Inkantolo ichithe isicelo senhlangano efuna kuphafuzwe ezweni



UMbatha ngumhleli nomhluzi wezindaba kwelaboHlanga.
INkantolo Enkulu iNorth Gauteng mhla zingama-26 kuNhlangulana wezi-2020 ichithe isicelo senhlangano iFair-Trade Independent Tobacco Association (FITA) ebithi isinqumo sikaHulumeni sokuvala ukudayiswa kukagwayi ngalesi sikhathi semvalelwakhaya asiwenzi umqondo.
Lapha iFITA ibimangalele uMengameli wezwe, uMnu uCyril Ramaphosa, obengummangalelwa wokuqala noNgqongqoshe Wezokubusa Ngokubambisana Nezindaba Zobuholi Bomdabu, uDkt uNkosazana MaDlamini Zuma, obengummangalelwa wesibili.
Kuleli cala uHulumeni ubuthi ukubhema ugwayi kungaholela ekubhebhethekeni kokhuvethe ngisho nokufa kwabantu.
Kanti ngakolunye uhlangothi iFITA ibimi kwelokuthi zikhona ezinye izinto ezingaholela ekusabalaleni kokhuvethe nokufa kwabantu.
Isinqumo seNkantolo sithe uMaDlamini Zuma unephuzu elizwakalayo uma ethi kwakunesidingo sokuthi kuvalwe ukudayiswa kukagwayi.
“Ngokwethu, isidingo esibalulekile kuhlangatshezwana naso uma sekukhonjisiwe ukuthi kunokuxhumana okunomqondo phakathi kokuvalwa kokuthengiswa kukagwayi nokunqadwa kokhuvethe ukugwema ingcindezi kwezempilo ezweni, okuyisinqumo esesivele sisenzile,” kusho isinqumo senkantolo.
Siqhubeka sithe: “Siyakwamukela okushiwo uNgqongqoshe ukuthi okubekwa yiFITA kushaya eceleni njengoba ingabhekanga izimo le mithetho eshaywe ngaphansi kwazo.”
Ngaphambi kokuba iNkantolo ikhiphe isinqumo uMehluleli uDustan Mlambo obelekelelana kuleli cala naBehluleli uMolefe noBasson, wendlalele ngokuthi iNingizimu Afrika, njengamanye amazwe emhlabeni, ibhekene nengwadla engajwayelekile selokhu kwaqubuka ukhuvethe olubeka engcupheni impilo yabantu.
Uthe uHulumeni esebenzisa uMthetho Olawula Izinhlekelele usubeke izinyathelo eziningi ukuzama ukulwa nokhuvethe nokunqada ukuthi lungabhebhetheki. “Ikakhulukazi ummangalelwa wesibili uNgqongqoshe Wezokubusa Ngokubambisana Nezindaba Zobuholi Bomdabu, uphasise imithetho phakathi kokunye evimbela ukudayiswa kwemikhiqizo kagwayi okuyimizamo yokunqanda ukusabalala kokhuvethe.
Ummangali okuyiFair-Trade Independent Tobacco Association (FITA) unenkinga nokuvalwa kokudayiswa kukagwayi futhi ufuna iNkantolo ikhiphe umyalelo othi: ugwayi nemikhiqizo yawo yizinto ezibalulekile, kubuyekezwe noma kuchithwe imithetho eshicilelwe kuGazethi kaHulumeni uNombolo 43148 mhla zingama-25 kuNdasa wezi-2020 (ngesigaba sesihlanu semvalelwakhaya), uMthetho 27 owashicilelwa kuGazethi kaHulumeni uNombolo 43258 mhla zingama-29 kuMbasa wezi-2020 (esigabeni sesine semvalelwakhaya) noMthetho 45 uNombolo 43364 emabhukwini kaHulumeni mhla zingama-28 kuNhlaba wezi-2020 (esigabeni sesithathu semvalelwakhaya) nokuthi ukudayiswa kukagwayi nemikhiqizo yawo kusemthethweni.
