Ukubhidlika komthangala wobu-Afrika egameni loguquko


Kwakuzobangcono ukube kwakunenhlakanipho kaMvelinqangi ekwenzeni izinto, mhlazane kubonakala ukuguquka kwezimo nezinto e-Afrika. Maqedane izindawo zayekelwe kanjalo njengoba zazinjalo, eZingonyameni, eMakhosini, ezinduneni nakubamnuzane ukuba ziziphathe, zizihole, zizilawule futhi zizibuse ngokwezifundazwe, ngokwasemakhaya nangokwezigodi. Njengoba kwakunjalo, ngenkathi iziNgonyama zaboHlanga zisaliphethe ngempela izwe ngokwemiqondo yazo ekwenzeni izinto. Kwase kuchitshiyelwa ngokwezepolitiki, ngokwenhlalo entsha nangokwezombusazwe laphaya nalaphaya ukuze kuhambisane nezinguquko, izenzeko, izinto kanye nezimo ezenzeka emhlabeni wonke.
Ngokwenze njalo kwakuyobe igcagcele esokeni. Sekubuyiswe kancane ububona baboHlanga obadlwengulwa ngubukoloni ababeyibo. Ikakhulukazi ingakandi inqubo yemali, yemfundo, yenkolo, yesikompilo neyobuntu nokunye kwaseNtshonalanga esokuphilwa ngaphansi kwabo. Lingawa licoshwe izinkukhu! Ukuba sikubone kwenzeka noma bekwenza abasemagunyeni agqamileyo. Okumanje ababaningi aboHlanga emakhaya, abanentshisekelo yokugqugquzelana, yokukhuthazana neyokuzibona benza okwehlukileyo nokuyintuthuko yezobuchwephashe, yezokwelapha kwendabuko nokunye ngokwenqubo yabo. Inqubo ewububona ezweni abalakhileyo phezu kwemfundo engcono kuneyangaphambilini kowe-1994.
Ngokushisekela kanjalo, wawuzophila emizweni yaboHlanga lo mlando. Umlando weZingonyama zaboHlanga ezazama ngawo wonke amandla ukuvikela ububona baboHlanga. Ububona abaphucwa bona ngamakoloni bokwenza izinto ngokwemicabango nangengqondo yabo. Kuwumqansa esintwini ngoba sigcwele intshisekelo enokuhlakanipha neyokuqhubana ngamadolo phambili ekwenzeni izinto.
Yayizame ngawo wonke amandla iNgonyama uJininindi Omnyama kanye noZulu wonke ukuvikela ububona besizwe samaZulu, esabe siwububona ngaphambi kokufika kwenqubo yasentshonalanga. Usakhumbuleka umlando wempi kaZulu, enqoba eyamaNgisi eSandlwana mhlazane zingamashumi amabili nambili kuMasingana ngowe-1879 kanye nowokushiswa kwezigodlo zeSilo uCetshwayo Ondini ngamaNgisi enyangeni uNtulikazi mhlazane zizine ngowe-1879.
Ayakhumbuleka emlandweni amanye aMakhosi, njengeNkosi uHintsa kwesamaXhosa owazama ukuvikela ububona besizwe samaXhosa. Yazama ukuvikela iNkosi uMzilikazi wamaNdebele, uSobhuza Wokuqala kwesamaSwati. Kwala kona ukwenza eNkosini uMahikeng kwesabeTswana, uMoshoeshoe kwesabeSotho, uSekhukhuni kwesabaPedi, uRamabulana kwesabaVhenda, uSunduza Mhinga Wokuqala kwesamaTsonga noSoshangane Ndwandwe kwesamaShangane ukukha phezulu.

Okwagcina ngokuba amabutho, iZingonyama naMakhosi boHlanga esedle amahawu. Kwazaleka lesi sizukulwane sethu esesinokumbalwa sobubona aboHlanga baseAfrika abasendulelayo, ababeyikona futhi bengaziphakamisile nesesikungabaza ukuzigqaja ngakho njengolimi lwebele. Babekwazi laba bantu ukuzenzela izinto kungakandi okubalulwe ngenhla ikakhulukazi imfundo yasentshonalanga.
