Iminyaka ayimnqindi, iqindi ekhuluma eringini



UXimba uyintatheli yezemidlalo nezobuciko.
Inkakha yase-USA u-Oscar “Golden Boy” De La Hoya isiveze ukuthi ifuna ukukhuza ibuya esibhakeleni.
UDe La Hoya, oneminyaka yobudala engema-47 wagcina ukuba seringini ehlulwa uManny “Pacman” Pacquaio empini okwakungabangwa sicoco eMGM Grand Garden Arena, eNevada, e-USA ngowezi-2008.
UDe La Hoya unomlando omude njengoba eqoqe amabhande alishumi ezisindweni eziyisithupha okuyiJunior Lightweight, iLightweight, iWelterweight, iJunior Middleweight neMiddleweight.
Waba yisithandwa e-USA ngesikhathi eyinqobela indondo yegolide kumaSummer Olympics ayengowe-1994 .
Yila magalelo enza igama lakhe lafakwa ku-International Hall of Fame ngowezi-2014.
Ngezikhathi zakhe eshaya kwasani olwalufuna ukuhlwitha izicoco zakhe, waze wabizwa ngomfana kaClinton ngesikhathi uMnu uBill Clinton esenguMengameli wase-USA.
Ngokusho kweRing Magazine, ethathwa njengonkulunkulu wokubika kabanzi ngezamankomane, uDe La Hoya useqalile ukuziqeqesha kanti uzophekwa ngebhodwe elincane inkakha uFloyd Mayweather Senior.
La madoda ake asebenza ndawonye kodwa kwehlukwana ngesikhathi indodana kaMayweather, uFloyd Junior, esezoqhathwa noDe La Hoya ngowezi-2007.
UDe La Hoya wakhala ngaphansi kule mpi yesicoco seWorld Boxing Council Junior Middleweight eMGM Grand Garden Arena. UDe La Hoya, onengcebo elinganiselwa ezigidini ezingama-$200m (R3.5bn), uthi yize esegxile ekubeni uphromotha kodwa ubehlale eziqeqesha ukuze abe qatha.
“Nginesiqinisekiso sokuthi ngizolikhuza ibuya kodwa ngifuna ukubona ukuthi uMike Tyson yena wenza njani. Ngokwami ngingayithela kunoma ubani induku ozongicela inselelo,” kusho lo somankomane.
NoTyson naye unyakazise abantu ngesikhathi efaka ezinkundleni zokuxhumana eziqeqesha. Yize isihambile iminyaka yobudala njengoba enengama-54 kodwa umzimba wakhe ubukeka ukulungele ukubuyela eringini. UTyson, owayengumpetha womhlaba kosondonzima, usenunuselwe ngokunikwa impi nesitha sakhe seminyaka u-Evander “Real Deal” Holyfield kodwa bazolwa empini yokungcweka.
La madoda aba sematheni ngesikhathi edudulana kwancane indawo. Kwesinye isigameko uTyson waluma indlebe kaHolyfield ngoba ethwele kanzima.
Abasondelene nekhempu kaDe La Hoya bathi kungenzeka atholane phezulu noSaul “Canelo” Alvarez olwa ngaphansi kwesitebela sale nkakha, iGolden Boy Promotions. U-Alvarez waseMexico useke waba umpetha womhlaba ezisindweni ezine. Abanye bathi kungenzeka uDe La Hoya aphinde atholane noPacquiao oseneminyaka yobudala engama-41.
UDe La Hoya, onezimpande zokuzalwa eMexico, ulwe nabantu abanegama. Abanye babo uBernard Hopskins, uPernell Whitaker, uShane “Sugar” Mosley base-USA, uJulio César Chávez noMiguel Gonzalez baseMexico, u-Ike Quartey waseGhana noFelix Trinidad wasePeurto Rico, u-Arturo Gatti waseCanada noFelix Sturm waseGermany.