Now Reading
Isikhumulo iKing Shaka nemigomo yokhuvethe
Dark Light

Isikhumulo iKing Shaka nemigomo yokhuvethe

Njengoba ezinye izikhumulo zezindiza kuleli sezivuliwe ukuba zisebenze kulandela ukuvalwa kwazo ngenxa yokubhebhetheka kokhuvethe, esinye esikhulukazi eNingizimu Afrika iKing Shaka senza isiqiniseko sokuthi sizigcina zonke izinyathelo zokugwema ukusabalala kwalesi sifo.

Lesi sikhumulo siguqule nendlela esisebenza ngayo ukuqinisekisa ukuthi abantu bayawugcina umgomo wokuqhelelana.

Kulesi sikhumulo kuke kwabikwa ukuthi angaphezulu kwe-12 amaphoyisa asebenzela kuso atheleleke ngokhuvethe kwakhona nelishonayo.

Ukuvulwa kwaso kulandela ukuvunyelwa kwezinye ukuba zibuyele ensimi kusukela mhla lulunye kuNtulikazi nonyaka njengoba imithetho yesigaba sesithathu semvalelwakhaya ibithanjiswa. Phakathi kwezikhumulo ezinkulu ezivuliwe kubalwa sona lesi i-OR Tambo International, iCape Town neLanseria.

Ngokomyalelo kaHulumeni, izikhumulo nezinkampani zamabhanoyi kumele zethule izindlela zazo zokusebenza ngaphansi kokhuvethe kuSouth African Civil Aviation Authority (SACAA) ngaphambi kokuthi banikwe ilungelo lokusebenza.

NgoLwesithathu uMphathiswa Wezokuthuthukiswa Komnotho, Ezokuvakasha Nezemvelo KwaZulu-Natal, uNkk uNomusa MaDube Ncube, nezinye izikhulu bahambele esikhumulweni iKing Shaka beyohlola ukusebenza kwaso njengoba sesivuliwe.

Enkulumweni yakhe uthe ezinyangeni ezine ezedlule selokhu uMengameli uCyril Ramaphosa amemezela imvalelwakhaya ngoNdasa, babe nokuxhumana nongoti, ababambe iqhaza kule mboni bemele imikhakha eyahlukene yomnotho.

“Sijabulile ngezingxoxo eziqhubekayo nangomnikelo wabo obalulekile abawenzayo. Anginakho ukungabaza ukuthi lokhu kuxhumana phakathi kukaHulumeni nezinkampani ezizimele kuzosisiza lesi sifundazwe ukulwa nobunzima obulethwa ukhuvethe,” kusho yena.

Uthe uHulumeni waKwaZulu-Natal ufinqe imikhono ukuqinisa yonke imizamo yawo yokuvuselela umnotho wakulesi sifundazweni. 

Uveze ukuthi njengoba bakha futhi bethuthukisa kabusha umnotho, umkhakha wamabhanoyi uhlala ungobalulekile njengoba izibalo zikhombisa ukuthi ngoNhlolanja ezomoya nezokuvakasha eNingizimu Afrika zeseke imisebenzi eyizinkulungwane ezingama-472 zafaka imali elinganiselwa ezigidigidini ezili-R180 kuGross Domestic Product (GDP) njalo ngonyaka. 

Ekuqaleni kukaNhlangulana, i-International Air Transport Association (IATA) ihlawumbisele ukuthi eNingizimu Afrika imisebenzi eyizi-252 000 isengcupheni. Iphinde yaveza ukuthi okufakwa yile mboni emnothweni waseNingizimu Afrika kungehla kufinyelele ezigidigidini ezingama-R97.

“Siyakuvuma ukuthi ngaphambi kwemvalelwakhaya, isikhumulo iKing Shaka sibe nabagibeli abaphakathi kwezigidi ezinhlanu kuya kwezili-10 okufaka phakathi abebehambela izindawo ezingaphakathi kuleli nabaphuma emazweni angaphandle beya ezifundazweni. Njengesifundazwe siyakuvuma ukuthi ngaphandle kwale mboni imizamo yethu yokusimamisa umnotho wethu ngeke ithele izithelo.” 

UMphathiswa uthe njengoba bebekulesi sikhumulo sezindiza, bebelangazelele ukwazi ukuthi siyilandela kanjani imigomo yokusebenza ebekiwe.

Ubongele abaphathi balesi sikhumulo nezisebenzi ngokunqoba izindondo ezimbili ezibalulekile muva nje.

See Also

Lezi zindondo yiBest Regional Airport in Africa neBest Airport Staff in Africa. Lesi sikhumulo sidle umhlanganiso iminyaka emibili ilandelana. Besiyingxenye yezikhumulo ezingama-550 emhlabeni ezihloliwe lapho bekubhekwa indlela okuphathwa ngayo amakhasimende nezinto ezitholakala ezikhumulweni emhlabeni jikelele.

Lapha iWorld Airport Survey ihlela imibuzo eli-100 ephendulwa abantu bamazwe ahlukene abahambela ezikhumulweni ephendulwa esikhathini esiyizinyanga eziyisi-6.

“Anginakho ukungabaza ukuthi phezu kwezinselelo esibhekene nazo, lezi zindondo zizogqugquzela izisebenzi, ababambe iqhaza embonini yamabhanoyi nakwezokuvakasha. Leli zwe nalesi sifundazwe ikakhulukazi, eminyakeni linqobe izinselelo ngenxa yobudlelwano obuqinile phakathi kukaHulumeni nabezimboni ezizimele ngakho-ke sinothwalo wokuqinisa lobu budlelwano ukuqinisekisa ukuthi ngokuhlanganyela siyasinqoba lesi simo,” kuphetha uMphathiswa uMaDube Ncube.

Lesi sikhumulo sigqugquzela abagibeli bezindiza ukuthi baqinisekise nezinkampani zezindiza zabo ukuthi ngabe imaphi amaphepha adingekayo ukuze bakwazi ukuhamba.

Sithe sizoqhubeka nokusebenza nabahlinzeka izinsiza okubalwa nabezempilo bamachweba namaphoyisa ukuqinisekisa ukuthi bayayilandela  imithetho kodwa sanxusa nabagibeli ukuthi babekezele futhi babe nokuqonda ngalesi sikhathi njengoba impilo nokuphepha kwabo kuseqhulwini kulesi sikhumulo.

Ngokwalesi sikhumulo, azikho izinkinga ezinkulu asebehlangabezane nazo selokhu beqale ukusebenza ezimayelana nokuqhelelana kwabantu kodwa bazohlale njalo bebuyekeza izinhlelo zabo ukuze bakwazi ukwamukela abagibeli abaningi. 

Scroll To Top