Ingumvuka wendulo eyaseNtembeni



UZulu uyintatheli ephenyayo esimkatshubovu.
UMSUKA wezinxushunxushu ngentuthuko esizweni saseNtembeni eMelmoth ziqale ngonyaka ka-2010 ngesikhathi kusabalala izindaba zokuthi umphakathi uzosuswa endaweni uyiswe eBabanango ngoba umhlaba usudayiselwe abemayini uSungu-Sungu
Ukusabalala kwezindaba zokususwa kwesizwe saseNtembeni kwathukuthelisa umphakathi nabaNtwana beNdlunkulu yaseNtembeni nababe sebebiza umhlangano ophuthumayo neNkosi yesizwe, uThandazani Zulu ukuba azochaza ngokwenzekayo endaweni njengoba kwakukhonjwa yena ngenjumbane ukuthi udayisele abemayini umhlaba.
Ukushuba kwesimo kwabhebhethekiswa nawumhlangano womphakathi owawubizwe yikhansela le ndawo uMnu Mike Khuzwayo ngo-Zibandlela ka-2011 okwakuzochazelwa kuwo amalungu omphakathi ngokususwa kwawo endaweni ngoba sekuzongena imayini.Lowo mhlangano okwacishe kwabanjwana ngezihluthu kuwo ngesikhathi umphakathi uvuka indlobane uchitha indaba yokususwa endaweni wawuhanjelwe yiMeya yaseMthonjaneni, uNkk Shadile Ndlangamandla kanye nezikhulu zemayini uSungu-Sungu.
Ngokubona ukushuba kwesimo abantwana bendlunkulu yaseNtembeni babe sebebiza umhlangano ophuthumayo neNkosi uZulu owawubanjelwe esikoleni iNtembeni High School ukuba iNkosi uZulu izochaza ngokwenzekayo esizeni. Ngesikhathi iNkosi uZulu iphekwa ngemibuzo ukuthi ikwenze kanjani ukuba ivumele abemayini endaweni ingabonisananga nomndeni nesizwe yavele yakhihla isililo icela uxolo emndenini. Yazithethelela ngokuthi yona ibingazi ukuthi ngokusayina amaphepha avumela abemayini uSungu-Sungu ukuba bazoqalisa ucwaningo endaweni kwase kusho ukuthi isidayise ngendawo.
Kwabe sekuhlelwa omunye umhlangano wabantwana, iNkosi uZulu nomphakathi, owabanjelwa kuso futhi isikole iNtembeni High School.
Kulowo mhlangano kwakhiwa ikomiti labantwana elalizosizana neNkosi, phakathi kokunye ukulungisa isimo esasesonakele semayini kanye nodaba lwemingcele. Kwatholakala ukuthi indawo eningi yaseNtembeni idliwe ngamakhosi angomakhelwane okubalwa kubo neNkosi yasoBuka uChakide Biyela. Kulowo mhlangano kwaphinde kwavunyelwana ngokuthi kuzomele sidatshulwe isivumelwano iNkosi eyabe isenze nabemayini uSungu-Sungu ebese le nkampani ifaka isicelo esisha sokuzosebenza endaweni nesabe sesizobhekwa yikomiti labantwana.
Ngemuva kokusungulwa kwaleli komiti labantwana isimo sibuyele kwesejwayelekile njengoba bese kunokuthula nokusebenzisana okuhle nabemayini, abagcina bethembisile ukuthi ukuthi abekho abantu abazosuswa endaweni noma ngabe insimbi iyatholakala ngaphansi.
Kuthe ngo-20 12 kwakhiwa ikomiti le ntuthuko elibizwa nge-steering committee elinamalungu omphakathi avela ezigodini ezahlukene, amakhansela kamasipala, abemayini, Ingonyama Trust Board, abaNtwana beNdlunkulu yaseNtembeni, iNkosi uZulu namalungu omkhandlu wayo. USihlalo we-steering committee iNkosi uZulu kuthi unobhala kube nguNksz Sibongile Nene.
Kuthe kusasetshenzwa kahle yaqala inkinga emphakathini waseMakhasaneni sekukhona amalungu athile omphakathi aholwa nguMnu Mbhekiseni Mavuso abesethi wona afuna ukuzimela, azisungulele i-Trust yawo engekho ngaphansi kwesizwe saseNtembeni. UMnu Mavuso nekomiti lakhe bathi ilungelo lokuzimela balinikwe yiNkosi uZulu.
Ibuzwa yiKomiti labaNtwana, iNkosi uZulu yaphika yalala ngomhlane ithi ayazani nalokho kodwa ngokuhamba kwesikhathi kuhlalukile ukuthi ngempela iNkosi uZulu yayibanikile lelo gunya lokuzimela.
Kuthe nyakenye kusasetshenzwa, iNkosi yaqhamuka isithi isinelinye iKomiti labaNtwana esizosebenzisana nalo ezindabeni zemayini, yabe seyinqinda amandla ikomidi elidala ngokuthi lingabe lisangena ezindabeni zemayini kodwa libhekane nezindaba zemingcele.
Lokho kwaba ngukuqala kwezinye izinxunxushunxushu ngoba akuphelanga sikhathi esingakanani yaxabana futhi neKomiti labaNtwana elisha nokuphethe ngokuthi kubizwe umhlangano ophuthumayo womndeni nokuyilapho kuphakanyiswe ukuba ikhishwe esikhundleni ngenxa yezinsolo zokungaziphathi kahle okubalwa nokutholakala emacaleni abucayi okuthiwa ehlisa isithunzi sabantwana.
Ngesikhathi salezi zingxabano uMnu Mavuso ubonakale ehambela izigodi ezahlukene eNtembeni ephelezelwa ngabelungu, kwathiwa banxenxa umphakathi ukuba uchithe imayini endaweni.
Abaholi bomphakathi basola uMnu Mavuso ngokusentshenziswa ngabamhlophe ukugovuza umphakathi ukuba uchithe imayini esikhona uJindaal Africa (Jindaal). Bathi uMnu Mavuso usejikela uJindaal ngoba uJindaal unqamule umbele abewuncela kusaphethe uSungu-Sungu.
Kuzokhumbuleka ukuthi uMnu Mavuso ubeqashwe nguSungu-Sungu esiza i-Geologist ebihlola izindawo okuzokwenziwa kuzo ucwaningo nokuthe sekuthatha uJindaal yabe seyikunqamula ukusebenzisana naye ngoba isisebenzisana nezinhlaka zomphakathi.
Abaholi bomphakathi okubalwa kubo uMnu Bheki Zungu, umNtwana uSipho Zulu noNksz Nene basola uMnu Mavuso ngokunxenxa umphakathi ukuba uphikisane nesiphakamiso seSILO sokufuna ukufaka isicelo esihlangene sokubuyiselwa umhlaba owathathwa emakhosini nguhulumeni wamaKoloni nowobandlululo. Bathi, uMnu Mavuso uthi akuvikelwe amapulazi abalimi abamhlophe ngoba uma bephucwa umhlaba umphakathi uzolahlekelwa yimisebenzi.