Sihawukele thonga lethu: Ngokwenzeka kuMutwa sonke sinecala



UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
Ngabe ngisendleleni esuka eMgungundlovu ngiya eThekwini ngesikhathi ngizwa izindaba zokwedlula emhlabeni kukababa uVusamazulu Credo Mutwa. Kwaba wukuzwa nje ngabe sengithinta uSolwazi uPitika Ntuli nowafika ngomoya ophansi waziqinisekisa lezi zindaba: “Yebo kunjalo akasekho umhlobo wethu, akasekho umtomdala”. Ngaleso sikhathi umqondo wami wagijima waya kokuningi. Kambe khona umuntu uma efisa ukuyomhlonipha okokugcina uzokwenzenjani njengoba eguqa nje uMutwa, ngayizolo uHulumeni ngomlomo kaMengameli uRamaphosa wabe ezolivala izwe, kungabi lula ukunyakaza. Ngiselapho kwafika imicabango eminingi ekutheni konje uma singafundisa abantu ngaleli golide elisiphunyukile kambe umuntu angaqalaphi? Khona ukuchazela abantu ngokujula kwenxeba singaqalaphi, nobani nini khona? Khona lapho ngabe sengifikelwa wumunyu wokwazi ukuthi uhamba uMutwa nje cishe sonke sinecala.
Mina siqu ngabe nginecala ngoba esabe sikhuluma nabo okubalwa uSolwazi uNtuli kanye noMnu uNgila Muendane sake samunyunga ukuthi kambe yini engasehlula ukuba uMutwa kuthi noma ulwandle olubizela konke kulo lumbiza kepha abe engasekhaya kweleNdlovukazi uMthaniya. Nginamahloni ukuvuma ukuthi ukucabanga kwethu asikusukumelanga phezulu njengoba kwabe kufanele. Nokho ngabe sengiziduduza ngokuthi uSolwazi uVVO Mkhize, umfo kaLuphuzi, kukhona akwenzile egameni lethu sonke lokuqhakambisa imisebenzi kaMutwa. Injalo-ke inhliziyo enecala, yakha izizathu zokuziphungela.
Okwafike kwangiphatha kabi kakhulu wukubona ukuthi uMutwa ube ngumzondwa kwabakwabo ephila noma esethule. Ngalimala uma ngibona kungekho okuqhankanjiswayo ngaye ngaze ngakuphimisa lokho. Ngabuza ukuthi kambe njengoba uma kuhambe okuthiwa uliqhawe lesizwe kuba nenjolozela kwabezindaba, kumathelevishini nasemsakazweni yini le uMutwa ayidlela abakwabo njengoba kwabe kuthule nje sengathi kufe ikati. Ngabe sengizwa kuthiwa uHulumeni uzomfihla ngokukhethekile. Nanamuhla anginakho ukuphawula kulokho ngoba mhlawumbe nabo babenza ngokwabe kulingene bona, lapho ngikhona yikuthi kambe njengesizwe siwuzwile yini umsindo wokuwa komuthi omkhulu kangaka. Khona siyoke siqonde yini ukuthi ngubani noma ngongakanani lo obehamba eduze kwethu nebesiphila naye? Siyafuna yini ukumazi. Wake wafika yini onjengaye nokuthi uma eyobuye abuye uyobuya ngesethu yini isikhathi? Wona amaZulu lawa ethiwa ngawo ayamuzwa yini, abemuzwa na? Ayakuqonda yini obekubizwa ngawo? Empeleni le mibuzo ingisanganisa ikhanda ngizizwe ngiyisehluleki.
Iqiniso lithi sekwedlule. Selidume lasithatha sanqunu sigqokile. Isizukulwane sethu njengaleso sabazali bethu simfele amathe uMutwa. Nalapha inhliziyo enecala izozithelelela ithi: “Okwenzeke kuMutwa kwejwayelekile ngoba akekho umphrofethi ezweni lakubo”. Lapha sihanjelwe ngumphrofethi, inomfi ebisixhumanisa nezolo lethu. Sekuwumlando ukuthi ngenxa yemithetho yezwe ngaleso sikhathi, abanye bethu abebefisa abakwazanga ukuyolondoloza amathambo kaMutwa. Nokho ngoba indlela yakhe siyayazi futhi siyazi ukuthi kalalanga uguqe ngamadolo, ulinde ukunika omunye ozayo ubhoko. Siyazi ukuthi omunye wesifazane kwabakwethu uyomzala onjengoMutwa, sifisa labo abayoba nenhlahla yokukhula naloyo bangabi njengathi bakwazi okuyisipho okuphakathi kwabo.
Konke okwenzeke kuMutwa kube yisifundo nobufakazi balokho ebengikwazi kokuthi amaqhawe abantu angumkhiqizo wezimiso nesizindanhlalo esithile. Amaqhawe akhiwa yinamuhla nezolo. Umlando uhlala uncike kwezepolitiki futhi ulandela uhlangothi thizeni. Amaqhawe avezwa wumlando nemanje. Umlando awusikho kuphela ngokwesekudlule kodwa uliqoqo lemicabango ngokwedlule esaphila nanamuhla. Le micabango izinze ebufakazini obuhlale bunempikiswano obuphumelelayo kokwasendulo, kodwa okuthola isakhiwo sakho emicabangweni ehlenjwa yinhlalo ngenamuhla yalowo oyikhiqizayo ihlala isemqondweni wakhe. Njengomkhiqizo wenhlalo umlando, amaqhawe, izehluleki kwakhiwa wubunjalo bokushabasheka ngokwepolitiki ekhona ngaleso sikhathi.
Sihawukele mfo kaMutwa thina nesizukulwane sethu, ubuye komunye umzimba liqhubeke isondo lempilo!