Limi ungunaphakade: Ube neqiniso esizweni kwaze kwasekugcineni uMutwa



UDkt uMkhize ngumelaphi wendabuko, umbhali nongoti ezindabeni ezithinta isintu.
Ubaba uCredo Vusamazulu Mutwa ekhuluma nendodakazi yakhe uNozipho uthi: “Mtanami sidalwe samunye noma ngabe uyakuliphi igumbi lomhlaba, simunye enyangeni, simunye elangeni size siyoba munye ngisho ezinkanyezini zezulu.
“I-Afrika igcwele abaphrofethi abakwazi ukuthi baboniswe izinto, kuyisiphiwo kodwa mina engingasasithandi futhi angiziqhayisi ngaso ngoba singenze ngaphila kabuhlungu impilo yami yonke. Ngihlukunyeziwe, ngabizwa ngedimoni, ngabekwa ngamubi kumuntu woHlanga ukuze thina boHlanga siphendukelane sodwa nebala kube njalo.
“Umuntu onjengami akazange wathandwa futhi akazange wahlonishwa kusukela iminyaka ngeminyaka, ngikwamukele kodwa lokhu ngoba angingedwa kukhona, kuJesu kwabanjalo. Naye bamphanyeka, uGautuma owagcina izimfundiso zakhe ziba yinkolo yeBhuddsim wafela phansi kwesihlahla eyedwa, uMuhammed wagcina edliswa uphoyizeni ngomunye wabafazi bakhe”.
“Kusizani ukukhuluma ngoba kuchitha isikhathi, sengikhathele, alihambe izwe liyongena esihogweni ngoba uma ukhuluma ujikijelwa ngamatshe.
“Ngiphilile, ngizamile kodwa angiboni lutho engiluzuzile kunalokho ngizwa nginosizi nomunyu ngokuthi ngazi izinto okungafanele ngizazi, ngiboniswa izinto okungafanele engabe ngiyazibona noma umuntu ophilayo uyazibona, ngakho angikwazi ukuphila ezweni eligcwele inzondo nenkohlakalo kanje, kodwa umhlaba ogcwele ingcebo yokwenza izinto ezimangalisayo”. Amazwi abuhlungu lawa cishe okufanele wonke umuntu othwasile nophiwe idlozi lakhe ngokwenganyelwa yithongo awezwe, uma kuwukuthi wathwasa ngokweqiniso engeke aphikisane nesipho sakhe ngenxa yemali nengcebo yasemhlabeni.
Uma ubheka impilo nokuzaleka kukababa uVusamazulu lapho idlozi lamqala ukumhlupha eneminyaka yobudala eli-14. Waqala esikoleni, wasizwa ukuthathwa nguyise ngoba kubo kanina bengayingeni eyedlozi. Waze walemukela. Konke lokho kufakazela ukuthi umuntu oyokuba yisithunywa sabantu impilo yakhe yasolisa ezalwa.
Ekukhuleni kwakhe wayekhuthwazwa kakhulu yizibonakaliso, ubuntu nokugcina ifa lase-Afrika elase ligugulekile. Lokhu kwaze kwamholela ekubhaleni incwadi yakhe yokuqala eyayithi: “Indaba My child” abaningi abacwaningi uma uyifunda le ncwadi bathi ikhuluma ngoJesu Khrestu njengomAfrika.
Ezalandela lapho ezifana noZulu Shaman, iDreams, iPhrophesies and Mysteries, iMy People, iMy Afrika: Let Not My Country Die, iWoman of Fours Paths, iThe Strange Story of a Black Woman in South Africa.
Imibhalo yakhe yamdonsela amehlo ezihlabani eziningi nezidumile ezifana noDavid Icke namhlanje asebedume umhlaba wonke kodwa ekugcineni bangamenzela lutho.
Ilokhu okwenza ukuthi ngonyaka we-1995 inhlangano iRinging Rocks esePhiladelphia kwelase-USA, yamgixabeza ngesicoco seDistinguished Artist and Teacher of African Traditional Culture.
