Now Reading
Izinhlelo zokubuyisela uButhelezi ezingeni lomhlaba
Dark Light

Izinhlelo zokubuyisela uButhelezi ezingeni lomhlaba

UHLELELWE impi yebhande le-International Boxing Federation (IBF) Super Flyweight uGideon Buthelezi ongomunye wosomankomane bakuleli osekwethenjelwe kubona. Engxoxweni ekhethekile iBAYEDE ebe nayo noqweqwe lo mqeqeshi wezamankomane, u-Elias Tshabalala ophinde acije uButhelezi, uveze ukuthi kunezinhlelo zokuthi ngoMandulo lo somankomane alwe empini yebhande le-IBF Super Flyweight.

Lo mqeqeshi nokho uthe konke kuncike ekutheni uButhelezi anqobe empini azovikela kuyo ibhande le-International Boxing Organisation (IBO) Super Flyweight kuRyan Rey Ponteras wasePhilippines namuhla ngoLwesihlanu kusihlwa e-East London, e-Eastern Cape. Le mpi iyingxenye yomqhudelwano ohlelwa yiXaba Boxing Promotions ka-Ayanda Matiti futhi okuhloswe ngayo ukuhlonipha iqhawe uDkt uNelson Mandela. Kulezi zimpi uButhelezi uzobe elivikela ihlandla lesithathu leli bhande selokhu alithatha ngemuva kokushaya uMakazole Tete ngowezi-2015. Kulindeleke ukuthi lo mqhudelwano uphinde usakazwe bukhoma kuSABC 2.

UTshabalala uveze ukuthi nakuba uButhelezi engakalwi kodwa uMatiti ubeseziqalile izingxoxo nenhlangano ye-IBF. “Sikhumbule ukuthi uButhelezi ungomunye wosomankomane abahlonishwayo emhlabeni. Okunye okusenzela indlela ebheke ku-IBF ibe lula ukuthi noMatiti unobudlelwano obuhle nayo. Okwethu njengamanje ukuthi senze isiqiniseko sokuthi siyanqoba namuhla,” kubeka uTshabalala udalule nokuthi kuyisifiso sabo ukuthi le mpi ye-IBF ilwelwe kuleli. Njengamanje ibhande le-IBF Super Flyweight liphethwe nguJerwin Acajas wakhona ePhilippines.

Leli bhande ugcine ukulivikela ngempumelelo kuTeiru Kinoshita waseJapan empini ebimhla zimbili kuNtulikazi. Njengamanje ezilinganisweni ze-IBF Super Flyweight ngaphansi kwaso lesi sicoco endaweni yokuqala nakweyesibili kakukleliswe muntu kanti uButhelezi ukweye-11. Mayelana nempi yanamuhla, uTshabalala uveze ukuthi kabamazi uPonteras, kubo ufana nencwadi evaliwe. Nakuba kunjalo lo mqeqeshi uthi selokhu beqale ukusebenzisana noButhelezi ngasekuqaleni kwalo nyaka, lo somankomane usephindele ekubeni yilo mshini awakha besasebenza ndawonye okokuqala eminyakeni eyedlule.

“Kukhala wonke umuntu ngezinga lesibhakela elikhonjiswe uButhelezi ezimpini zakhe ezimbili ngesikhathi evikela i-IBO ku-Angel Aviles noDoctor Nsele. Nakuba singamazi lo mlisa esizolwa naye namuhla kodwa nginesiqiniseko sokuthi ngeke simvumele ukuthi ame endleleni yethu ebheke ku-IBF. UButhelezi unamava ayisimanga,” kubeka uTshabalala. Kuzokhumbuleka ukuthi ngesikhathi laba bobabili bengakehlukani bebeshaya kwasani oluphambi kwabo. Mhla zingama-27 kuMasingana wezi-2011, bethuse abaningi ngesikhathi uButhelezi ephuca uHekkie “Hexecutioner” Budler ibhande le-IBO World Light Flyweight. Phela ngowezi-2011 uBudler ubengathintwa muntu. Lokhu kwaze kwafakazelwa ukunqoba kwakhe ibhande leWBA World Minimumweight.

Kumanje uBudler uhleka yedwa njengoba inhlangano ye-IBF seyiphasise impi yakhe noMilan Melindo wakhona ePhilippines yaso lesi sicoco se-IBF World Lightweight. Kule mpi ezoba mhla zili-16 kuMandulo eWaterfront Hotel and Casino, eCebu City, uMelindo uzobe elivikela okokuqala ibhande le-IBF selokhu elithathe eshaya ngomcacamezelo womlalisaphansi u-Akira Yaegashi waseJapan.

See Also

Ngemuva kokuthi uButhelezi ebukise ngoBudler kweye-IBO kwathi kuwo unyaka wezi-2011 mhla zingama-24 kuye uMandulo wathola ithuba lokwephuca u-Andrian Hernandez ibhande le World Boxing Council (WBC) Light Flyweight. Nakuba akhala ngaphansi kule mpi kodwa kwamfaka emagameni angcwele njengoba aba ngusomankomane wesithathu kuleli ukulwela ibhande le-WBC elihlonishwa futhi elinothe ukuwedlula wonke emhlabeni.

UButhelezi lapha wayelandela uThulani “Sugar Boy” Malinga owanqoba eshaya uNigel Benn wase-United Kingdom kweyeWBC World Super Middleweight ngowe-1996. Owesibili kwaba uDingaan “The Rose of Soweto” Thobela okwathi ngowezi-2000 washaya ngomngqimuzo womlalisaphansi uGlenn “Catman” Catley wakhona e-UK elithatha ngaphansi kwaso isisindo seSuper Middleweight. Okunye okuvuna uButhelezi ngaphambi kwempi yanamuhla kusihlwa ukuthi useke wayiphatha i-IBO nangaphansi kweseMinimumweight. Useke futhi waba yingqwele yeWBA Pan African Super Flyweight neWBO Africa Bantamweight.

Ezimpini ezingama-24 unqobe ezili-19 wase ehlulwa kwezinhlanu. Ngakolunye uhlangothi uPonteras ugcine eshaye kamnandi kumpindamshaye uFelipe Cagubcob Jr kubangwa ibhande lePhilippines Games and Amusement Board kuFlyweight. Eminyakeni eyedlule uke waba nayingqwele ye-IBF Pan Pacific kuFlyweight. Ugabe ngerekhodi lezimpi ezingama-32. Kulesi sibalo unqobe ezingama-20, wehlulwa kwezili-19 wase elwa kweyodwa ngokulingana.

Scroll To Top