Now Reading
Aziyizwisisi eyezivimbamgwaqo izakhamuzi zaseMgungundlovu
Dark Light

Aziyizwisisi eyezivimbamgwaqo izakhamuzi zaseMgungundlovu

Nakuba izivimbamgwaqo kungenye yezindlela zokulawula ukugcaluza kwabantu emgwaqeni njengoba izwe livaliwe, kwehlukene imizwa ngazo emphakathini, kukhona abathi zibaphoqa ukuba bathenge ezitolo ezimba eqolo.

Abantu abakhele uMgungundlovu baveze ukungenami kwabo ngalezi zivimbamgwaqo kanti kukhona labo abathi amaphoyisa enza umsebenzi omuhle.

Okukhalwa ngakho kakhulu ukuthi izakhamuzi azisakwazi ukuya edolobheni ukuyothenga, lapho zikholwa ukuthi amanani ezinto ephansi uma kuqhathaniswa nasezinxanxatheleni zezitolo.

Bekungalindelekile ukuthi kungaba khona abakhalayo ngezinxanxathela zezitolo ngoba kuzona kuningi okwazi ukukwenza njengokuthelela imoto eposini, ukuthenga izinto zokwakha, izitolo zokudla, amabhange nokunye okuningi.

Kulezi zivimbamgwaqo zimbalwa izizathu ezingenza ukuthi umuntu adedelwe aye edolobheni noma aqhubekele phambili ngaphandle uma eyokwenza umsebenzi ohlonzwe njengomqoka ngesikhathi sokuvalwa kwezwe.

KwaNdongazibovu (Mgungundlovu) iNhlokodolobha yaKwaZulu-Natal, cishe zonke iziyingi (zones) eziyisihlanu zinazo izindawo zokuthenga ngaphandle kokuthi umuntu aze aye edolobheni. Kulezo zinxanxathela zezitolo kunezitolo zamagama amakhulu okuthi ngenxa yamanani aphezulu, izakhamuzi ziqome ukulibangisa edolobheni, abanye abakholwa ukuthi kunezitolo ezishibhile ngoba ziyancintisana.

Nokho-ke, njengoba elakuleli likuthaqa futhi kunemikhawulo yokuhamba kwabantu, izivimbamgqwaqo ezenziwa abomthetho ziyalinciphisa inani labantu abaya edolobheni ngoba abanye bayajikiswa.

Ngezinsuku zokwamukela isibonelelo sikaHulumeni, kugcwala ngendlela eyisimanga eNhlokodolobha ungaphika ukuthi izwe lisasesikhathini sikathaqa.

Amalungu omphakathi anemibono eyahlukene ngalezi zivimbamgwaqo ezibaseMgungundlovu nomthelela wazo empilweni yawo.

IBAYEDE ikhulume nezakhamuzi emva kokuba uNgqongqoshe Wamaphoyisa, uBheki Cele, ehambele eMgungundlovu ngoMsombuluko.

Izibalo ezikhishwe uNdosi ziveza ukuthi selokhu kwaqalwa ukuvalwa kwezwe mhla zingama-26 kuNdasa, eMgungundlovu sekuboshwe abantu abayi-1 600 ngenxa yokuphula imigomo yokuvalwa kwezwe.

UNks uSindisiwe Nzama (28) uthe: “Lezi zivimbamgwaqo zidala isiminyaminya esingenasidingo, sichitha ihora lonke silinde ukuthi siye emsebenzini, bekumele babe nendlela ethize yokulawulwa kwabantu ngoba abanye bethu banazo izimvumo zokuyosebenza kodwa sifika sesidlulelwe isikhathi emsebenzini.”

See Also

UNkk uMakhosi Methula (49) uthe: “Amaphoyisa awasicabangeli, basithengisa kulezi zitolo zabadla izambane likapondo. Njengoba ngihlala eMbali ngingenayo imoto, ngisetekisini, bathi kumele ngibe nemvumo yokuphuma kodwa uMengameli sezwa ethi uma siyothenga ukudla singaphuma. Uma ngisuka eMbali kuthiwa angiye e-Edendale njengoba iseceleni nje uma ngihlala e-13 kusho ukuthi kumele ngigibele kabili, uma ngizohamba ngibuyele ekhaya sekumele ngigibele kane, lokhu kuyasihlukumeza. UHulumeni kumele abe nendlela ehlelekile azolungisa ngayo lolu daba.”

UNkk uNonjabulo Majola (24) yena uthe amaphoyisa enza umsebenzi omuhle.

“Enza kahle amaphoyisa asivimbe ngoba abazali ngathi sebekhohliwe ukuthi singabafundi sibalekisiwe emanyuvesi ukuze singathelelani ngaleli gciwane kodwa ukufunda kuyaqhubeka, bona basithuma sengathi isikhathi esejwayelekile, sizivakashele nje emakhaya.”

UMthokozisi Mahlaba (34) uthe: “Siyazithokozela lezi zivimbamgwaqo ngoba asikwazi ukuthi sizothemba abantu ukuba benze okulungile kulesi sikhathi samanje. Siyavuma zinesicefe ngoba akusanyakazeki lapha eMgungundlovu uvinjwa ngapha nangapha futhi nesiminyaminya sikhulu.

Kunabantu abaningi abakhonondayo ezinkundleni zokuxhumana ngokuthi bagcina bekhokhe imali eningi ngoba baphoqwa ukuthi bathenge ezitolo eziseduze kwabo, kodwa manje isikhathi lapho kumele sizivikele nathi njengezakhamuzi ngoba sizogcwala ezitolo ezithize bese sitheleleka ngaleli gciwane.”

UPinky Ndlovu (28) uthe: “Lezi zivimbamgwaqo aziwakhi umqondo kepha kuya ngokuthi ukwazi ukuqamba amanga kangakanani uma amaphoyisa ekuvimba bese udlula.”

Scroll To Top