Now Reading
Abasayinambithisisi iKhomishi kaMehluleli uZondo
Dark Light

Abasayinambithisisi iKhomishi kaMehluleli uZondo

Amalungu ePhalamende ashaya amakhala ngezigidi ezingama-R700 ezichithwe iKhomishini kaMehluleli uRaymond Zondo ephenya ngokugwamandwa koMbuso namabhizinisi.

Amalungu ePhalamende amaqembu ahlukene athwale izandla ekhanda ethola ukuthi le Khomishini isisebenzise imali engaka ekubeni isimo somnotho wezwe sisibi kangaka.

Imvunge iqhamuke ngemuva kokuba  uMqondisi Jikelele  osabambile eMnyangweni Wezobulungiswa Nokuhlunyeleliswa Kwezimilo, uMnu uJacob Skosana, echaza ngesimo sokusebenza kwemali eMnyangweni nangendlela ezizohlinzekwa ngayo kulesi sikhathi.

Amanye amalungu ekomiti abebalisa ngokuthi kuyichilo ukuthi le Khomishini ichithe imali engaka ekubeni isimo somnotho wezwe sitshekele eweni.

Udalule ukuthi iKhomishini kaZondo ishaywe kakhulu imali eyikhokhela abameli nosekwenze ukuba bayiyalela ukuba ibophe isifociya ukuze igweme ukuchitheka kangaka kwemali.

Sekuze kwabaphoqa ukuba le Khomishini ithuthe lapho ebisebenzela khona iyiswe ezindlini zikaHulumeni ukuze kugwemeke imali yanyanga zonke ebiyikhokha.

UMqondisi Wezokushushiswa Kwamacala oMphakathi, u-Advocate uShamilla Batohi, uthe namanje bayacabanga ukuthi kazi bekuzobadla imali engakanani uma sebeqala beshushisa labo abathinteka emacaleni adalulwe kule Khomishini kaZondo.

Kwenzeka lokhu nje uMnyango ububheke ukwehliselwa isabelo sawo ngezigidigidi ezimbili kodwa kube ngozimakhaza njengoba isabelo esibuyekeziwe sehlizswe ngezigidi ezingama-R400.

Kule mali eyehlisiwe izinhlaka ezizoshayeka kakhulu kubalwa uhlaka olubhekele ukunxeshezelwa kwezisebenzi eMnyangweni oluzokwehliselwa ngemali eyizigidi ezili-R111  bese kuba uphiko lwenqalaszinda olwehliselwe ngezigidi ezili-R122.

U-Adv uBatohi uthe iNPA izonqamula isabelo sayo ngenani eliyizigidi ezili-R150.

See Also

Uthe yimali lena esuke ibhekele isinxephezelo sezisebenzi, wathi ngenxa yalokhu bazosehlisa isibalo sabashushisi abangama-400 abebezobaqasha kodwa sebezoba ngama-200.

Uqhube wathi ngenxa yezinselelo abebebhekene nazo kuphoqeleke ukuba uhlelo lwabo luphazamiseke kwaze kwagcina ngokuthi imali bayibuyisele kuMgcinimafa.

“Nokho asilimalanga kakhulu ngoba sisengakwazi ukuphinde siqashe abashushisi abangaphezudlwana kwama-200,” kusho u-Adv uBatohi obechaza okugcizelele ukuthi nabashushisi babo abakuKhomishini kaZondo abazukuphazamiseka.

Uphiko oluphenya amacala akhethekile lona luncishselwe isabelo saphakathi nonyaka ngemali eyizigidi eziyishumi.

ILegal Aid yona yehliselwe ngezigidi ezingama-R23.

Scroll To Top