INkantolo ithe kubalulekile ukuthi abahola izwe bahambisane nomthetho noMthethosisekelo wezwe. Ithe uHulumeni unelungelo lokukhetha izindlela zokuzuza okuthile okuhambisana noMthethosisekelo, izinkantolo ngeke zagxambukela kulezo zindlela eseziqokiwe ngoba zingazithandi noma ngoba kukhona ezinye izindlela ezingcono ezingaqokwa.
“Kodwa uma isinqumo sikaHulumeni siphonselwa inselelo kuthiwa asiphusile, izinkantolo ziphoqelekile ukuthi zicubungule izindlela eziqokiwe ukubheka ukuthi ngabe ziyahambisana yini nalokhu okufanele kuzuzwe.”
Ichaza izimpahla ezibalulekile, iNkantolo ithe imithetho yesigaba sesihlanu kufanele ihunyushwe kubhekwe inhloso yayo futhi kube ukuhunyushwa okuhambisana noMthethosisekelo wezwe.
INkantolo ikugcizelele ukuthi inhloso yaleli cala akukhona ukubheka ukuthi ngabe zikhona yini izindlela ezingasetshenziswa kodwa ukucacisa ukuthi ngabe izindlela ezikhethiwe ziyahambisana yini nokumele kuzuzwe.
Ithe kulokho imikhiqizo kagwayi ayikho ngaphansi kwezinto ezibalulekile ngoba ayisikho ukudla, imikhiqizo yokuhlanza noma yenhlanzeko, uphethroli futhi-ke ngokucacile ayisiyo imikhiqizo yezempilo. “Iyoba yizinto ezibalulekile kuphela uma ingathathwa njengento eyisidingongqangi njengogesi ne-airtime. Izimpahla ezibalulekile zifaka ukudla, izinto zokuhlanza, imithi nezinto eziyisidingo.”
Iqhube yathi ugwayi nemikhiqizo ehlobene nawo, ngokwemvelo, akungeni ngaphansi komkhakha wempahla ephilisayo futhi ebalulekile. “Siyavumelana nesethulo sikaNgqongqoshe ukuthi imithetho yesigaba sesihlanu ngeke yahunyushwa ngokuthi kufakwe imikhiqizo kagwayi ngaphansi kwezinto eziyisidingongqangi. Imikhiqizo nezinto eziningi kwamiswa ngesikhathi semvalelwakhaya njengoba zazithathwa njengezingabalulekile. Izimboni eziningi zavalwa ngenhloso yokunqanda nokulawula lolu bhubhane. Ngakho-ke ukuphathwa ngendlela eyahlukile kwemikhiqizo kagwayi nemboni yawo ngeke kwamukeleke kwazise le mikhiqizo ayisiso isidingo.
INkantolo ikhuchithile okushiwo yiFITA okokuthi ugwayi bekufanele uthathwe njengento eyisidingo ngoba uyajovana kwabawubhemayo.
“Ukuthi into iyajovana kakuyiniki ilungelo lokuthi ithathwe njengebalulekile. Ngakho-ke asisitholi isizathu sokuthi sihumushe imithetho yesigaba sesine ukuba ivumele ukudayiswa kwemikhiqizo kagwayi.”
Le Nkantolo ibe isikhipha isinqumo esichitha isicelo seFITA yayalela le nhlangano ukuba ikhokhe izindleko zabameli abathathu.
Ekulwiseni isinqumo sikaHulumeni sokumisa ukudayiswa kwemikhiqizo kagwayi, iFITA yathi lokhu uHulumeni ukwenze ngaphandle kokucabangisisa.
“Okunye kwezinto esikuthola kunzima ngesinqumo sikaHulumeni yindlela engawakhi umqondo okwenziwa ngayo le mithetho. Uma singena sigxila empikiswaneni yezomthetho kuyamangaza njengoba besho emaphepheni abo ngisho nakweminye imibiko yezempilo abathi bathembele kuyona, ukuthi akukho ukuxhumana phakathi kokubhema nokhuvethe. Siyakuvuma ukuthi kukhona ukulimala kwamaphaphu omuntu obhema ugwayi ikakhulukazi uma esenesikhathi eside ebhema, kodwa lokhu ngeke kuqedwe ngokuwumisa amasonto ayisithupha,” kuphetha iFITA esitatimendeni sayo.