Now Reading
Umngcwabi ukhala ngamaphoyisa
Dark Light

Umngcwabi ukhala ngamaphoyisa

Usomabhizinisi wesifazane waseShowe ukhala ngokwenzelwa phansi amaphoyisa aseMlalazi, awasola ngokumjikela esikhaleni engamkhokheli ngomsebenzi abewenzela wona. UNks uNomthandazo Mthembu weNoah Funeral Services usesabise ngokuthatha izinyathelo zomthetho ngoba usekhathele ukulindela inkokhelo kusukela ngowezi-2005.

UNks Mthembu uthi wathola umsebenzi wokuqoqa izidumbu emigaqweni esebenzisana neziteshi zamaphoyisa aseGingindlovu, eMbongolwane, eNyoni, eSundumbili, Mandeni naseShowe. Uthe ngendlela asehlukumezeke ngayo usehlela ukubhalela uNgqongqoshe Wamaphoyisa kuzwelonke uMnu uBheki Cele ukuthi angenelele.

Leli phephandaba liyibonile ikhophi yencwadi yasemaphoyiseni  eqinisekisa ukuthi umsebenzi wokuthutha izidumbu wanikwa mhla zili-11 kuLwezi ngowezi-2005.

Lo somabhizinisi, oqhuba ibhizinisi kwakhe eSunnydale edolobheni laseShowe, uthi izinkinga ziqale ngesikhathi ephenywa ngama ngamaphepha okukhokhelwa  ayehlale ewathumela uma esefuna inkokhelo. Uwadalulile amagama amaphoyisa athi yiwo abemenzela la maphepha.

“Ngathuka ngesikhathi ngitshelwa ukuthi angeke ngikhokhelwe ngoba kutholakale ukuthi amaphepha ami okukhokhelwa aphindwe kabili, ngamanye amazwi kunomkokotelo obuzama ukwenziwa. Ngabachazela ukuthi mina angiwenzi kodwa kunabantu abangenzelayo. Emuva kwalokho kubanjwe imihlangano eyathatha cishe izinsuku ezinhlanu nezikhulu, okaputeni nomabhalane kubhekwa ukuthi le nto yenzeke kanjani

Sengigqigqe emahhovisi alezi zikhulu zamaphoyisa kwaze kwaguga izicathulo. Kwesinye isikhathi bengifika ekuseni lize liyoshona ngiphenywa kodwa ekugcineni ubufakazi bokuthi ngenze umkokotelo bungatholwa,” kuchaza uNks uMthembu.

Uthi kwamthusa ukuthi ngesikhathi esaphenywa ngezinsolo zokukokotela amaphepha, wayesevulelwe icala lomkhonyovu. 

“Ngethuka kwacishe kwaphela ngisho ozwaneni ngesikhathi sengithola ukuthi ngivulelwe icala engingalazi.  Okwangixaka akukho phoyisa elangishayela ucingo noma lingilethele amasaminisi aleyo nkohlakalo. Kwangithusa ukuthi owangivulela icala nganginaye emhlanganweni futhi wakhombisa ukuzwelana nami. Ngokusho kwabo kuthiwa umkhonyovu ngawenza mhla zingama-26 kuMfumfu ngowezi-2006.”

Uthe ngesikhathi elindele ukushushiswa kwavela kwacweba iziziba waze wazithola esenikela esiteshini samaphoyisa eDurban Central eThekwini. Uthe nakhona wafika wangayithola incazelo eqondile kanti kwesinye isikhathi wake wakhonjwa naseNewcastle.

“Ngikhathele ukwenziwa upopayi olokhu wehliswa wenyuka. Isikhathi siyimali kimina njengosomabhizinisi. Akukho engikufihlayo yingakho ngathi ngizosebenzisana nabo uma benza lolo phenyo lokukhwabanisa,” kusho yena.

Uthi ngokucabanga kwakhe ubona ukuthi wazidalela amazinyo abushelelezi ngesikhathi ekhononda ngendlela omunye usomabhizinisi wasendaweni ayewenza ngayo umsebenzi. Uthi usola ukuthi lo somabhizinisi uhlangene nalezi zikhulu zamaphoyisa, manje bamdlalisa injenje.

“Angazi ukuthi kanti kuyicala yini ukuba usomabhizinisi wesifazane woHlanga oncintisana nabamhlophe. Angazi ukuthi ukube bengiwolunye uhlanga ngabe lokhu kuhlukumeza bayakwenza yini. 

See Also

“Ngendlela lokhu kulindiswa sekungilimaze ngakhona, sengiphoqeleke ukuthi ngidilize ezinye izisebenzi. Izimoto zimile azisebenzi ezinye sezize zafa. Ubalelwa ezigidini zamarandi umonakalo osuwenzekile ngenxa yokungakhokhelwa kwami,” kukhala uNks uMthembu.

Uthe kwale ngisho esethumela incwadi yabameli kodwa akukho mpendulo eqhamuka emaphoyiseni aseShowe. “Eyokuqala ngababhalela ngomhla zili-19 kuNhlangulana ngowezi-2015, eyesibili ngabanika ngomhla zingama-22 kuMfumfu ngowezi-2015 kanti eyokugcina ngibathumelele mhla zili-17 kule nyanga kulo nyaka.

Encwadini yabameli ayithumelele amaphoyisa ubeke umhla zili-30 kuNcwaba ukuthi aphendule. 

Wesabise ngokuthi uma bengayitholi impendulo egculisayo lungakashayi usuku abalubekile, bazothatha elinye igxathu lomthetho.

Uthe ngendlela aseshayeke ngakhona ephaketheni, uhlela ukufuna nenzalo uma esekhokhelwa imali yakhe.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCapt uNqobile Gwala uthe: “Ngeshwa angeke sikwazi ukuphawula ngezinto ezimayelana nokubophana kwabantu ababili.”

Scroll To Top