Lokhu kwakumnika amandla okuthi asebenze ngokuzikhandla angabe esanqandeka ekusebenzeni kwakhe njengalokhu sazi ukuthi konke okwakhe kwenzeka ngesikhathi sikaHulumeni wobandlululo. Akugcinanga lapho ngowe-1997 wanikwa i-Audi Terra Nova Award ngegalelo lakhe kwezokongiwa kwemvelo.
U-Andrew Young owabe elinxusa lase-USA eNhlanganweni Yezizwe, wabubeka ubuhlungu benhliziyo yakhe ngoCredo Mutwa ngenkathi ekhuluma engqungqutheleni ye-Africa Renaissance eyabe ise-Inkosi Albert Luthuli International Convention Centre (ICC), eThekwini, ngoNdasa we-1999, ngokungagqizwa qakala yisizwe nezwe lakhe.
Izinkulumo nezimfundiso zakhe zazimele ukugqugquzela owoHlanga ukuthi azimele aphinde azibone eyisisekelo sakho konke okukhona emhlabeni. Kuyena wayengabuki itshe njengetshe kodwa wayebuka ngale kwalo ukuthi kukhonani nokuthi limumetheni. Uma sibuka izinto kufanele sibuke ngehlo lokhokho.
Kukhona konke ukuthwasa nasekusebenzeni kwakhe bemjikela, eba ngumzondwa, kugqame nangesikhathi sikaHulumeni wethu osiphethe, owaveza ngokusobala ukuthi kubuye izilwane ezabe ziyololongwa ehlathini nasemazweni angaphandle ukuthi zibuye ngebhayibheli lenkululeko kanti zizocekela phansi nalokho okwakubunjwe ngamaBhunu. Ukucwaseka kuqala ngenkathi ebikezela ukuthi owayenguMengameli, uMnu uThabo Mbeki, ngeke aliqede ihlandla lakhe lokubusa, kulapho agadla khona kakhulu, bamlahla okokugcina. Kulapho akhipha khona amazwi athi: “Buzani uJesu bemphanyekile esiphambanweni ukuthi babembulalelani, abantu-ke banjalo babulala labo ababasizayo nabalusizo kubona, umlando akufanele ukuthi ufananiswe nethanga elibolile ngoba uwumlando.”
Ukuba ngumzondwa kwakhe aze ayodlula emhlabeni kufanele kube yisifundo kwabanye abelaphi bendabuko nabathwasile ukuthi abangathwaseli ukujabulisa umhlaba kodwa baphiwe isipho sokuthi umhlaba wonkana welapheke ngaleyo ndlela abanikwe ngayo. Kufanele bakhumbule abantu abanjengoSocrates, abahlula ngisho sebencengwa ngabangane bakhe ababenohlonze kuye nomkakhe imbala ukuthi akaguqule umqondo kodwa wama phezu kwayekholelwa kukhona, wagcina ewuphuzile ushevu.
Ukuthwasa akushiye imibhalo yenhlambuluko nemfundiso ngokuthi wawumele liphi iqiniso, ufane nemamba ehamba ehlathini ingesabi lutho, kungabi ilokhu esesikubona namhlanje kwabathi bangabelaphi bathwasile kodwa kungekho zimfundiso abayokuthi uma sebedlula emhlabeni sithi bazishiya.
Linye iqiniso engiyolithanda ngobaba uCredo Mutwa, ukuthi: “Ukufa ngeke kwalithulisa ilizwi lakhe. UHulumeni waboHlanga wehlulekile ukuphakamisa ingane yabo ngoba ibibambula izinqe. Basebemkhohlisa ngokumakhela umuzi sebazi ukuthi izinsuku sezimbalwa ephila, bamnikeza umngcwabo abathi owokumhlonipha. Yabadumaza iCovid-19 kanti basenza izilima. Yibona abayogcina behlekwa umhlaba”.
Okubuhlungu isiqalekiso asishiya esenzile esingazi noma leli zwe liyosigeza yini na?
“Sengathithi izibusiso zonke zingawela kukhona konke esenikwenzile, nenisazokwenza. Sengathithi namandla angale kwezinkanyezi zezulu anganisiza
kuyona yonke imizamo yenu kukhona konke eniyokwenza”.
- UBhedlindaba “VVO” KaLuPhuzi Mkhize nguMengameli/Umsunguli wo: Umsamo Institute/Isigodlo SaseMlambomunye