Inhlangano egqugquzela ubu-Afrika entsheni ilwa nodlame



UDkt uNomcebo Mthembu nguMsunguli we-Indoni SA
Imizamo yenhlangano i-Indoni SA yokufundisa intsha yaseNingizimu Afrika ngesiko lase-Afrika nokuziphatha isiqala ukuthela izithelo njengoba i-Indoni SA Youth iqale izinhlelo zokulwa nokuziphatha okungahambisana nobu-Afrika emuva kokufakwa kwemfundiso yokukwazi ukumela ekholelwa kukho.
Emveni kokwanda kwezigameko zokuhlukunyezwa nokubulawa kwabesifazane nezingane ngesikhathi semvalelwakhaya kuleli, izingcingo bezingena zilakanyana emahhovisi amanxusa e-Indoni kuzona zonke izindawo akuzona abantu befuna ukuthi kusukunywe kuliwe nodlame olubhekiswe kwabesifazane.
UMengameli wezwe, uMnu uCyril Ramaphosa, uthole uhlu lwezikhalo luvela emanxuseni ethu kanti i-Indoni SA yasho ukuthi lolu wudaba olubalulekile. Ngenxa yesimo esibhekene naso sokhuvethe nemithetho yemvalelwakhaya, sibe sesisabela ekhwelweni lamanxusa e-Indoni SA ngakho-ke sekuhlelwe umbhikisho kazwelonke ozobanjelwa kuzona zonke izindawo namadolobha okukhona amanxusa e-Indoni SA. Lo mbhikisho uzokwenziwa ngosuku olulodwa nangesikhathi esisodwa.
Bonke abahamba phambili ezindaweni zabo bazohola lo mbhikisho futhi babambe iqhaza ngendlela yabo kodwa bebhekwe yihhovisi elikhulu le-Indoni nebhodi layo.
I-Indoni SA igxile ekufundiseni intsha yaseNingizimu Afrika ngamasiko ahlukene. Kusukela ngowezi-2012, njalo ngonyaka ngamaholidi asebusika ngoNhlangulana i-Indoni SA iba neNational Culture Schools lapho kufundiswa ngesiko lama-Afrika ngenhloso yokulwa nezigulo zomphakathi ikakhulukazi ezihlasele intsha.
Kufundiswa kakhulu ngomuntu, umuzi nezinto ezakha ikhaya nezinhlaka eziliphathayo. Ngaphansi kwalesi sihloko kugcizelelwa izigaba ezibalulekile zokukhula komuntu. Intsha engabafana nengamantombazana ifundiswa ngokubhekwe ukuthi ikwenze ngokwezigaba zayo zokukhula.
Emuva kokugqugquzelwa ekufundile ngenhlonipho nobuntu, ngowezi-2018 intsha yesilisa inqume ukusayina isibophezelo sokuliwa nodlame olubhekiswe kwabesifazane.
Kusukela lapha-ke i-Indoni SA yasungula isahluko esisha sokukhuluma nokumela lokho umuntu akholelwa kukho nobushoshozela okuyikho okwagqugquzela intsha engaphansi kwe-Indoni SA ikakhulukazi abafana ukuphumela obala ilwe nodlame lobulili eNingizimu Afrika.
Mhla zingama-26 kuNhlangulana wezi-2020, i-Indoni SA iqale imikhankaso yayo elwa nokuhlukunyezwa kwabesifazane futhi yagqugquzela abantu abasha ukuba babuyise emphakathini indlela enhle yobu-Afrika yokuziphatha.
Ngalolu suku i-Indoni SA yahlela umbhikisho onokuthula kazwelonke kodwa ngenxa yemithetho yemvalelwakhaya ephoqa ukuthi kube nesibalo esithile sabantu abahlanganyela ndawonye, umnyakazo wethu awuzange ube nabantu abaningi.
I-Indoni SA isizibophezele ukulwela ukuqedwa kodlame olubhekiswe kwabesifazane isebenzisa izinhlelo ezifana neGBV Awareness Fridays, izinkundla zentsha zokucobelelana ngolwazi, ukweseka intsha engabagilwa balolu dlame nokuyeluleka ngaphansi kohlelo lwethu esibambisene nalo neMedilution.
Umkhankaso i-Indoni SA GBV wuhlelo lwesikhathi eside lwabafana namantombazana abangaphansi kwale nhlangano abavumelana ngalo kusukela emhlanganweni (Lekgotla) owawungowezi-2020.
Siyi-Indoni SA sinxusa ukwesekwa yizona zonke izikhungo zabezindaba neziphathimandla.