Isekude ukubuyela esimweni imboni eqashisa ngezimoto



UDhlomo ungungoti wezamabhizinisi nombhali wamabhuku ehlukene ngokwakhiwa nokuphathwa kwamabhizinisi
Iwa libheke umoya kwabaqashisa ngezimoto njengoba ukhuvethe ludla lubi, luhlangene nemvalelwakhaya. Ukuqala kwemvalelwakhaya okuhambisana nokumiswa kwamabhanoyi kwenze omkhulu umonakalo emnothweni wezwe. Le mboni beyingenisa umnotho olinganiselwa ezigidigidini eziyisi-R6 eNingizimu Afrika ngonyaka kanti futhi iqashe abantu abangaphezulu kwezi-15 000. Njengoba umsebenzi sewume isikhathi esingaphezulu kwezinyanga ezintathu, sebelikhiphile abaqashi elokuthi kunzima ukuqhubeka sengathi izinto zihamba kahle.
Kuyinto esobala neyaziwayo ukuthi wonke amabhizinisi asungulwa ukubhekelela izidingo zabantu. Noma lingaba kude kangakanani nokuthintana ngqo nabantu ibhizinisi kodwa ekugcineni inhloso yakho konke ngukwenza impilo yabantu ibe lula futhi ibe mnandi. Kungakho sikugcizelela ukuthi uma ucabanga ukusungula ibhizinisi elisha nelingakaze licatshangwe ngumuntu kumele ubheke izinkinga ezingakaxazululeki emhlabeni bese uxazulula zona. Ngaleyo ndlela uyozibona wanelisa izidingo zabantu nabo bezizela kuwe baze bakhokhe nemali ukuze ubanike isixazululo osisungulile. Sewukwenzile konke lokho usungula ibhizinisi uyawadinga amanye amabhizinisi ongasebenzisana nawo, kunikezelwana kuphiliswana.
Ezinhlotsheni zamabhizinisi kunalolu hlobo oluchazwa njengeBusiness to Business Services, okuchaza ukuthi wuhlobo lwebhizinisi elinikeza izidingo nempilo kwamanye amabhizinisi. Uma amanye amabhizinisi emile noma evalile, abanikazi balolu hlobo lwebhizinisi bazithola uncipha noma uphela umsebenzi emabhizinisini abo.
Kwaba yinto enhle ukusungulwa kohlelo lokuqashwa kwezimoto ngoba oyiqashile uba nokuthula lapho esebenzisa imoto njengemoto yakhe, ahambe izindlela athanda ukuzihamba, agibelise labo athanda ukuhamba nabo, athwale umthwalo athanda ukuwuthwala. Konke kuba lula bese eyibuyisela kubanikazi imoto, abakhokhele imali yabo.
Uma ufika esikhumulweni sezindiza uyaye ubone izimoto ezipakiwe eziningi namagama ezinkampani okubalwa kuzo i-Avis, iThrift, iBudget, iHertz nezinye eziningi. Ubukhona balezi zinkampani esikhumulweni sezindiza zikhongozela abantu abafika bedinga izimoto abazoziqasha. Kusemthonjeni laphaya esikhumulweni ngoba kufika abantu abaqhamuka ezindaweni ezahlukene bashiye izimoto zabo emakhaya kodwa befisa ukuqhuba umsebenzi wabo ngaphandle kwenkinga yento yokuhamba. Kwenza umsebenzi ube lula ukuthola imoto eyethembekile ezokuthatha ikubeke bese uyibuyisela emuva emva komsebenzi.
Ukhuvethe luyishaye kakhulu nale mboni yezimoto eziqashwayo kwaze kwachithekela embonini eyakha nedayisa izimoto ezintsha. Ngendlela eziningi ngayo izimoto umuntu angaze acabange ukuthi angayithola noma nini imoto uma eyidinga.
Uma ufika esikhumulweni sezindiza ungabekisanga enkampanini ukuthi uzoqasha imoto, awuyitholi kalula, phezu kokuba kunezinkampani ezingaphezu kweshumi, ngayinye enezimoto ezingaphezulu kwamakhulu ayisihlanu esikhumulweni esisodwa. Kwathi uma kumiswa amabhanoyi kwasho ukuma kokuqashwa kwezimoto. Imvalelwakhaya yona ibe yenezele izinkinga kule mboni ngoba uma abantu bengavunyelwe ukuhamba asikho isidingo sokuqasha imoto.
Njengoba sesishilo ngenhla le mboni yezokuqashisa iqashe abantu abaningi, okuyimanje bebehlezi emakhaya. Izimoto zipakile ngobuningi bazo. Ngenkathi zipakile zimele ukuba zigadwe ngoba namasela abhokile, angasina azibethele uma zingagadiwe. Lokhu yizindleko ezimile kulezi zinkampani. Sekuphele izinyanga ezingaphezu kwezintathu izimoto zipakile ngesikhathi semvalelwakhaya kodwa kunezindleko ezingemile ezidinga ukukhokhwa ngabanikazi balezi zinkampani. Omunye umuntu angacabanga ukuthi ukuma kwemoto akunazindleko kanti kunomehluko lapho ukupaka kwemoto ngayinye kukhokhelwa usuku nosuku, ibe ingangenisi mali.
Ukuma kwezimoto kunomthelela omkhulu emnothweni wezwe. Izimoto ezisetshenziswa yilezi zinkampani zihlala zisesimweni esihle futhi zingaphansi kokuvikelwa ngomshuwalense okhokhelwa nyanga zonke. Sizokhumbula ukuthi lesi simo sokumiswa kwamabhanoyi asenzeki lapha eNingizimu Afrika kodwa senzeka nasemazweni athathwa njengamakhulu. Nakuwona amazwe i-USA nase-Europe, le mboni eqashisa ngezimoto ingaphansi kwengcindezi efanayo yokuvala isikhathi eside.
Ukugcina izimoto zisesimweni esihle kubiza ukuyinakekela imoto ilungiswe izinto ezingayenza ime endleleni. Izinkampani eziqashisayo aziyigcini isikhathi eside imoto. Emva kwesikhathi esifushane ifakwa ohlwini lwezidayiswayo idayiswe njengemoto esisebenzile. Ngenkathi kuvalwa ukusebenza ezinye zalezi zinkampani besezingene ezivumelwaneni nabakhi bezimoto bezothenga izimoto ezintsha. Imvalelwakhaya yenza kube nomthelela kubadayisi bezimoto ezintsha. AbakwaCox Automotives bekhuluma egameni labadayisa izimoto ezintsha bezwakalise ukuzwela ingcindezi, bebika ukuthi yonke iminyaka kuthengwa inqwaba yezimoto ezinkampanini ezahlukene phakathi kwazo okukhona abakhiqiza iFiat, iChrysler, iNissan, iGeneral Motors, iFord, iToyota, iHyundai neKia.
Emva kokudlula kwalesi simo izinkampani eziningi zizoqala ngaphansi kwesimo esisha. Lezo ezizokwazi ukuvuka kuzozithatha isikhathi ukubuyela esimweni ebesezikuso. Lokhu kuzokwenziwa nawukuthatha isikhathi ukuvulwa kokuvakasha. Kusazothatha isikhathi ukuvulwa ngokuphelele ukuhamba kwezindiza. Ngakho-ke kubiza ukubuyekezwa kwezindlela zokusebenza nakuyo le mboni yokuqashisa izimoto.