Wengeza nomdayisi ozimele uMnu uBuhle Ncayiyana, wakwaMachi eHarding, owakhula KwaMashu nongasekho uMnu uDumisani Makhaye owayenguMphathiswa kuHulumeni waKwaZulu. UNcayiyana wathi: “Ngenxa yokweswela inhlakanipho, umgogodla kwabanye boHlanga, kwabenza banqikaza, bavimbelana balibala ukudlelana umgolo ngisho sebethuthukile ngokwamazinga emfundo, emali, ezikhundla kanye nokunye. Engabe manje kukhulunywa ukuthi bayicela inselelo imfundo yasentshonalanga eyafundwayo. Bese bengeza kokuningi kwasemandulo ngenkathi besebodwa futhi besaliphethe aboHlanga kanye naMakhosi ezwekazi i-Afrika.”
Uqinisile uNcayiyana uma sibheka ngeso lasendulo kusengamakhaya wodwa e-Afrika ngezikhathi zaMakhosi neZingonyama. Kuyahlaluka ukuthi izindawo zaguqulwa zaba ngamadolobha, ngamalokishi, ngamahostela kanye nemijondolo zabizwa ngamagama amasha noma amanye ngokuhamba kweminyaka.
Okokuqala aboHlanga basemakhaya babenobubona ngokwezempilo nangokwelapha kwendabuko yokhokho babo. Babekwenza ngendlela yabo, bebaningi ababephila iminyaka eyayevile ekhulwini umuntu ngamunye. Lokhu okungasenzeki manje ngoba babengenazo izifo esezibizwa noma esesizibiza ngamahlalakhona. Ububona lobu abanye boHlanga abasemkhakheni wokwelapha ngokwasentshonalanga abakunqikazayo.
Abazethembi ukuthi banenhlakanipho yobubona bokuhlanganisa okwasentshonalanga bese belapha ngendlela yasendulo yabelaphi bendabuko. Bese kuphakama ukwelapha kwasemandulo kwabelaphi bendabuko ezwenikazi.
Okwesibili ngezobuchwepheshe nethekhnoloji bokuvelisa insimbi ngenkathi kusenabathonga baboHlanga ezigodini zasemakhaya. Osekwashabalala phezu kwemfundo yasentshonalanga efundwayo ngoba abekho aboHlanga abanolwazi lokuvelisa insimbi emhlabathini. Sekubukeka sengathi aboHlanga babengakwazi noma babengenayo eyabo ithekhnoloji kanye nomqondo wokumba insimbi emhlabathini phambilini. Kwase kubukeka kwaboHlanga benkathi yamanje, sengathi lolo lwazi lokumba insimbi lwafika nabelungu. Wayekhona uGcugcwa wakwaNzama owayengumvelisi wensimbi nowayenza imikhonto ngesikhathi seNgonyama uShaka kaSenzangakhona.
Sekuwumlando ukuthi uMswati Wesithathu wavuselela kancane ububona bamaSwati ayeyibona ngenkathi esaphila wodwa, esabiza igama lezwe lawo ngokuthi eSwatini. Hhayi ngokuthi eSwazini njengoba ubukoloni babubiza kanjalo.
Sekuyavela emlandweni ukuthi kwabekwa izincelebana zaMakhosi. Osekunesizukulwane esibusayo okuthathwa ngokuthi okhokho bazo kwakuyizinhloli zamaNgisi namaBhunu. Kuyavela futhi emlandweni ukuthi ezinye izinhlanga namanye aMakhosi, zazincelebanela zona emakolonini ukuba zinikwe uBukhosi namazwe. Zaklonyeliswa ngamakoloni emveni kokuwasiza ekunqobeni amanye aMakhosi oHlanga lwabo.
Namanje kusenjalo basekhona abanjalo!