa ithini emini kwabha abanye bethu bakhohliswa ngezijumbane zokudla, abanye bathengwa ngezinkamba zikaFaro, abanye bethu baluthwa ngethemba lempilo engcono.
Kulichilo ukuthi thina beNgabadi sivukwe igidigidi, isiyezi nenzululwane ngombiko kaMncwaningimabhuku Jikelele nangayo yonke inkohlakalo eyenzeka sibuka ngokuba kubi kwesimo sokuphathwa nokusetshenziswa budedengu kwezimali komasipala.
Iqiniso lithi siwumphakathi sidunguza emswaneni ngokwenqubo yobuholi bepolitiki nokusebenza kukaHulumeni. Ukufadalala kwezikhungo zikaHulumeni kuyinkomba yohlobo lwepolitiki nobuthaka bayo futhi-ke umphakathi ongahlakula ukhula njengalokhu kuyibona abadabuli bendima. Pho-ke insindizo yethu iyakuba yini?
Sidinga ukwebuza singabantu, sizalwe kabusha, sidlinze, sininze kabusha, senze siphile iqiniso, sizazi singobani, sazi futhi siqonde umlando wethu wendulo ukuze sifumane isiphuku sokuzithanda, ukuzazisa nokuzihlonipha njengabantu. Kumele singabantu simele, siphile isiqiniso, singenzisi okwezinswelaboya namafuzamuntu wona anesihluku esehlula esezilwane zasendle.
Ngeshwa abanye bethu, sebakhetha ukuba oKhethukuthula ngenxa yokwesabela imipilo yethu njengalokhu uma ubuza imibizo emihlanganweni yomphakathi, abanye abaholi bepolitiki bakuthatha njengembagi yabo ekubeni ubuza izinto eziphathelene nengqalasizinda nenhlalakahle yomphakathi.
Umbiko kaMncwaningimabhuku Jikelele udweba isithombe esiyisona njengoba sinjalo, ithumba elivuthiwe leli elidinga isibindi, ukuthi likhanywe.
Kulesi simo esikuso, asifikanga ngephutha, inhlanganisela yezinto futhi nokuphuma kuso kudinga isibophezelo nokuzinikela kwabeNgabadi. Izwe iNingizimu Afrika linemithetho emihle ebhalwe phansi kodwa okubuhlungu kukambalwa lapho leyo mithetho kuqikelelwa ukuthi iyalandelwa. Okunye, okusilelayo ukuqikelela ukuthi konke okwenziwayo kuphephile endalweni nakubantu bonke.
Le mithetho ayimiselwe ukucindezela abantu kodwa ukuqinisekisa ukuthi yonke into eyenziwayo yenziwa ngendlela ezohlomulisa wonke umuntu, ezovikela futhi yonge ukumoshwa kwempahla kungaba imvelo, umhlaba, imali, izinsizakusebenza nengqalasizinda nokuqinisekisa ukuthi wonke umuntu uphila ngenhlonipho nokwazisana, ngokuphepha nobulungiswa ezweni. Ukukhala akusizi nina beNgabadi. Okwazibopha, kuyozikhulula!